Akadedelwe asebenze uBroos
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Lowo owayeyisitobha se-Orlando Pirates uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni uyibona iya nakanjani iBafana Bafana kumqhudelwano weNdebe YoMhlaba ezokuba seQatar ngonyaka ozayo.
USangweni usho lokho kade ekhuluma nelaboHlanga ekumqhudelwano eMthonjaneni Mayoral Cup.
“Nginethemba kakhulu ngeBafana Bafana, maningi amathuba okuthi izokwazi ukuyosimela eQatar ngonyaka ozayo,” kusho uNsimbi.
IBafana izihola phambi eqoqweni ekulo ngamaphuzu ali-10, ilandelwa ngemumva iGhana yona enamaphuzu ayi-9. Isalelwe imidlalo emibili, izobhekana neZimbabwe ekhaya bese idlale neGhana kozoba sekuhambeni.
Umdlalo weBafana Bafana neGhana, kulindeleke ukuthi ube nzima kakhulu kwazise izobe ifuna ukuziphindiselela njengoba yahlulwa ngegoli elilodwa eqandeni nelavalelwa phakathi uBongokuhle Hlongwane weMaritzburg United.
IBafana Bafana yagcina ukungena kweyoMhlaba ngonyaka wezi-2010 ngesikhathi yayisingethwe kuleli. Ngonyaka wezi-2014 eBrazil ayibanga khona, nangowezi-2018 eRussia kube esifanayo.
“Baningi abantu akade benomungabaza umqeqeshi uHugo Broos, kodwa amathe abuyele kasifuba manje. Okungichaze kakhulu ukuthi uthe mayefika wabe ethi akafuni ukuzihlanganisa nama-agents. Iqiniso isinqumo esihle lesi asithatha, ngoba lokho kulibulale kakhulu ibhola. Udinga ukuthi asekwe manje abantu bengalokhu bejaha ukugxeka” Kusho uSangweni.
Eqhuba uthe: “Okungichaza ngoBroos ukunika abadlali abancane, nalabo abenza kahle ithuba. Akayi ngokuthi unegama noma cha. Laba abanegama balitholile ithuba, sekwelabanye manje ithuba” usho kanje.
UNsimbi uke wagijima isikhathi eside eqenjini lesizwe.
Kuyimanje uthe umatasa nokuvundulula ikhono labadlali abancane. Uneqembu ekuthi iDondotha.
Lenkakha eyayisitobha, nayo ibidlalela izinkakha zePirates ebezitholene nezeKaizer Chiefs.
Umdlalo walezi zinkunzi zaseSoweto uphele zibambene ngegoli elilodwa nhlangothi zombili.
Kubadlali abebekhona ukukha phezulu uCryil Nzama, Derick Spencer, Frank Makua noDoctor Khumalo beChiefs, uJerry Sikhosana, uWilliam Okpara, uSteve Lekolea noThapelo Liau bePirates.