UGwabini unomuzwa wezibusiso zoBukhosi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMengameli wa-AmaZulu uSandile Zungu ubabaza amandla eSILO Samabandla, uGoodwill Zwelithini osanda kukhothama.
Usuthu luzibekisele indawo kweyamaqoqo eChampions League ngempelasonto kulandela ukubambana ngelilodwa ngapha nangapha nezinkunzi zaseDRC Congo, iTP Mazembe.
Ngokwenza lokhu, Usuthu luqophe umlando. Kuzoba ngokokuqala lidlala kweyamaqoqo kuChampions League.
UZungu exoxa nelaboHlanga ephesheya kwezilwandle ubonge amandla kaNgangezwelakhe ngempumelelo yeqembu. “Iqembu, Usuthu lakhiwe esisekelweni sesizwe. Ngowe-1932 mhla lisungulwa kwayiwa eSigodlweni KwaDlamahlahla. Kwakhulunywa neSilo esasibusa ngaleso sikhathi uSolomon kaDinuzulu. Walibusisa leli qembu walikhulula ukuthi alibizwe ngesizwe, iZulu Royals. Ngemuva kwesikhathi kwaguqulwa kwathiwa AmaZulu. Unyaka omqoka kakhulu wokubanyandezulu kukaBhejane phuma esiqiwini. Ukuphumelela kweqembu ngale ndlela eliphumelela ngayo kuyazikhombisa ukuthi sibusisekile manje. Abanye bathi lezi yizibusiso zikaNgangezwe Lakhe. Yizona ezihamba phambi kwethu manje,” kubeka uZungu.
Usuthu luyadlondlobala ngaphansi kobuholi bukaZungu
“Sidlalela ukuthi unyaka wezi-2021 kube ngunyaka oyingqophamlando emlandweni woSuthu. Besiyiqembu elihlezi lihudulwa lapha phansi lilwela ukuvika izembe. Besihlale sisemngceleni wehlathi nokukhanya. Nokho izinto ziguqukile. Siqede isizini edlule siqhwakele sihlezi endaweni yesibili. Simele izwe lonke ezwenikazi i-Afrika kuCaf Champions League. Sibalwa namazwe ali-16 ahamba phambili e-Afrika. Uma ukhuluma ngezinkunzi zamaqembu afana no-Al Ahly, iZamalek, iWydad Casablanca noMamelodi Sundowns igama loSuthu elisali ngaphandle. Yinto engakholakali,” kuqhuba uZungu.
Amaqembu azodlala kweyamaqoqo eChampions League asazoqhathwa. “Leli gama elithi AmaZulu, akumele nje laziwe eNingizimu Afrika kodwa kumele laziwe i-Afrika nomhlaba wonke. Sesiwuqalile-ke lowo mkhankaso. Umgqigqo wethu njengeqembu uya phambili. Sifuna ukuthi uma sesigubha iminyaka eyikhulu ngo-2032 kwaziwe nje ukuthi Usuthu yilona iqembu elivelele. Lokhu esikwenzayo kuseyisiqalo. Okwamanje sisakha isisekelo,” kuphetha uZungu.