Izikhongeli yinsimu yohlanya: Kuningi okushiwo osopolitiki
Babencelisa amawele bekhuluma beziphikisa ngokwehlukana abaholi nangobuningi bamaqembu epolitiki. Babeziveza emphakathini bewunxenxa ukuba ubavotele esikubiza ngokuthi ukukhankasa. Babebalula okwakuqukethwe yizikhongeli zabo, esikubiza ngokuthi amamanifesto.
Abanye sababona ukuthi babengenawo lowo muzwa kwezemfundo onyakeni wezi-2016 nangowezi-2021. Asibezwanga, asibabonanga, asifundanga lutho ngabo abakugxekanga obala ukushiswa nokucekelwa phansi kwezikole, mzukwana kwakunokhetho loMasipala ngale minyaka.
Iningi labo alivezi asebekwenzile nesikubonile, nesikwaziyo kusukela okhethweni lwasekhaya loMasipala olwalumhlazintathu kuNcwaba onyakeni wezi-2016.
Abaqhamukanga nezinhlelo zokuxhasa abafundi kwezemfundo onyakeni wezi-2015 ngenkathi abafundi babenomkhankaso owawubizwa nge#FeesMustFall. Asibabonanga labo sopolitiki beveza izinhlelo. Kuphela kwaba ukuzenzisa sengathi babezwelana nabafundi. Bakhona abaholi noma abantu abasiza abanye abafundi ngezindleko zemfundo bengebona osopolitiki kusukela ngalowo nyaka.
Nabo njalo abafundi abathandi noma umphakathi awuthandi ukubhekisisa, ukubukisisisa, ukucwaningisisisa nokulalelisisisa abaholi uma bekhuluma. Bese beyabalandela kancane nsukuzonke ukuthi bayakwenza yini okuhle labo sopolitiki abathi bafuna ukuphatha izwe.
Esakubona nasasikuzwa babethi akuwiswe zonke izithombe zikasimende zamakoloni eNingizimu Afrika. Kwaze kwasuswa nesasiseRhodes University sikaCecil John Rhodes, bangengeza okusha. Kwamangaza ukuthi abanye babafundi nalabo baholi bafunda eRhodes University nakuwona amanyunivesithi amakoloni.
Kwakuwunyaka wangowezi-2015 okwakufanele laba baholi baqhamuka, lamaqembu aqhamuka nezinhlelo zezikhwama zokuxhasa abafundi ngezezimali, zokufunda emanyunivesi njengabo. Hhayi ukuvela manje kuthiwe kusazokwenziwa lokho.
Singamethemba noma angathembeka kanjani umuntu ongenzanga okuhle mayelana nezemfundo noma ongabanga nomuzwa wokusiza kwezemfundo nokunye okuhle esavunyelwa yithuba lokukwenza.
Ngisho nina beKumkani uHintsa kwesamaXhosa, beNkosi uMzilikazi kwesamaNdebele, beNgwenyama uSobhuza Wokuqala kwesamaSwati, bakaKgosi uMahikeng kwesabeTswana, bakaKgosi uMoshoeshoe Wokuqala kwesabeSotho, bakaKgosi uSekhukhuni kwesabaPedi, bakaKhosi uRamabulana kwesabaVhenda, bakaHosi uSunduza Mhinga Wokuqala kwesamaTsonga, beNkosi uSoshangane Ndwandwe kwesamaShangane, beNgonyama uCetshwayo kwesamaZulu.
Ngesishozi imithombo yezindaba eyehlukahlukene inobuxoki isinyelela. Ayibavezi abantu abaxhase kwezemfundo. Ayibhali ngendlela egqamile ngabo. Ivamise ukubhala ngezigameko ezimbi ngabo. Iveze kancane okuhle ngabo. Bese ibhala kugqame okuhle, kukhulunywe kahle ngabo sebefile. Nomphakathi unalo mkhuba.
Abanye babaholi boHlanga ikakhulukazi abazange noma asikaze sizwe sibone ukuthi sebasungula izikhwama noma izinhlelo zokuxhasa abafundi. Ngibhekisisa ikakhulukazi kusukela noma emveni kokhetho lokuqala ngqa lukazwelonke, lwamhla zingama-27 kuMbasa, onyakeni we-1994, nolwangowe-1999.
Bakhona abaholi asebakwenza lokhu emva kokuba uMengameli wokuqala uMnu uNelson Mandela, kuH ulumeni wedemokhrasi we-1994 nowe-1999. Wasungula isikhwama sokuxhasa abafundi kwezemfundo esibizwa ngeNelson Mandela Children’s Fund iNMCF onyakeni we-1995.
Kwezwakala onyakeni we-1998, yize kwakunganakekile ngenkathi enza njengoMadiba, uMnu uJacob Zuma. Ingani uMsholozi wayesungule isikhwama esibizwa ngeJacob Zuma Education Trust Fund, yize wayengayanga esikoleni futhi engakabi nguMengameli we-ANC ngowezi-2007 kanye nowezwe kowezi-2009.
Abanye baze baqhamuka emva kowezi-2000. Kuyaziwa ukuthi bayingcosana abakwenza lokhu noma okunye okwehlukile ngenkathi bevunyelwa yithuba lokukwenza.
Lutho abanye okhethweni lukazwelonke olwalumhla ziyisishiyagalombili kuNhlaba kowezi-2019. Nasokhethweni lukazwelonke olwalumhla ziyisikhombisa kuNhlaba kowezi-2014.
Kwathi sebekuqalile okuhle kwavela abanye noma ezinye izinhlaka zaphonsa esivivaneni semfundo ababesisungulile. Njengobani ongakufisi ukwenza into enhle kangaka ezweni uma ithuba limvumela ukukwenza.
Lwafika lwedlula ukhetho lwasekhaya okwakuzokhethwa kwamakhansela ayezoya emikhandlwini yomasipala ezweni lonke. Lwalungomhla lulunye kuLwezi kowezi-2021 osukwini lwangoMsombuluko.
Saba nabaholi noma osopolitiki boHlanga esasingababuka njengabantu ababengosomathuba, ababeqhamuka kunokukhala, kukhononda emphakathini kepha kungekho okuhle abakwenzayo noma abakushiyayo kwasebenzela abantu abathi babakhathalele.
Sinabo noma babe khona abaholi boHlanga abenza okuncomekayo mayelana nezemfundo nokunye okuningi kusenoHulumeni ababebizwa ngoHulumeni bezabelo noma ngaphambi kukaHulumeni wedemokhrasi. Abanye babanesandla ekwakhiweni kwezikhungo zemfundo bexhaswa ngezinye izinhlaka noma ngabanye abantu.
Akubonwa lokhu okuhle kangaka kulaba baholi bepolitiki boHlanga bamanje. Kugqama ukubanga umsindo nokukhulumela phezulu kube sengathi kukhona lowo mholi akwenzela izwe nangesingaye hhayi ngokweqembu lepolitiki.
Ilona hlobo lwabaholi esilubonayo ezweni futhi abantu abathatheka kalula yibo noma ngabo. Engabe babhekisisa ukuthi yini asebayenza ngabodwana ezweni abalakhelile noma ngasemakubo.
Bonke laba baholi kanye nalaba abathandwayo babekhankasa, bebalula izinto abathi babezozenza uma kuphethe bona noma izinhlangano, amaqembu ezepolitiki abo komasipala.