Now Reading
Amahlubuka asebulele inqwaba yezakhamuzi eBurkina Faso
Dark Light

Amahlubuka asebulele inqwaba yezakhamuzi eBurkina Faso

UMengameli wesikhashana waseBurkina Faso, uPaul-Henri Damiba, uthe ngoLwesihlanu umugqa wesikhathi wokuguqukela entandweni yeningi wezinyanga ezingama-36 ungabuyekezwa uma isimo sezokuphepha siba ngcono. 

Izwe laseNtshonalanga Afrika libhekene namahlubuka ahlangene ne-al Qaeda kanye ne-Islamic State asebulale izinkulungwane zabantu kwakhona abashiya amakhaya abangaphezu kwesigidi esi-1.7. UDamisa uthi lempi kumele inqandwe ngokushesha kungakenzeki umonakalo omkhulu.

Umbutho wezempi wakuleliya lizwe, owathatha izintambo zombuso ngesikhathi kuketulwa umbuso ngoMasingana, wenqabile ingcindezi yabaholi baseNtshonalanga Afrika yokuthi bafinyeze isikhathi sokhetho sibe ngaphansi kweminyaka emithathu. 

Khonamanjalo, iNhlangano Yezizwe Ezivikela ukuthula eMali ithumele amayunithi amabili endaweni esemngceleni weBurkina Faso neNiger ukuze aphendule ezigamekweni zokubulawa kwabantu, isho ngoLwesine.

Ukwanda kokuhlaselwa kwabantu kusukela ekuqaleni kukaNdasa yinhlangano engaphansi kwe-Islamic State kushiye amakhulu ezakhamizi eshonile, ngokusho kwemithombo esemthethweni nezempi. Lesi sifunda sekuyisikhathi eside sigcwele udlame lwama-jihadist kanye namasosha eNtshonalanga Afrika. 

“Isimo sezokuphepha endaweni esemngceleni weTri-Border ikakhulukazi eTessit, eTalataye, e-Ansongo kanye nesifunda iMenaka, sibi kakhulu emasontweni adlule,” kusho uphiko lwe-U.N. lokugcina ukuthula, iMINUSMA. 

I-MINUSMA itshale uphiko olulodwa kule ndawo esikhathini esingangesonto eledlule kanti isezinhlelweni zokuthumela olunye ngoLwesine, yengeza ngokuthi ukuhlasela kuholele “ekushoneni kwabantu abaningi”.

See Also

Izakhamizi ziqondiswe kulo ngesikhathi sokuhlasela kokuziphindiselela phakathi kwamaqembu ezizwe zamaTuareg, okuhlanganisa iMovement for the Salvation of Azawad (MSA), kanye ne-Islamic State in the Greater Sahara (ISGS), ngokusho kweMSA kanye nemithombo yendawo.

Cishe zingama-500 izakhamizi ezibulewe emasontweni amathathu edlule ezifundeni zaseGao naseMenaka, kusho umthombo wamasosha, ocele ukungadalulwa ngoba ubengagunyaziwe ukukhuluma. 

Isikhulu sikahulumeni esifundeni saseGao sithe cishe abantu abangama-200 babulawa endaweni yaseTalataye phakathi kukaNdasa zingama-21 nama-25, kwathi izinkulungwane zasala dengwane.

Scroll To Top