Now Reading
Izwe lingene labhajwa kunoxhaka omdala wabathumbi bezizwe
Dark Light

Izwe lingene labhajwa kunoxhaka omdala wabathumbi bezizwe

Ngithi nami ake ngisike elijikayo mayelana nezigameko esizibona zenzeka kuleli lizwe kuleli sonto lokwandulela ukhetho loHulumeni Bendawo.

Izwe lethu lingene shiqe kunoxhaka wabathumbi baseYurophu. Njengamanje asisenazo izinqumo noHulumeni asisenawo sesibuswa ngalowaya mbandelaluqhotho obizwa nge“Structural Adjustment”. Izwe lethu seliyikoloni yamaNgisi ngokusemthethweni. Ezomthetho nezobulungiswa zisezandleni zamaNgisi.

Akusekho futhi okungenzeka ngaphandle kokuthi abantu bazilwele ngokuqumba phansi lombuso ngevoti nangokuduba ukusekela amabhizinisi ezitha. Abafokazana basithumbe ngqi. Nosuke enze amahewu ehlabe nexhogwana kumele ayokhonza kubona kuqala ngisho imithombo yommbila, neyamabele esikhuleka ngakho kokhokho bethu sesikuthenga ezitheni zethu.

Kubukeka sengathi nabakwethu sebekwemukele ukuba yizinqibi nezimba nezigqila emhlabathini wokhokho babo. Sesathenga ngisho otamatisi, nenhloko imbala isitholakala emaMall emaSuphamakethe ezitha zethu. Kodwa noma kunje alukho olusha ngoba nesintu siyasho sithi umlando uyaziphinda.

Uma sizowumba olimini lwesiZulu singabuka lamagama amane amele umhlabathi: iMpumalanga okuyigama elisusela lapho “Ilanga livela ngakhona, kube yiNtshonalanga ecacisa umkhombandlela osho lapho ilanga lisithela ngakhona. Kube yiNyakatho leli yigama eliyisakhiwo samagama amabili asho izinto ezihlukene nanka: “Nyaka” lokhu kungasho isilimela noma ukunyakaza kwento ethizeni, noma ukuhamba kwento ethile, njengoba ukuhamba kwezinsuku nokwezinyanga uma sekuhlangene kwakha isilimela esibizwa ngonyaka, okuwumzabalazo omkhulu noma umnyakazo omkhulu.

Elesibili lithi “Tho” lokhu kungasho ukubona noma ukukhomba into ethile noma ukuvumbuka kwento thizeni. Uma selihlangene lithi Nyakatho. Lokhu kungasho ukuthi emva kwesilimela kuvela okuthizeni, noma kuba nomnyakazo bese kubonakala okuthizeni okungaba ngokungalindelekile. Leli gama linesakhiwo esicacisa umlando ocashile othi abantu babevela endaweni esekukhombeni okungasenhla, kusho ukuthi abantu baqhamuka ngasenhla.
Elokugcina yi“Ningizimu” leli ke lisobala ngoba lisho isizinda noma indawo yamazimuzimu amaningi.

Njengamanje sizithola sesibhajwe khaxa ogibeni lwamazimuzimu amaningi siyadliwa siyaqotshwa siyaphela. Umbuzo ke uthi ngubani noma ngobani laba abangamazimuzimu na?
Impendulo ithi njengoba umlando wokhokho bethu esaduswa yizitha kuwona satshelwa ukuthi asowubiza ngezinganekwane usixoxela izindathane zezindaba ezithinta izivuvaba zokungqubuzana kwamazimuzimu nohlanga lwabantu. Aphelelaphi pho lawo mazimuzimu: Abantu ababehluphana nawo bona basekhona, nezizukulwane zabo zisekhona.
Impendulo ithi lawomazimuzimu ayedla abantu emandulo asekhona nanamuhla umehluko wukuthi wona asecashe ezinhlayiyeni zolibofuzo olusemagazini ethu.

AmaNgisi ngiwethulela isigqoko ngoba akwazile ukuzinika ithuba acwaninga ngemuva lethu aphumelela ukuthola ubuthakathaka bobuzimuzimu obucashe emagazini ethu, namuhla sibuswa yi-Europe ngesandla sethu nangabantu bakithi uqobo abathokozela ukuklamuza igazi nenyama yabantu bakubo, badla igazi nenyama yethu, bondla imindeni yabo ngosizi nezinyembezi zethu.

See Also

Kunamabhoklolo akhuluma aze avukwe ngamaqunga uma esethunywe ngabacindezeli baseYurophu. Sifelwe nawuBukhosi bomdabu. AMakhosi asenqineni yokuzingela izinsalela zabendabuko ukuze ezokondla imindeni yawo. Vele nangemihla yokuthengiswa kwethu njengezigqila sasithengiswa yiwona amakhosi ngojeke nje wombhubhudlo kashukela.
Namuhla ke ubuzimuzimu sebusivukele ezweni esilibiza ngezwe lamazimuzimu amaningi, siyaphela isizwe sabendabuko siqedwa ngabantu baso abazenzela inzuzo ngokudayisa ngabantu bakubo eYurophu. Lesi sizwe siyashatshalaliswa, kubuhlangu kakhulu ngoba ngisho labo esibabiza ngamakhosi ethu yiziphukampu nje ezizihubhela amapuleti nokuba ngo “good boy” bezitha zesintu.

AmaNgisi njengamanje kubukeka sengathi asesemkhankankasweni wokushabalalisa uhlanga lwalabantu ababizwa ngabangoni uma useNingizimu Afrika, naseMalawi, babizwe ngamaTsonga/ Thonga / Ndawu/ Nyimbani eMozambque, babizwe ngama Nyanja/ Lozi eZambia namaNdebele namaSenna namaKaranga eZimbabwe naseMozambique.

Laba bantu bayisizwe esiyigazi elilodwa futhi kubukeka sengathi bazoshabalaliswa njengesizwe sama-Incas ase-America aqedwa ngamaNgisi aphela nya. Ngenxa yamazimuzimu afana nathi naphila nathi sizodliwa siphele nya.

Scroll To Top