Now Reading
Ichwane lemvubu: Abalandeli nemiphakathi bakhala ngobulungiswa
Dark Light

Ichwane lemvubu: Abalandeli nemiphakathi bakhala ngobulungiswa

Zisankenketha namanje izinhliziyo zabasondelene nowayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa owadlula emhlabeni ngowezi-2014. Maphakathi nesonto bekuphela iminyaka eyisi-7 lo nozinti adlula emhlabeni.

UMeyiwa wadutshulwa kade evakashela unina wengane yakhe uKelly Khumalo eVoslorus, eGoli. Wadlula emhlabeni esefomini eyisimanga kuBafana nakuPirates. Nguyena owayesephethe ibhande likakaputeni.

Kuze kube yimanje ababulali bakaMeyiwa abatholakali. U-Augusto Palacios okhulise uMeyiwa ezinhlakeni zenkulisa kweZimnyama utshele elaboHlanga ukuthi iyamgulisa eyokuthi kuze kube yimanje abakatholakali abantu abadubula babulala uMeyiwa.

“UMeyiwa ngimazi emncane. Wafika kuPirates eneminyaka eli-14 esuka eThekwini. Kusukela emncane wayesebenza ngokuzikhandla. Ngangingangabazi ukuthi uzodlala ezingeni elikhokhelayo ngenxa yekhono lakhe. Lokho kwashesha kwacaca. Akuzange kubelula-ke kodwa. Uhlale isikhathi eside engadlali eqenjini elikhulu lePirates. Bekumele alinde abadlali abafana noWilliam Okpara, uThabang Steemer, u-Isaac Chansa noMoeneeb Joseph ngaphambi kokuthi athole elakhe ithuba. Akazange aphele amandla. Kuthe lapho esesefomini yomhlaba bavele baqeda ngempilo yakhe. Yilokho okwenza inhliziyo yami ibe buhlungu kakhulu. Ngihlalele ethembeni lokuthi siyolithola iqiniso ngelinye ilanga,” kubeka uPalacios obefana nobaba kuMeyiwa.

Sekuphele iminyaka eyisikhombisa manje uMeyiwa wabekwa emathuneni aseChesterville, eZinkawini.

“Bonke laba bafana bakhulele kimina. Ukudlula kwabo noLesley Manyathela noGift Leremi kufanele nokulahlekelwa ngamadodana kimina. Ngangisabheke lukhulu kubona. Kungcono umuntu adlule emhlabeni engasadlali. Manje bonke bahamba lapho sebesefomini eyisimanga. Iyona into engiphatha kabi kakhulu leyo,” kusho uPalacios.

UMeyiwa wahlabana ngezicoco eziyisithupha amasizini elandelana kweZimnyama.
“USenzo wayengumuntu wabantu. Akekho umuntu owayengamthandi. Wayehlale ehleka ngaso sonke isikhathi. Wayekukhathalele nokusiza ozakwabo. Ngidabukela kakhulu umndeni wakhe. Ubewenzela konke. Ngidabukela izingane zakhe. Ngelinye ilanga kumele balithole iqiniso,” kulandisa uPalacios.

KuBafana, ugqame kakhulu ngesikhathi sika-Ephraim “Shakes” Mashaba. ElaboHlanga lixoxe naye uMashaba ngoMeyiwa.

“UMeyiwa wayengumholi wokuzalwa. Empilweni kubanjalo-ke, amaqhawe afana noMeyiwa akahlali isikhathi eside. Wayekwazi ukuhlanganisa iqembu libe yimbumba. Ozakwabo babemkhonzile ngoba wayehlale ehleka kodwa uma sekusetshenzwa uzomthola phambili. Wayekwazi ukumelana nobunzima futhi enesibindi ngendlela eyisimanga. Lokhu yikona okwenza ngamenza ukaputeni. Ngalimala kakhulu ngizwa ngezindaba zokudlula kwakhe emhlabeni. Angikholwanga. Nokho uMdali unendlela ahlela ngayo izinto zakhe. Ngelinye ilanga ababulali bakhe bazotholakala. Kwesinye isikhathi izinto ezinkulu zithatha isikhathi. Impilo injalo-ke,” kubeka uMashaba.

“Umndeni wakhe awusoze waphola ngokwenzeka kuSenzo. Incwadi engcwelwe-ke iyachaza ukuthi uNkulunkulu akakuthwesi okungaphezu kwamandla akho. Nomndeni wakhe uSenzo uyolithola iqiniso. Okumqoka nje wukuthembela emandleni oMdali. Kuyena akukho okungenzeki,” kuchaza uMashaba.

Iqembu ayedlala kulona iPirates isizame inqwaba yonozinti ukuvala isikhala sakhe kodwa ihluleka.

Eminyakeni eyedlule izame uFatau Dauda, uFelipe Ovono, uBrighton Mhlongo, uJoris Delle, uBrilliant Khuzwayo, uWayne Sandilands noSiyabonga Mpontshane. Kubo bonke laba onozinti akekho oseke walenza elakhe isikhathi eside ijezi njengoba kwenzeka ngesikhathi sikaMeyiwa.
Okubukeka kuyikho eqhubeza ubuhlungu emndenini wakaMeyiwa ukulokhu kuboshwa abasolwa okungebona.

See Also

Muva nje kuvele enkantolo enkulu yasePitoli abasolwa abayisi-6 okubalwa uMuzikawukhulelwa Sibiya, uBongani Ntanzi, uMthobisi Mncube, uMthokoziseni Maphisa noSifisokuhle Ntuli.
Umfowabo kaSenzo, uSifiso uyasho ukuthi laba basolwa akubona ababulala owayengunozinti weZimnyama Ngenkani.

“Laba basolwa bayazi ukuthi abazange bambulale uSenzo, bayashawa ejele ukuze bavume ukuthi bakwenzile lokho. Imindeni yabo ithenjiswe imali. Konke lokhu kuboshwa kwalaba basolwa kuyinto ehleliwe, kubuhlungu ngoba thina siwumndeni siyabufuna ubulungiswa” usho kanje uSifiso.

ElaboHlanga likhulume noJoseph “Dukuduku” Makhanya uSenzo owafikela kuyena kwezikamaGebhula.

“Uma ngikhuluma ngodaba lukaMeyiwa (uSenzo) kuvele kuvuke uhlevane umzimba wonke. Indlela ahamba ngayo emhlabeni yangiphatha kabi, okubuhlungu sekuphele iminyaka eyisi-7 kungekho oseke waboshwa. Iqiniso ukuthi ababulali bayaziwa. Umthetho ngiyafisa wenze ubulungiswa mhlambe umndeni wakhe uSenzo ngalelo langa uyokuthola ukuthobeka amanxeba kanjalo nabathandi bakanobhutshuzwayo kuleli kanye nalabo ababesondelene naye,” kubeka uMakhanya.

Uqhube wathi: “UMeyiwa ngangimbona ukuthi unekusasa elihle, kwathi lokho sekuqala kwenzeka bambulala. Imoto yokuqala yakhe wayidayiselwa imina, sasizwana kakhulu naye. Kubuhlungu wahamba emhlabeni izinto sezikhanya,” usho kanje ecweba izinyembezi.

Omunye okhulume nelaboHlanga uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni, uthe akazi nanokuthi aqale kuphi ngoba lolu daba lumvusela ubuhlungu. Uvele wathi ucela ukungakhulumi ngoba uzogcine ekhulume okungafanele, ngoba walahlekelwa kakhulu kuSenzo.
Icala likaSenzo kulindeleke ukuthi liqhubeke ngoMbasa ngonyaka ozayo.

Scroll To Top