Ingozi yomhawu ophendule amaqhawe aba ngabakhapheli



UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
Umona nomhawu kungazwakala kuyibizo elihlonza izehlakalo ezifanayo. Kepha uma ungabuka izehlakalo kanye nomonakalo okwenzeka phansi komona ungakuqinisekisa ukuthi kunokwehluka ukwenzeka kwakho kunaloko okwenzeka phansi kwebizo elingumhawu.
Abaholi bethu bezinhlangano ezazihola amadelakufa ayezalwa phansi koBukhosi ayesekubone kahle ukuthi ukuze leli lizwe libuyele kubeNguni kumele balifulathele leli bayothungatha iqhingasu emazweni angomakhelwane nalapho lalizophekelwa khona leliqhingasu okwakumele lisetshenziswe ukukhulula abeNguni ekucindezelweni nasekuhlambalazweni koyise noyisemkulu kusetshenziswa inqubo eyayakhelwe ukushabalalisa isithunzi saboHlanga.
Yebo singekuphike ukuthi ukuzidela kwabo kwathela izithelo negazi elalichitheka lapho izinsizwa nezintokazi zazigingqika nsuku zaphuma zivundisa leli hlabathi okwakuzotshalwa kulo lesi sihlahla esibizwa ngenkululeko. Nokwaholela ekutheni nezinye izizwe zilandele ezithendeni zababeyothungatha lelo qhingasu ukuze nazo zimeleleke uma sesivunwa lesi sihlahla sempumelelo nokwabasiza njengoba nabo kwathi uma sekudidiyelwa iPhalamende nazo zaboshelwa okwazisiza ngokuthi zimeleleke uma sekwabiwa izithebe.
Manje ungene kanjani umhawu?
Kuthe uma bebuya ekubhaceni nalapho babehambe bethwele isizwe emahlombe abo kodwa ngenxa yokubona impilo ephilwa ababesicindezele izinto ababenazo nemizi ababehlala kuyo kwaphenduka inhloso yokulwela ukubuyiselwa esasikuphuciwe kwaba inhloso yokuphila impilo ephilwa ngababesicindezele. Ukufisa ukuphila impilo ephilwa ngabacindezeli lokho kwabagudlula ekudlaleni ibhola badlala indoda ngoba nakuba babekhuluma njengezithunywa ezithunywe ngabantu kodwa iso elikubonile lakuhawukela kwaholela ekutheni uma begatshiselwa ngempilo ababeyibone bayihawukela.
Ukubona abacindezeli emizini ewubukhazikhazi beshayela izimoto eziphambili nezingane zabo abacindezeli ezazidlala ngamathoyizi ezimoto nawezibhamu kwenza ukuthi nabo bahawukele ukuthi nezabo izingane zikhule phansi kwaleyo mpilo okwakuhluka phakathi kwempilo ababehambe bethi bayoyibuyisa okuyimpilo oyisemkhulu abaphucwa umhlaba beyiphila. Njengoba kwakuphilwa ngokulima nokufuya futhi okhokho basuswa ezindaweni ezazivuna imfuyo nezilimo zabo kodwa badudulele lapho konke ababephila ngakho kungezuvunda ukuze baphume bayosebenzela abacindezeli ukuze bakwazi ukondla imindeni yabo.
Ukuhawukela impilo ephilwa ngababesicindezele kwaholela ekulandeleni ibhodwe liconsayo nokuzibambela lona lelo bhodwe akhethe ukuzibondela yena umuntu ukuze aphakele asondelene nabo nanjengoba kwenzeka lapho owaba nguMengameli wokuqala phansi kwentando yeningi umhlonishwa uNelson Mandela lapho aphuma ejele waphila impilo entofontofo nokwathi uma sekufundwa incwadi yakhe yefa esedlulile emhlabeni kwatholakala ukuthi wayeshiyele bonke ayesondelene nabo ifa.
Lo mhawu uholele ekutheni wonke umuntu alwele ukuba umholi khona ezozibambela yena lelo bhodwe eliconsayo nalabo abasondelene naye bamesekele bancamele ukuthi kufiwe kunokuthi angasitholi leso sikhundla ngoba nabo basuke sebegovuzwa yiko ukwenelisa umhawu wabo njengoba engasekho umuntu ongafuni ukuphila impilo ephilwa abacindezeli yobukhazikhazi.
Ishwa esinqwamane nalo singabeNguni ukuthi izindlu eziphathiswe uBukhosi bezizwe okunguZulu, uXhosa, uMpondo, uSithu, uSwati kanye nazo zonke lezi ezinye zabeNguni kwaba yizo lezi zindlu esizibona sezikulahle kude le ukuphila ngendlela yesintu futhi kuvele kucace nje ukuthi lezi zindlu seziphila impilo ephilwa eBukhosini bamaNgisi. Lapha nje KwaZulu akubonakali uMdlokombane angakulungiselelanga ukuthi uyolifulathela leli ngokuthi acije labo abangabamba iSihlalo uma esengasekho phakathi kwethu.
Sonke siyavuma ukuthi uMdlokombane uwusebenzele uZulu wasungula nemikhosi egujwayo eminye okunguMkhosi WoMhlanga kanye nokuvuselela amasiko nokubuyisa ukuhlonishwa kukaZulu ebambisene noNdunankulu wesizwe samaZulu. Kodwa bobabili ubukhulu bomsebenzi wabo ungagcina uyizithukuthuku zenja njengoba kungabonakali becije izindlu zabo ngokukulungela ukuhola uZulu uma bona besishiya.
UMdlokombane kuwuthele ngehlazo umsebenzi wakhe njengoba ethe uma ekhothama kwahlala eSihlalweni soBukhosi bukaZulu ozabalazayo ngisho ukukhuluma ulimi lwesizulu okusithela ngehlazo njengesizwe esihlonishwa umhlaba wonke kodwa iSihlalo soBukhosi bethu sihlalwe ozabalazayo ukukhuluma ulimi lwesizwe esaholwa okhokho bakhe kodwa azohluleka ukukhuluma nesizwe ikakhulukazi ngezikhathi ezinzima lapho abeNguni besocongwe ngamaNdiya kwavele kwangathi iSihlalo asikho uma okuso ehluleka ukukhuluma nesizwe ngolimi lwaso kodwa wabonakala ekwazi ukukhuluma inkulumo ezozwiwa ababulali ngoba abonakala eluqeketha ulimi lwabo okuyisilungu.
Umbuzo uzothi ngenkathi uMdlokombane ematasatasa ethunga uZulu indlu yakhe ibingambambeli na usiba okuyilapho noma ngubani ozothatha iSihlalo uma ekhothama? Ngingangahlonizi nje ukuthi ukuhamba kukaMdlokombane kusishiye iSizwe sihambaze.
Kusiphendule izincethezi lapho sibuthene singuZulu sizotshala iSilo sethu obekungumbuthano obuthinta thina njengoZulu, lapho besigubuzelwe ifu elimnyama ulwandle lugwinye ubaba weSizwe kodwa amazinyane eSILO abencinda dengezi lunye noMdlokombane aziphathisa okwamazinyane aseBukhosini bamaNgisi kwazothi ngisho umlando kababa wethu wethulwa ngesilungu kwashaywa indiva ngisho amabutho okuyiwo abefa lapho kufa khona iSilo kodwa kwahlelwa inkulumo ngomlando weSILO ngolimi lwesilungu. Umbuzo uzothi kungabe uZulu usenguZulu ngemvunulo kuphela uma iNdlunkulu izongcwaba ulimi lwesizulu?
Ngingamvaleli ngaphandle uMntwana wakwaPhindangene njengoba naye muva nje usesethulela inkulumo ngesilungu nakhona lapho wayayethulela ngamalungiselelo okutshalwa kweSILO singabeNguni wayethula inkulumo kwabezindaba ngesilungu. Umbuzo uzothi kungani kudingeka kube yithi beNguni okumele sitolikelwe inkulumo ethulelwa thina sizwe kanti ngobani abanikazi beSihlalo? Khona lapho nginombuzo othi ngabe ubuqhawe obusetshenziswe nguMntwana waKwaPhindangene ukusingatha nokuvikela iSihlalo sikaZulu uyoba khona oyongena ezicathulweni zoMntwana osencinde wancindisisa njengoba uMntwana nakuba umzinba usukhathala kodwa ingaphakathi lakhe lisatshakadula njengenkonyane ngabe bakhona okothi mayesithela uMntwana Basithathe isihlangu esiphethwe uMntwana?
Konke lokhu kukhomba ukuthi labo abasekhaleni lokulondoloza nokuhlakulela umnotho owubuzwe bethu thina beNguni kuthe isizwe sibethembile ukuthi abakusinikela emkhandlwini weZingonyama kodwa ngenxa yokuhawukela ukuphila impilo ephilwa ngabacindezeli bethu bazithola sebezihlakulela eyabo nabasondene nabo impilo abayihawukelayo. Ngokuhawukela ukuphila impilo ephilwa ngabacindezeli abaholi bethu bantshontsha imali bathenge imizi kwamanye amazwe nokuyothi uma sezisisobozela izingonyama bona bafudukele kulawo mazwe asezihlinzekele ngodedangendlale bemizi abayozithukusa kuyo basishiye sibhubha.
Ingakho ngithi umhawu uphendule amaqhawe akithi abakhapheli.