Now Reading
Ungubufakazi bokuthi ukuphila kuyikho konke
Dark Light

Ungubufakazi bokuthi ukuphila kuyikho konke

Ezweni lapho abantu behlale bebalisa ngezinto ezahlukene bethembe nokuthi kukhona ozobatakula, usomabhizinisi okhubazekile uMnu uMusa Zulu uphinde waphenya elinye ikhasi ngempilo nangokuphila. Le nsizwa engagcini ngokuba ngusomabhizinisi kepha eliciko lomdwebi nombhali iklonyeliswe ngendondo iQhawe Mentorship Award. Le ndondo iklonyeliswa umuntu noma ibhizinisi elinohlelo lokufukula nasekuqeqesheni osomabhizinisi abafufusayo.

Ekhuluma emuva kokuklonyeliswa uZulu wakugcizelele ukuthi yize akwenzayo esuke engakwenzeli imiklomelo, kuthi kla kuye nxa ebona ukuthi kanti kukhona abakubonayo okuncane akwenzayo njengomnikelo esizweni.

“Nami njengoba ngilapha engikhona kukhona owangifukula okusho ukuthi kubalulekile ukuba nami ngenze engingakwenza ukuze ngifukule abanye abaludingayo usizo futhi abangalusebenzisa ukuze bazenze ngcono,” kusho uZulu.

Waphinde wachaza ukuthi namanje aboHlanga basanezibazi zobandlululo nathi kumqoka ukuba zelashwe. UZulu okwakungekhona okokuqala eklonyeliswa emuva kokuwuthatha amahlandla amabili ngonyaka ziyizi-2007, ugqoka izigqoko eziningi ngoba uthi ewumbhali wamabhuku futhi abuye abe umdwebi, isikhulumi esiqavile ekugqugquzeleni abanye, abe umdlali wesiginci kanti futhi uyisishoshovu esilwela amalungelo abantu abakhubazekile njengoba naye alimala engozini yemoto wakhubazeka njengoba esebenzisa isihlalo samasondo kusuka ngonyaka wezi-1995.

See Also

Kumisebenzi aseyenzile kubalwa i-The Language of Me [2004], iWheels On The Souls Of My Shoes [2008] anye neTributes: My Story [2012], Imicabango kaCebo ( 2013) . UZulu ungumuntu othi uma enza into, ayenze yenzeke. Uma kungesiyena oklonyeliswayo, kuba ngamabhuku akhe, uma kungewona, kuba imidwebo yakhe okuwubufakazi bokuthi uyindoda esiyibekile induku ebandla.

Scroll To Top