Bekuhlangene aBambo kukhunjulwa iNkosi uThami Mkhize waseMfeni


Ngempelasonto yezi 24 kuMandulo bekufinywa ngeNdololwane kwaMkhize eMfeni eSigodlweni seNkosi uMlulama kaSiyingela njengoba isizukulwane saBambo kade sisingethe umcimbi wokukhumbula iNkosi ekhotheme nyakenye, uThami kaMbhoyi Mkhize.
Lo mcimbi uqale ngoLwesibili zingama-21 kuMandulo wadonsa isonto lonke. Kwakuhlangene abantwana beNkosi uMlulama kanye nezinye izindlu zaBambo kanye nesizwe sonkana. Umcimbi uphethe ngeSonto ngaphambi kokuba kuhanjelwe emalibeni okhokho besizwe saseMfeni eleNkosi uMlulama kaSiyingela elimaduze neSigodlo saseMfeni endaweni ebizwa ngeMt. Desire (kwaMandiza) lapho kwakukade kwakhe khona isizwe saseMfeni, kugcinwe ngokuthi kuvakashelwe amaliba aMakhosi asendaweni yaseHopewell lapho kulele khona la Makhosi aseMfeni ngokulandelana kwawo; iNkosi uThami, iNkosi uMbhoyi, iNkosi uBhenjamini kanye neNkosi uMguquka kaMlulama kaSiyingela kaZihlandlo.
Iliba leNkosi uMlulama yilo kuphela elasala emapulazini aseMhlongamvula lapho isizwe sasuswa khona nguHulumeni wobandlululo. Yingakho wayebizwa ngeNkosi yasemapulazini. Njenga yimanje abantwana beNkosi sebakhe itshe elikhulu lesikhumbuzo seNkosi elizoba yitshesikhumbuzo lesizwe. Lokhu kwenzelwe ukuthi kube lula ukuthi abavakashi kanye nabantu besizwe bakwazi ukuvakashela le ndawo esiphenduke indawo yamagugu.UMlulama ubuse isizwe saseMbo eMfeni ngezikhathi zamakoloni wakhothama ngowe-1888, kwasekuthatha indodana yakhe uMguquka owayebizwa ngokuthi iNkosi yamakholwa ngenxa yokuthi wayesengenwe ukholo kanti nabantu bakhe abaningi base bengamakholwa ngaphansi kweZulu Congregational Church kanye namaRoma.
INkosi ebiyenzelwe uThami Mkhize sizoyikhumbula ngokuba yinkosi elinono njengoba nomhleli weBayede akhala kakhulu ikhotheme ukuthi ibiyigeza izithanda, yenza isikhundlua sobukhosi sihlonipheke ngenxa yokuzihlonipha nokuba yigeza. INkosi uThami wabe eyinkosi efundile eneziqu zobummeli, eyithanda imfundo futhi egqugquzela izingane zakhe kanye nezesizwe ukuba zifunde ukuze zibe nekusasa elingcono. Sizokhumbula ngesikhathi kunezibhelu esikoleni uMlulama eHopewell, wadlala indima enkulu ekuletheni ukuthula kubafundi ekanye nowayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uSenzo Mchunu.
INkosi uThami idlale enkulu indima ekubuyisweni komhlaba owabe wemukwe okhokho bakhe iNkosi uMguquka nguHulumeni wamakoloni nowobandlululo. Nakuba kuyakhulunywa ukuthi kunomhlaba owabuya kungenxa yamagalelo kanye nobuhlakani beNkosi uThami. Ubengena ephuma ezinkantolo elwela umhlaba kugcine ngokuthi aphumelele ngonyaka wezi-2015 ukuthi kubuyiswe ingxenye yamapulazi amaningi esizwe asephethwe yi-eMbo eMfeni Community Trust eyasungulwa nguyise iNkosi uMbhoyi ukube yengamele umhlaba kanye namapulazi esizwe saseMbo.
Umlando woBukhosi bakwaMkhize eMfeni mude kakhulu njengoba kuyiyona indlu yokuqala eyakhiwa yiNkosi uSiyingela kaZihlandlo ngenkathi aBambo betheleka kwelaseNatali ngeminyaka yawo-1832. Lo muzi waqala wakhiwa endaweni eseceleni koMfula iLovo ebizwa ngoMgwahumbe, wasuka lapho uSiyingela wayokwakha eNgilanyoni kulapho kwazalelwa khona aMakhosi uMlulama emzini waseMfeni noNgunezi emzini wasoThiyweni. INkosi uMlulama ongukhokho wenkosi uThami Mkhize ube esefuduka nengxenye yabantu bakubo wayokwakha eNtabeni uFudu, uphinde wemuka wayokwakha nozalo lwakhe eHopewell endaweni okuthiwa kuseMkhuzane nakwagudlintaba. Kulapho alushiya khona uzalo lwakhe esingabala umndeni wakwaMseshi Mkhize abakhe endaweni yaseThala, abakaNogotsho kaMaphoshela, kanye nezinye izindlu esezakhe eNsuka. esingabala umndeni wakwaQolotha Mkhize, wakwaMaphiko Mkhize, wakwaPuna Mkhize kanye neminye imindeni.
Njengoba besengishilo umgidi wesikhumbuzo seNkosi uThami usukele ekhaya leNkosi eliseMophela maduze nelokishi iMpumalanga wayophelela emalibeni aMakhosi. Umcimbi ubuhanjelwe yiqembu lezinsizwa zaseHopewell elibizwa ngo “Mbimbi”. Leli qembu lezinsizwa zasaMbo liqhakambisa ukuvuselelwa kwamasiko aboHlanga ikakhulukazi lezo zinto esezilitshelwe yithina njengesizwe samaZulu. Lisina ingoma lidlalise nangamahawu nangemigabelo enhlobonhlobo. Kwaphinde kwabakhona nezintombi zoMhlanga ziholwa usisi uZodwa Mkhize ngaphansi kwesandla sikaMama uNomagugu Ngobese. Okwabayisibusiso kakhulu ukubonakala komntanenkosi uSandile Mkhize okunguye indlalifa yenkosi uThami Mkhize, ohlala eNorway oshade nentokazi yomlungu, babusiswa ngezingane ezimbili.
USandile ubanjelwe iSihlalo sakhe ngumfowabo weNkosi uMvangeli Mkhize. Bebebonakala behla benyuka besiza lapho bedingakala khona benomfowabo uMfundo Mkhize osebenza esikhumulweni sezindiza eGoli. Kube sekuthathwa isithombe somndeni kanye namadodana eNkosi.