Now Reading
Zimbiwe yinsele ngamabhande osomankomane eMgungundlovu ngeSonto
Dark Light

Zimbiwe yinsele ngamabhande osomankomane eMgungundlovu ngeSonto

Ukuba khona kwabalandeli ngeSonto ubona kuzomlekelela ekutheni alinqobe ibhande usomankomane odabuka esifundazweni iKwaZulu-Natal uSibonelo Nzimande.

UNzimande uzolwa ezimpini zomqhathi wesifazane, uNomvelo Magcaba Shezi ongumnikazi weMvelo Boxing Promotions. Lezi zimpi zizobanjelwa eCity Hall eMgungundlovu.
Okuvelile ukuthi uHulumeni usememezele ukuthi kuzovumeleka abantu abangama-750 kwezemidlalo ezidlalelwa endaweni evulelekile bese beba izinkulungwane ezi-2 000 kwevulekile.

UNzimande waseMpangeni uzongqimuzana noMarcus Lebogo waseGauteng abazobanga ibhande elingaphethwe muntu, le African Boxing Union (ABU) SADC Junior Welterweight.
“Kuyangithokozisa kakhulu ukuthi kulezi zimpi kuzobe kukhona abalandeli. Ngikubona kuzongilekelela kakhulu kwazise ngizobe ngilwa ekhaya kusho ukuthi baningi abalandeli abazobe beseka mina, ngalokho angizimisele ukubaphoxa. Siyabonga kakhulu kuHulumeni ukuthi akwazi ukubuyisa abalandeni, nokuyinto cishe esithathe isikhathi eside yagcina ukwenzeka,” usho kanje umfo kaNzimande.

Le mpi kaNzimande noLebogo iyona eyosuku. Impi elandela le ngobukhulu ilapho kuzoxhimfana khona uTholumusa Ngema waKwaZulu-Natal noThato Bonokoane waseGauteng abazolwela isicoco seWBF Africa Junior Featherweight. Nalesi sicoco kasiphethwe muntu.
Ebuzwa elaboHlanga ngamalungiselelo umfo kaNzimande okuzobe kungokokuqala ukulwela ibhande uthe: “Kungithathe izinyanga ezimbili ukuzilungiselela le mpi, lokho kusho ukuthi ngizilungiselela ngokwanele ukunqoba leli bhande. Ngiwabonile amavidiyo embangi yami, engikubonile ukuthi ikhona egabe ngakho ukuthi ingumandleni futhi. Ngalokho ekuzilungileni kwami ngisebenze kakhulu ukubhekana naleso simo” usho kanje.

Lo somankomane oneminyaka yobudala engama-31 ubonge umqeqeshi wakhe uSkeleton Mngomezulu ngokukholelwa kuyena. Uphinde wabonga uMnyango Wezemidlalo esifundazweni iKwaZulu-Natal ngendlela oweseka ngayo lo mdlalo muva nje.
Uzifela ngoFloyd Mayweather wase-USA kanti kuleli uzifela ngoThabiso “The Rock” Mchunu kanye noMoruti Mthalane.

ElaboHlanga liphinde lakhuluma noMagcaba Shezi, ngokuzwa ngalezi zimpi. Naye uchaze indlela ajabule ngayo njengoba ezimpini zakhe kuzobe kukhona abalandeli nje.

“Angazi ukuthi ngingakuchaza kanjani ukujabula enginakho njengoba sebezovumeleka abalandeli. Ngesikhathi ngigcina ukwenza izimpi ngoNdasa kwakubuhlungu bengekho abalandeli. Kwakuthulekile, lingekho isasasa. Sesizokwazi nokwenza imali ngokudayisa amathikithi. Ngithi abantu abeze ngeSonto bazobuka izimpi. Siqhathe izinkunzimalanga zosomankomane. Ngiyabathembisa ukuthi ngeke bayikhalele imali yabo. Kuyathokozisa ukuthi izwe liyabuya kancane,” kubeka uMagcaba Shezi.

See Also

Ubonge uMnyango Wezemidlalo esifundazweni iKwaZulu-Natal ngokuthi umeseke kukhona konke.

“UMnyango Wezemidlalo uklame indima enkulu ukuthi lo mqhudelwano uhleleke ngale ndlela ohleleke ngayo. Konke kumi ngomumo sesilinde lona iSonto, ngifisela bonke osomankomane okuhle kodwa. Ngiyabonga ngiyanconcoza kulo Mnyango oholwa uNkk uHlengiwe Mavimbela” ubeke kanje uMagcaba Shezi.

Ezinye izimpi ezizokuba khona kuzotholana phezulu uSabelo Cebekhulu waKwaZulu-Natal noMawanda Mbusi waseGuteng, uMduduzi Mzimela waKwaZulu-Natal noNkopane Mokoena waseGauteng, uMusawenkosi Ndwandwe waKwaZulu-Natal noTumelo Motsane waseGauteng, uMpilo Cele waKwaZulu-Natal noRhofiwa Maphupha waseLimpompo, uNomusa Ngema waKwaZulu-Natal noLufuyo Mutshayi waseGauteng, uLungisani Mkhize waKwaZulu-Natal noTakalani Ramuedi waseGauteng kube impi kaMnelisi Ndlovu waKwaZulu-Natal noKoena Mokena waseGauteng.

Scroll To Top