Kukhona okuzovela: Ngabe sesinaye uMengameli wokuqala wesifazane?



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kwaba nguMfazi Omnyama umfokaMgquzula owaqhamuka nengoma eyaduma kakhulu neyabe ibikezela okwakuzokwenzeka. Lapha inxele lakwabo lalithemeleza ngalokho okuzovela ngoMnu uThabo Mbeki nowagcina esenguMengameli wezwe noKhongolose.
Sekungumlando ukuthi uMbeki wathi uma esephethe waba nguMengameli wokuqala ukuqoka iPhini likaMengameli wesifazane, uNkk uPhumzile uMaMlambo Ngcuka. uMaMlambo Ngcuka ube yiSekela Mengameli wezwe kusuka ngowezi-2005 – 2008.
Ukungena kukaMaMlambo esikhundleni kwaba nokujabula kanjalo nokukhononda. Kwaba nokujabula kulabo ababekade bekhala ngokuthi iqembu elibusayo alikaze libahloniphe ngezikhundla eziphezulu abesifazane kakhulukazi kwesokwengamela izwe noma iqembu. Ukungena kwalentombi yakweleNdlovukazi uMthaniya kwaletha ithemba ukuthi izinto ziyaguquka.
Ngakolunye uhlangothi kulabo ababengayizwa ekaMaMlambo, laba babe beka izizathu ezahlukene. Kwakukhona ababembuka njengesikhathli sabesilisa ababelwa izimpi zabo njengoba angena ngesikhathi uMbeki ayesanda kwehlisa uZuma kwesokuba yiSekela Mengameli wezwe kulandela izinsolo zenkohlakalo.
Okwabuye kwamenza uMaMlambo waba yiqaqa kwaba wukuvela ngaleso sikhathi kwezinkulumo ezithi umnyeni wakhe, uAdv uBulelani Ngcuka wabe eyingxenye yombimbi olwabe lubophela uZuma amanqina enyathi.
Kuningi okwenzeka empilweni kaMaMlambo kusuka lapho. Lezi zinguquko empilweni yakhe akubanga ngezakhe nje kuphela neqembu ayekulo kepha zaba nomthelela kuyo ipolitiki yangaphandle kweqembu nakusimomazwe. Bheka ngoba kwathi angaphuma kwesokuba yisekela kulandela ukuketuka kukaMbeki wabe esekhonjwa kuMhlabahlangene lapho aqokwa khona ukuba abe nguMqondisi oPhikweni i-United Nations Women ngaphansi kwehhovisi likaNobhala Jikelele.
Ukungena kwakhe kulesi sikhundla akwehlanga kahle kakhulukazi kulabo abaseka uZuma nakuye uZuma qobo owayesenguMengameli wezwe ngaleso sikhathi. Akuyona imfihlo ukuthi uZuma wazama ukumisa ukuqokwa kukaMaMlambo esikhundleni nokuyinto naye uMaMlambo ayifakazelayo.
Cishe zabe zintathu izizathu ezenza lesi simo; esokuqala kwaba yikuthi ngesikhathi eshiya kwesokuba yiSekela Mengameli wahamba nezixuku ezasuka kuKhongolose zakha inxiwa elisha lepolitiki i-Congress of the People (COPE). Kukhona inkolelelo engakaze iphikiswe ethi ngokubunjwa kwe-COPE labo ababeseka uMbeki babe yoyihlomisa ehlathini ukuze kuthi uma sekuyisikhathi babuye bazodla esokuhola iqembu (uKhongolose) nezwe.
Kuthiwa kulabo abebeseka uMbeki abanye batshalwa ezikhundleni nasezinhlakeni ezahlukene ngenhloso yokubacijela ikusasa. Isibonelo nje uMaMlambo waya ku-United Nations, kwathi uNkk uGeralidine Fraser-Moleketi owayekuKhabhinethi likaMbeki wagcina esenguMqondisi eMhlabeni Jikelele we-United Nations Development Programme (UNDP) wabuye wangena kwi African Development Bank (AfDB). Omunye owabe eseKhabhinethini likaMbeki nguDkt uNkosazana uMaDlamini Zuma ongowokuqala ezinhlakeni ze-African Union ( AU) ukuba abe nguSihlalo we-African Union Commission kusuka ngowezi-2012-2017.
Kungani izimo nomlando kungabavuna?
Manxa ulandela umlando wobuholi besifazane kwipolitiki yase-Afrika kusobala ukuthi laba besifazane basemathubeni amahle okuthi manxa befuna balihole izwe. Okokuqala bobathathu laba baholi sebeqedile imisebenzi yabo kulezi zinhlaka zomhlaba babuyele ekhaya. Okwesibili bonke bangamalungu eqembu elibusayo ngisho naye uMaMlambo osezivumele yena ukuthi usayishiya i-COPE wabuyela kuKhongolose.
Okunye osekujwayelekile yikuthi owesifazane wokuqala ukuhola izwe e-Afrika usuke eseke wathola uqeqesho ngokomsebenzi ezinhlakeni zamazwe ngamazwe noma abe kukhabhinethi osekuyinto bobathathu laba besifazane abangenhla asebeyenzile.
UMengameli wokuqala wesifazane e-Afrika uNkk uEllen Johnson Siriefa waseLiberia waphekwa ngabe-World Bank njengoba ayetohoza kuyo. Omunye owaba nguMengameli wesibili wesifazane e-Afrika uNkk uJoyce Hilda Banda nowabusa eMalawi kusuka ngowezi- 2012-2014 unomlando omude wokuba kwikhambinethi lezwe . Wake waba yiSekela Mengameli waseMalawi kusuka ngowezi -2009-2012.
Okungaba yilabani likaMbeki noRamaphosa
Akuyona imfihlo ukuthi uMengameli uRamaphosa muva nje usenyathela ngokucophelela njengoba eseqalile ukubheka ihlandla lesibili. Lokhu ukwenza ngesinwe nangokushesha.
Kukhona izinkulumo zokuthi njengoba esondeza uMhlonishwa uThandi Modise okade enguSomlomo kukhabhinethi lakhe, lokhu kuyimizabo yokuqhwakela kwinkulumompikiswano yangaphakathi eqenjini mayelana nomholi wesifazane abanye abathi isikhathi sakhe sesifikile.
Kuthiwa lapha ngokulanda uMhlonishwa uModise uRamaphosa uphunga izitha eziqhamuka ngasohlangothini lwalabo abangomakade ebona bezempi uMkhonto weSizwe (MK). OkaModise kulukhunu ukuthi aduduleke njengoba izinhlaka ze-MK zimazi futhi zimhlonipha.
Kanti abanye abaphungayo ngesinqumo sakhe (uRamaphosa) kuthiwa wuphiko lwabesifazane beqembu elibusayo i- African National Congress Women’s League ( ANCWL). Kuthiwa uma efake okaModise kuyoba lukhuni ukuthi nabo bahlasele ngoba kuyokwakheka isithombe sokuthi balwa nowesifazane.
Nokho iqhingasu elikhulu kuthiwa wukuthi kungenzeka ekugcineni ayokhalela kwabesifazane bekhabhinethi likaMbeki. Ngokwenza njalo andelwe ngabamesekayo ngokhetho lobuholi beqembu kanye nangamavoti jikelele ngaphandle kweqembu. Khona lapho uyobe uthole abantu abahlonishwa kuleli nangaphandle njengoba laba abathathu behlonishwa futhi bewazi umsebenzi wabo. Nokho kuseva ukuqagula ukuthi iyozala nkomoni kepha isicabekile indlela yokuthi leli libe nomengameli wokuqala wesifazane nokungayinto uRamaphosa abukeka ehalela ukuba ibe yingxenye yefagugu ngobuholi bakhe, abe ngumholi owahlelembela abesifazane ukuba baqhwakele.