Now Reading
UNxamalala unaba ngemiklomelo kunobhutshuzwayo
Dark Light

UNxamalala unaba ngemiklomelo kunobhutshuzwayo

Ingwazi yeBafana Bafana uSibusiso “Rhee” Zuma ivula isifuba ngokuzitshwa kwabadlali abadabuka emazweni ase-Afrika emklomelweni womdlali ovelele emhlabeni.
Uyedwa kuphela umdlali wase-Afrika oseke waqokwa njengomdlali ovelele. UMengameli waseLiberia, uGeorge Weah wadla ubhedu ngowe-1995 esagijima ku-AC Milan eyibamba kuligi yamaNtaliyane.

UWeah wahlula izilomo ezifana noJurgen Klinsmann owayegaconsi phansi kwelamaJalimane noPaolo Maldini ayedlala naye kuMilan.

Ngowe-1996, uWeah walala isibili kulo mklomelo. Wabhinciselwa nxanye yinkunzi yomgadli waseBrazil, uRonaldo owayebhakuzisa inethi kuBarcelona yaseSpain.

ElaboHlanga lihlale phansi laxoxa noZuma owakleliswa endaweni yamashumi amabili nesishiyagalolunye ngowezi-2001 emklomelweni womdlali ovelele. Ingqikithi yale ngxoxo bekuwukuthola ukuthi kungani abadlali abadabuka e-Afrika behluleka wukunqoba umklomelo womdlali ovelele.

“Ingwazi uGeorge Weah isikhombisile sonke ukuthi kuyenzeka. Namanje ngisamhlonipha ngamagalelo akhe. Ngikholwa wukuthi sinabo abadlali abangakwazi ukulandela ezinyathelweni zikaWeah. Njengamanje sinabadlali abafana noMohamed Salah, uSadio Mane abagijima kuLiverpool noRiyaad Mahrez ogijima kuManchester City. Amazwe abo enza kahle ngenxa yabo. Namaqembu abo enza kahle ngenxa yabo,” kulandisa uZuma.

USalah noMane bafakiwe ohlwini lwabadlali abangama-30 okuzoqokwa kubona ovelele emhlabeni.

Bazobanga nezibabuli ezifana noCristiano Ronaldo weManchester United nePortugal, uLionel Messi wePSG ne-Argentina, uCesar Azpilicueta, uNicolo Barella, uGiorgio Chiellini, uRuben Dias, uGianluigi Donnarumma, uBruno Fernandes, uPhil Foden, u-Erling Haaaland, uJorginho, uSimon Kjaer, uRomelu Lukaku, uLautaro Martinez, uGerrad Moreno, uMason Mount, Pedri, uLeanardo Bonnuci, uNeymar, uLuka Modric, uKylian Mbappe, uRahim Sterling, uRoberto Lewandowski, uSimon Kjaer, uN’golo Kante, uHarry Kane noLuis Suarez.

“Kusazosithatha isikhathi ukuvala igebe phakathi kwethu namazwe aphesheya. Uma ubheka lo mklomelo, umdlali ovelele uvotelwa ngokaputeni nabaqeqeshi bamaqembu esizwe kubona bonke ososeshini abangaphansi kukaFifa. Umbuzo ukuthi ngabe ososeshini bamazwe ase-Afrika bavotela bani? Uma ungenza ucwaningo uzobona ukuthi ososeshini base-Afrika bavotela abadlali abasuka phesheya kwezilwandle. Angisho ukuthi kumele sivote ngokuthi sidabuka kuphi kodwa kungani singabavoteli oSalah noMane? Yingoba asifunani sisodwa. Sincamela ukubona kuwina umdlali wangaphandle kunokuthi kuphumelele odabuka e-Afrika. Yingakho abadlali bethu benganqobi noma besefomini. Phesheya bavotelana bodwa,” kuchaza uZuma.

Inhlangano eyangamele ibhola emhlabeni isazosehlisa isibalo sabadlali abazobanga umklomelo womdlali ovelele emhlabeni.

“Ngaphandle kwepolikiti yokuvota kodwa nathi kumele sizinuke amakhwapha. Izinga lethu lokuthuthukisa abadlali alikho ezingeni. Phesheya bayayihlonipha indaba yokuthuthukiswa kwamakhono. Uma ubheka ingqalasizinda, ngicabanga ukuthi sisasele kakhulu. Yingakho amazwe aphesheya ezohlale enabadlali abaningi abaqokelwa imiklomelo emikhulu emhlabeni. Nabaqeqeshi abacija izinkulisa ngabaqeqeshi abaneziqu. Thina ezethu ziqeqeshwa ngabaqeqeshi abanothando lokuqeqesha. Phezu kwalokho izinkundla zethu azikho ezingeni lokuthuthukisa umdlali ngokushesha. Nokho silindela abadlali bethu ukuthi babange la badlali abaphuma ezindaweni ezingcono. Yebo, ikhono sinalo kodwa asikhuli ngokufana,” kuqhuba uZuma.

URonaldo noMessi bake bashintshana ngomklomelo womdlali ovelele emhlabeni iminyaka elishumi ilandelana kungekho obaphazamisayo.

“Okunye okungeke sikubalekele wukuthi kule minyaka eyishumi edlule sibusiswe ngabadlali abafana noRonaldo noMessi. Bebekwelinye izinga. Bengenantanga emhlabeni wonke. Nathi singabakhiqiza abadlali abafana nabo kodwa ingqalasizinda ayisivumeli. Kuze kube ngcono uma umdlali esheshe wahamba esemncane waya phesheya kwezilwandle. Into okumele siyiqonde wukuthi umbango useqophelweni eliphezulu. Mina ngesikhathi ngiqokwa ngowe-2001 ngangibanga nabadlali abafana noRonaldinho, uRivaldo, uRonaldo, uZinedine Zidane, uLuis Figo noDavid Beckham. Lapho mina ngiziphumela elokishini eHammarsdale angikaze ngidlale izinhlaka zenkulisa emaqenjini amakhulu.

“Kumele senze isiqiniseko sokuthi abadlali bethu badlala ku-Uefa Champions League iminyaka ngeminyaka futhi basiza amaqembu abo ekutheni enza kahle. Yebo, kancane kancane siyeza ngoMane noSalah kodwa izibalo azikhuli ngokushesha. Kumele sizikhulise ngokushesha ngoba ikhono sinalo.

Ngowezi-2005, u-Eto’o walala isithathu ehlulwa nguzakwabo ayedlala naye kuBarcelona uRonaldinho.

See Also

“Angiqondi ukuthi umdlali ofana noSamuel Eto’o kwenzeka kanjani ukuthi aze ayeke ukudlala ibhola engawunqobanga umklomelo womdlali ovelele emhlabeni. U-Eto’o ukwenze konke phesheya kwezilwandle nasezweni lakhe. Unqobe amaligi emazweni ahlukahlukene futhi ahlonishwayo. Uphinde wanqoba nezicoco ze-Uefa Champions League namaqembu ahlukene, wadla ubhedu neCameroon ku-Africa Cup of Nations. Into abeshoda ngayo umklomelo womdlali ovelele. Kunzima ukunqoba lo mklomelo uma uzalwa e-Afrika kodwa akukho esingakwenza kumele siqhubeke siphushe,” kubeka uZuma.

Ngowezi-2005, u-Eto’o wabamba elikhulu iqhaza iBarcelona idla umhlanganiso kuSpanish La Liga.

Washaya amagoli angamashumi amabili nanhlanu ngemuva kwalokho wakhala wemuka nomklomelo womdlali oshaye amagoli amaningi.

“Into engiyithanda ngoSalah noMane wukuthi bahlale bebalwa nabadlali abashaye amagoli amaningi emaligini abadlala kuwona. Okunye okuhle wukuthi amaqembu abo ahlale ekuChampions League,” kuqhuba uZuma.

Njengamanje uSalah nguyena ozihola phambili ngamagoli amaningi ku-English Premier League. Usehlohle amagoli ayisithupha eqenjini lakhe ama-Reds.

“Ukungenzi kahle eNdebeni yoMhlaba nakho kunomthelela ekutheni abadlali bethu bengawunqobi lo mklomelo. Ngonyaka weNdebe yoMhlaba, lo mklomelo uvamise ukunqontshwa ngabadlali abasuke benze kahle namazwe abo. Thina asikaze sifinyelele ngisho kowandulela amanqamu. Lento iyangidla. Ikhono sinalo kodwa kumele sileseke ngezinto eziningi ukuze lizobanga nezilomo zakwamanye amazwe.” kuphetha uZuma.

Scroll To Top