Now Reading
UBroos usenza kahle yize abanye benganeme ngaye
Dark Light

UBroos usenza kahle yize abanye benganeme ngaye

Uma ugxeka umuntu kumele umgxeke entweni engalungile ayenzayo. NgoLwesibili kade kutholene phezulu iBafana Bafana ne-Ethopia, emdlalweni wokuhlungela iNdebe YoMhlaba ezokuba seQatar ngonyaka ozayo kubonakalile ukuthi elakuleli yize linqobile ngegoli elilodwa eqandeni kodwa alidlalanga neze kahle.

Yize sidlale kambi kodwa okungijabulisile ukuthi sikwazile ukuthola amaphuzu amathathu nokuyinto ekade imqoka kakhulu. Kungiphathe kabi ukubona umdlali owake wagjima eqenjini leMamelodi Sundowns uLovers Mohlala egxeka uHugo Broos ongumqeqeshi weBafana Bafana.

UMohlala uze walibeka ngembaba elokuthi elakuleli lizobuya lingaphethe lutho uma selibhekene neGhana esendaweni yesibili eqoqweni emva kwayo iBafana Bafana. Kungiphathe kabi lokhu ngoba phela wadlala ebholeni elikhokhelwayo kufuze engabe akagxeki nhlobo.

UBroos cishe uyadinga ukushayelwa ihlombe kunokuthi simgxeke. Cishe akekho ongazi ukuthi ezikhathini eziningi uma kudlalwa imidlalo yokuhlungwa elakuleli lithwala kanzima buka nje ngonyaka ozayo umqhudelwano i-Africa Cup of Nations (AFCON) ezokuba seCameroon abadlali bakuleli bazobe bewubuka emakhaya.

Okungichazile ukuthi abalandeli bakhwele badilika kuyena. Noma ngingeke ngikubalule abakushilo kwazise uvele wawukhipha umbhalo wakhe emva kokuthi abantu bekhombise ukumgxeka.

Indlela uBroos aqoka ngayo iyabonakala ukuthi ikhona inhloso enkulu ethize anayo, abantu abamnike isikhathi.

Kuliqiniso ukuthi emdlalweni enjena siyabadinga abadlali abanamava kodwa, nakhu bebedlala kodwa bahluleka ukusiyisa eCameroon. Emdlalweni wangoLwesibili cishe ngibone isikhala esisodwa kuphela ukuthi mhlambe engamfaka umdlali kulaba okuthiwa banamava lowo mdlali u-Andile Jali weSundowns.

UJali usefomini enhle muva nje, kumfanele ukuba abe seqenjini lesizwe kakhulukazi ngoba indawo yakhe ize yadlalwa uNjabulo Ngcobo weKazier Chiefs.

NgoMgqibelo owedlule uJunior Khanye owayegijima kwiChiefs, waphawula ngokuthi iBafana Bafana inqobe ngenhlanhla e-Ethopia. Wathi iluhlaza kakhulu ibhola elidlalayo liyabheda.
Iqiniso ukuthi emdlalweni yokuhlunga awudingi ukudlala kahle udinga ukuthola amaphuzu nje kuphela. Okungichazile ukuthi naye uBroos ubonile ukuthi ikuphi lapho angenzanga khona kahle.

Yebo siyabadinga abadlali abafana noThemba Zwane, uJali, uThembinkosi Lorch nabanye kodwa okwamanje asiseke uBroos ofike noshintsho.

See Also

Baningi abantu ababethi eqenjini iBafana Bafana kumele kunikezwe intsha ithuba uBroos wenza lokho kodwa uyagxekwa.

Isikhathi lesi adinga ukusekwa khona sidlulele kumzuliswano olandelayo, kwazi bani nakhona sinqobe sithole ithikithi eliya eQatar.

IBafana sekunesikhathi yagcina ukuzibekisela indawo kweyeNdebe YoMhlaba ngezithukuthuku zayo yagcina ngonyaka wezi-2002 eJapan/Korea isacijwa nguCarlos Queiroz wasePortugal, ngonyaka wezi-2006 eGermany elakuleli lalingabonwa nangokhalo. Kuphinde kwaba esifanayo ngwezi-2014 eBrazil nangowezi-2018 eRussia.

Ngowezi-2010, iBafana idlale njengosokhaya. Nokho kulokhu kubukeka uBroos ongowokudabuka eBelgium engaliqeda leli shobolo.

Abantu abayeke ukungxeka noma kungafunakali. SiwuMzansi wonke asisize uBroos kulesi sikhathi.

Scroll To Top