Kufezeke iphupho koweCape Town City ebizelwa kuBafana Bafana


UTerrence Mashego udlale ingcwenga yebhola ezakhe zithela othulini i-Ethiopia ngamagoli ama-3 kweli-1 ekuhambeni ngempelasonto. Leli nxele bekungokokuqala lidlala kuBafana futhi lishaye into ecokeme.
Exoxa nethimba lezokuxhumana kuSouth African Football Association (Safa), uMashego uphefumule ngokufezeka kwephupho lakhe.
“Ukugqoka ijezi leBafana Bafana ngumzuzu engingasoze ngawukhohlwa empilweni yami. Bekungokuqala ngidlalela izwe lami futhi ngizizwe ngikhethekile ngendlela eyisimanga. Bengilindele umdlalo ohlabahlosile. Bengazi kahle ukuthi ngeke kubelula. Nokho isipiliyoni engisithole ngidlala kuCaf Confederation League neTS Galaxy FC sengisize kakhulu. Leso sipiliyoni yisona esenza ngakwazi ukumelana nengcindezi ngosuku lomdlalo,” kubeka uMashego.
Namuhla ngehora lesi-6 ntambama, iBafana izodudulana ne-Ethiopia emdlalweni wokuhlungela ukuzibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba eseQatar ngonyaka ozayo eseFNB Stadium, eGoli.
“Ngasekuqaleni komdlalo bengithukile. Ngemuva kwalokho ngithathe uvalo ngalubeka eceleni. Ngizitshelile ukuthi asikho isidingo sokuzifakela ingcindezi engenasidingo. Nangampela ngivele ngangena egeyeni ngokushesha ngase ngaqala ngadlala kahle,” kuqhuba uMashego.
Umdlalo we-Ethiopia neBafana uzothanyelwa abalandeli abangama-2000.
Elakuleli lihlezi esicongweni ngamaphuzu ayisikhombisa ngemuva kwemithathu. Ishaye iGhana ne-Ethiopia yase ibambana neZimbabwe.
“Kimina kuyinto enkulu ukudlalela iqembu lami lesizwe. Iphupho lami lifezekile. Kudala ngifuna ukufeza leli phupho lami. Ngesikhathi ngijoyona iCape Town City ngazitshela ukuthi ngifuna ukudlalela iqembu lesizwe. ICape Town City yiqembu elidumile ngakho bengazi ukuthi uma ngenza kahle bengizokwazi ukufeza iphupho lami. Kudala ngililambele leli thuba. Angizange ngithuke ngesikhathi ngibizwa ngoba vele lo mzuzu kudala ngawulinda. Bengiwulungele.” kuphetha uMashego.