Now Reading
IKhomishini Yamalungelo Abantu ihlose ukwephula uPoqo ishoba
Dark Light

IKhomishini Yamalungelo Abantu ihlose ukwephula uPoqo ishoba

Kubukeka isazoqala phansi inkulumompikiswano phakathi kwalabo abathi uMthethosisekelo wakuleli uvikela isithunzi kanjalo namalungelo awo wonke umuntu kanye nalabo abathi wakhelwa ukufenyisa ifagugu lomzabalazo waboHlanga.

Lokhu kulandela incwadi ebhalelwe iPan Africanist Congress of Azania (PAC) ngabeHuman Right Commission (HRC) ngomhla zingama-29 kuMandulo nonyaka. Le ncwadi engaphansi kwesihloko esithi: Investigation of use of the term “One Settler, One Bullet”, ebhalwe nguNks uZena Nair noyiMeneja yakwaHRC eWestern Cape yazisa uPoqo ngesinqumo seKhomishini.

Odabeni okubukeka sengathi induku ishaye umviki, abePAC ngokweHRC bathe bababaza okuthile nakubo lase lembula ingubo. Indaba isuke ngesikhathi kunezinsolo zokucwasa esikoleni iBrakenfell nezasabalala izwe lonke. Ngesikhathi wonke umuntu egxeka lokhu nabePAC kabasalanga njengoba babe sebenameka ezinkundleni zokuxhumana umlayezo kanjalo nesiqubulo esithi: One Settler, One Bullet. Kulokhu abeHRC bathole iPAC isephutheni lokusabalalisa imiyalezo enenzondo.

“IKhomishini inombono othi ukusebenza kwesiqubulo esithi: “One Settler, One Bullet” sibandakanya okulandelayo: kunenkulumo enenzondo ngokobuhlanga ngokweSigaba 10 sePromotion of Equality and Prevention of Unfair Discrimination Act, 2000 (“PEPUDA”); sinokucokofula ngokobuhlanga ngokweSigaba 11 sePEPUDA; sinokusabalalisa umqondo ogqugquzela umqondo wobudlova bobuhlanga ngokweSigaba 7 neSigaba 12 sePEPUDA; futhi asivikelekile ngokwelungelo lenkululeko yokukhuluma ngokweSigaba 16(1) soMthethosisekelo WaseNiningizimu Afrika, we-1996”, kusho incwadi.

Ayigcinanga lapho njengoba iqhubeke yathi: IKhomishini ifuna ukuya eNkantolo Yokulingana ukuze ithole igunya lokusebenzisa isiqingatha sesi-7 esingenhla kanye nokunye ukukhululeka, okungabandakanya nokuthi iPAC ikhokhe imali yamademeshe, ikhiphe ukuziqhelelanisa okungenambadela nesixoliso sokusebenzisa isiqubulo esigxibhayo kanye nokunye ukukhululeka inkantolo ingakubona kufanele.

Kulezi zimo, iKhomishini ikulindele ukuthi ingaba nezingxongxo ezakhaya nePAC ngalolu daba. Emzamweni yokunqanda isidingo sokufaka icala, iKhomishini ifuna ukuxoxisana okunobuqiniso nePAC ukuze lolu daba lusombululwe ngesinwe kungaze kuyiwe enkantolo.

See Also

“Ngaphandle kwalokhu osekushiwo ngenhla, kungasiniswa mahleza ukusebenza kwesiqubulo esigxibhayo, iKhomishini ifuna iPAC ukuba izibophezele kokulandelayo: Ukuthi izobhala isixoliso esingenambandela ngendlela yokuthi iyakuhoxisa futhi iyakusula ukusebenza kwesiqubulo kanye ne#OneSettlerOneBullet; Ukuthi isixoliso esiku-9.1 ngenhla sizoshicilelwa kusizindalwebu esemthethweni nakuzo zonke izinkundla zayo zokuxhumana, futhi sizohlala unomphelo.

UNobhala Jikelele wePAC nencwadi ebibhekiswe kuye uMnu u-Apa Pooe uthe lingawa licoshwe zinkukhu. UPooe uthe: “Osukwini lokugcina lwenyanga okuthiwa ngeyamagugu, iPAC iyahlukunyezwa ngokubungaza noma ukuphimisa lokho okuyifagugu lomzabalazo nokwabe kuyisiqubulo. Imizamo yokucisha lenhlabamkhosi eyabe inanela kuleyo yamaMakhosi oShaka, oHintsa noMoshoeshoe kuvikelwa umhlaba namuhla yenziwa isenzo sobugebengu. IPAC iyolivikela ifagugu laboHlanga kubandakanya nalelo elithinta yona”, kusho uPooe.

Scroll To Top