Bakhala ngentela kashukela ezoba zindleko kubalimi
UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Ongaphansi nongaphezulu phakathi kwenhlangano yabalimi naleyo egqugquzela ezempilo kubangwa udaba lwentela kashukela.
I-Healthy Living Alliance (HEALA) isanda kuphakamisa ukuthi uHulumeni anyuse intela efakwa eziphuzweni ezinoshukela. Ngonyakamali wezi-2016/17 uNgqongqoshe Wezimali wamemezela ukuthi sekuzoba nemali yokugqugquzela impilo enhle, eyagcina yaziwa ngelentela yashukela. Lokhu kusukela ekuvunaneni kwemilomo mayelana nobungozi obuza noshukela ezimpilweni zabantu.
UMnyango Wezimpilo kanye neWorld Health Organisation zenza ucwaningo olwakhomba ukuthi ukukhuluphala ngokweqile kunomthelelanqangi ekukhuleni ngamandla kwezifo ezingathelelani ikakhulukazi kubantu besifazane, abampofu nezingane ezisezincane.
UMnyango wabe sewuqala umkhankaso wokunciphisa ngokweqile ngokuthi kuncishiswe ubungako bukashukela eziphuzweni. Njengamanje intela yashukela iqala ngaphezulu kwama-4g/100ml, lapho kufakwa intela engango 2.1c ngegremu ngalinye.
I-South African Farmer’s Development Association (SAFDA), okuyinhlangano yabalimi, egxile kakhulu embonini kashukela, isigxeke isiphakamiso seSouth African Health Living Association sokuthi intela yenyuswe ngamaphesenti angama-20. I-SAFDA ikhala kakhulu ngokuthi abalimi abalima umoba ngokuncane bazolimala kakhulu uma kunganyuka intela kashukela njengoba intengo kashukela ithembele kakhulu ekuthengweni kukashukela.
Iningi labalima ngokuncane abohlanga. “Abalima ngokuncane bavele bayaxhugela bazama ukusimama emva kokuthi udlame olwabheduka ngoNtulikazi lwabenzela phansi,” kusho uDkt uSiyabonga Madlala, onguSihlalo weSAFDA.
Ngesikhathi sezibhelu, izimoba emadolobheni angama-53 KwaZulu Natali zacekelwa phansi umlilo, okwadala nokuthi abalimi babhekane nezindleko zamakhemikhali nomanyolo bebe bengatholanga lutho ngezimoba zabo.
Kufikwa kulenkulumo-mpikiswano nje abalimi bamoba babuya ebunzimeni bokuthi intengo yashukela ike yehla ngendlela yokuthi ngesizini wezi-2018-19 bazithola bekweleta izigayo esikhundleni sokuthi kube yizigayo ezikhokhela bona.
NgokweSAFDA, ukwenyuka kwentela kungaholela ekulahlekeni kwemisebenzi ngesikhathi vele kunenkinga yokwenyuka kwamanani abangasebenzi.
Ngokombiko we National Economic Development and Labour Council (NEDLAC), ngonyaka wokuqala wokwethulwa kwentela yashukela, kwalahleka imisebenzi ezi-16 621, kanti kulelo nani imisebenzi eyizi-9 154 yalahleka embonini yomoba. Izibalo zakamuva zikhomba ukuthi abangasebenzi ezweni bangaphesenti angama 43.
I-HEALA ithi ukwenyuka kwalentela kungasiza kakhulu ukulwa nesifo sikashukela (Inhlobo 2), isifo somfutho wegazi nokufa kohlangothi.