Usegcine ethole ikhaya elisha ePoland uNdosi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Yize iqembu lakuleli likanobhutsuzwayo elaliye emqhudelwanweni we-Olympics lingenzanga kahle kodwa iqiniso ukuthi kukhona abadlali abenza kahle kulona.
UThabo Cele ungomunye wabadlali abenza kahle, ngaphambi kokuqala kwayo i-Olympics eToyko ekhuluma nelaboHlanga wabalula ukuthi, ufuna ukwenza ezibukwayo ukuze ezonxenxa amaqembu amakhulu ukuthi amsayinise. Uye eTokyo vele esephelelwe inkontileka eqenjini lasePortugal iCova da Piedade.
Indlela adlala ngayo eTokyo yaba yinhle kakhulu, njengoba namagama amaqembu amakhulu okubalwa neFC Porto yasePortugal yayimugaqele kodwa yangamsayinisa. NgoNcwaba lo mdlali oyibamba esiswini uke wazama inhlanhla eqenjini lasePoland iRadom Radomiak, kodwa konke kwabheda ekugcineni.
Maphakathi nesonto kuvele izindaba ezijabulisayo, ukuthi uCele ugcine ekwazile ukusayiniswa ileli qembu eligijima esigabeni esikhulu ePoland. Kuvele ukuthi usayine inkontileka yeminyaka emithathu nalo.
Ekhuluma nelaboHlanga uCele, uthe kuyamjabulisa ukuthola ikhaya elisha.
“Kade ngifuna ukubuyela enkundleni ngidlale imidlalo njengeningi labadlali. Emasontweni edlule bengisebenza kanzima ngiziqeqesha ngedwa nokuyinto, engeyinhle neze. Ngiyajabula ukuthi sengize ngalithola iqembu engizogijima kulona” kusho uCele.
Lo mdlali oneminyaka engama-24 igama le-Al Ahly yase-Egypt nalo like lavela kwabamfuna uthuli, ubezolandela uPercy Tau osanda kusayiniswa ileli qembu kwasuka okukhulu ukukhuluma lokhu.
Nalapha eNingizimu Afrika abekhona amaqembu okuvela ukuthi amgaqele okubalwa iKazier Chiefs, iMaritzburg United na-AmaZulu FC.
“Ngibonga kubaphathi bami ekutheni bagcine bengitholelile iqembu. Iqiniso ukuthi bengifuna ukudlala, bengingajabulela ukusayina noma ikuphi. Okungijabulisile ukuthi ngizoqhubeka nokugijima lapha phesheya kwezilwandle” usho kanje.
Ukuqala kwakhe unobhutshuzwayo wadlalela Induna Academy yaKwaMashu, iKwaMashu-All Stars (isadlala ku-ABC Motsepe League) neKZN Academy nokuyiyona eyamtholela amadlelo aluhlaza. Waba ngumdlali wokuqala kule nkulisa, iKZN Academy, ukuthi ayodlala phesheya.
Lo mdlali wathi efika ePortugal izindaba zakhe zaphathwa uJorge Mendes oyi-ejenti kaRonaldo nabanye abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Kuyimanje izindaba zakhe ziphethwe iSoccer Soul.
UCele ngaphambi kokudlalela iCova da Piedade, waqale wadlalela iReal S.C. neBenfica B okungamaqembu akhona ePortugal.
Lo mdlali uhlezi ekubalula ukuthi efika ePortugal kwaba nzima ukufunda ulimi isiPhuthukezi, kodwa manje usewumpetha kulona yize kwathatha isikhathi ukuba alazi. Ukudla kwakhona kwaba nzima ukukujwayela, uyasho ukuthi kumnandi kodwa iqiniso lithi ngeke kukudlule okwalapho ekhaya. Uzithandela uphuthu nobhontshisi. Ulimi lwaseChina nalo useyalazi.
Uthe uyathemba ukuthi uzosheshe ayibambe indlela okuphilwa ngayo ePoland. Lo mdlali isikhathi esiningi ubesichitha nabadlali bakuleli uThibang “Cafu” Phethe noSiphephelo Sithole abadlalela iBelenenses SAD egijima esigabeni esikhulu ePortugal, sekuzomele enze ubungani obush ePoland.
Lo mdlali ozifela ngoReneilwe Letsholonyane ngowezi-2017 wayeyingxenye yeqembu lesizwe labangaphansi kweminyaka engama-20 elaliyodlala iNdebe YoMhlaba eSouth Korea. Waphinde wabizwa eqenjini leCOSAFA Cup ngowezi-2018.
Ngesizini edlule kwiCova Da Piedade udlale imidlalo engama-31, uqale engama-21 wangena esuka ebhentshini kweli-10 ushaye amagoli amathathu, wakhanda amabili.