Inhlangano yomhlaba yezempilo ikhathazekile ngesimo sase-Afghanistan
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Omele iWorld Health Organisation e-Afghanistan unxuse umphakathi wamazwe omhlaba ngoLwesine ukuthi uqalise kabusha uxhaso lohlelo lwezempilo lwezwe olumiswe yimpi olwamiswa ngenkathi iqembu iTaliban lithatha izintambo zokuphatha izwe, njengoba uhlelo lwezokunakekelwa kwezempilo lwaluselungene ezinkingeni.
Isimo esesiba sibi sagcizelela inkinga ababhekene nayo abanikeli abaningi bamazwe omhlaba, iningi labo elingakuthandisisi ukuxhasa uhulumeni oholwa yiqembu iTaliban, amanye amalungu abo asohlwini lwezijeziso zamazwe omhlaba, kepha besaba ukuthi izwe liphokophele enkingeni yenhlalakahle yabantu.
“Emasontweni adlule, ukutholakala kwezempilo kwehle kakhulu kumakhulu ezinkulungwane zabathile base-Afghanistan abasengozini enkulu,” kusho uLuo Dapeng, omele iWHO e-Afghanistan, esithangamini nabezindaba eGeneva.
“Uhlelo lwezempilo ovele luntekenteke selukhungathekile,” esho, engeza ukuthi bahlangana nabanikeli ukuthola ezinye izindlela zokuxhasa ngezikhungo zezempilo.
Ohulumeni bamazwe omhlaba bathembise izigidi zosizo oluphuthumayo kepha imibuzo isalokhu iqhubeka nokwanda mayelana nokuthuthuka esikhathini eside kanye nolunye uxhaso emnothweni oluthembele kakhulu osizweni lwamazwe omhlaba. Izigidigidi zamadola ase-USA ezimpahleni zebhange elikhulu ezigcinwe ngaphandle kwaleli lizwe kubanjiwe (freezed).
Iphrojekthi yezempilo ecishe ibe izigidigidi ezingama-$600 yeminyaka emithathu ephethwe yiBhange Lomhlaba e-Afghanistan ixhase ukusebenza kwamakhulu ezikhungo zezempilo, kanti iWHO ilinganisela ukuthi ingaphansi kwengxenye yesihlanu manje seyisebenza ngokugcwele. Lokho kube nomthelela ekwandeni kwamacala ezimungumungwane nohudo, kanti uhhafu wezingane zase-Afghanistan usengcupheni yokungondleki kanye nezigidi zemithi yokugomela ukhuvethe ehleli ingasetshenziswanga, kusho uDapeng.
Okucacile ngalolu daba ngukuthi ezinye izijeziso ezibekwa lelizwe ngenhloso yokucindezela iqembu iTaliban zingagcina zenza umonakalo omkhulu kunalokho okufanele likuzuze, kepha ukungajezise lelizwe kungagcina kuphoqa amazwe omhlaba ukuthi amukele leli qembu njengababusi abasha baleli lizwe ngokuphelele.