Now Reading
Ijezi unombolo 10: uDolly uthi uzoqeda umkhokha
Dark Light

Ijezi unombolo 10: uDolly uthi uzoqeda umkhokha

Sekuphenduke umchwilo wesidwaba kuChiefs ukuthi abadlali bafike ngelikhulu idumela kodwa baphoxe ngemuva kokugixabezwa ngeshumi.

Muva nje Izimpofana zisanda kuhlukana noSiphelele “Stashi” Ntshangase. Lo mdlali odabuka oPhongola bekubhekwe lukhulu kuyena ngesikhathi esuka kuBaroka FC.Ufike ePhefeni bamnika ishumi. Naye uthembise into yamehlo kodwa lagcina limsinda leli jezi.

Imeneja kaDolly, uPaul Mitchell weSiyavuma Sports Agency itshele elaboHlanga ukuthi leli nxele alikhathazekile ngendaba yomlando omubi weshumi kuChiefs.

“UKeagan akuyena umuntu obuka izinto ngaleyondlela. Kudala alithanda ishumi. Phela enkundleni ngenye yezindawo azidlalayo unombolo 10. Eyokuthi abadlali abafike ngaphambi kwakhe abazange benze kahle yinto engamshayisi ngovalo. Ishumi yijezi elisondele kakhulu nenhliziyo yakhe. Angeke azikhathaze ngemicikilisho ehambisana naleli jezi kuChiefs,” kusho uMitchell.

Abanye abadlali abahlulwe yishumi kuMakhosi singabala uSiyabonga Nkosi, uNtshangase, uKeagan Buchanan, uMichael Nkambule noSongwe Chalwe.

“Uma livela elinye ithuba lokuya phesheya kwezilwandle eminyakeni ezayo sizohlala phansi neChiefs sibone ukuthi ngabe izinhlangothi zombili zeneme yini. UKeagan ubenenqwaba yezesheli phesheya kwezilwandle. Namaningi amaqembu abengawajoyina phesheya kodwa wabheka izinto eziningi ikakhulukazi ezithinta izimali. Ubone kuyisu elihle ukuthi ajoyine iChiefs. Inkinga enkulu wukuthi kule lizwe iningi labantu abaqondi izimo zokuphila phesheya kwezilwandle ikakhulukazi uma sesithinta ezezimali. Akusho ukuthi uma uya uphesheya kwezilwandle imali isuke ithi tata kuwena. Akunjengoba abantu becabanga,” kuqhuba uMitchell.

Ijezi unombolo -10 lagcina ngoStanton “Stiga” Fredericks, Isaac “Shakes” Kungwane no-Absolom “Scara” Tindwa ukuba nedumela kuBafana Bokuthula Noxolo.

“Isinqumo sokubuya kukaKeagan besingancikile kuphela endabeni yokudlala ibhola kodwa sibheke nekusasa lakhe ngemuva kwebhola. Bekumqoka ukuthi sibhekelele umndeni wakhe bese sibheka neqembu aya kulona ukuthi limfanele yini. UKeagan ubengaya ePoland noma esigabeni esiphansi eFrance. Ubengenaso isifiso sokuyodlala ePoland ngoba imali abezoyithola ibingeke iyedlula azoyithola ngokuzodlala lapha eNingizimu Afrika. Akuyona iligi abeyithanda, akulona izwe abelithanda. Into okumele siyiqonde wukuthi akusona isinqumo esisodwa asiholela ekutheni umdlali afune ukubuya kodwa ukubuya kwakhe kuncike ezintweni eziningi,” kubeka uMitchell.

UDolly ubegijima kuMamelodi Sundowns ngaphambi kokuthi alibangise eFrance kuMontpellier.

“Sixoxile amahlandla amane ne-Al Ahly ngaphambi kokuthi siqede yonke into neChiefs. Akuyona kuphela kodwa kunamanye amaqembu e-Egypt esixoxile nawo. Sisayine neChiefs ngoLwesibili olwedlule kodwa ngeSonto ekuseni sathola isicelo esiconsisa amathe esasivela kwelinye lamaqembu ase-Egypt. Yebo, angiphiki, sixoxile ne-Al Ahly izikhawu ezine kodwa bekungekhona okokuqala. Besekunesikhathi i-Al Ahly igaqele uKeagan. Yaqala ukumshela ngaphambi kokuthi ayodlala kuMontpellier. Ngebhadi asizange sivumelane ngezinto ezithize ngaleso sikhathi,” kubeka uMitchell.

UDolly akazange abonakale ngempelasonto ngesikhathi iChiefs iguqisa i-Orlando Pirates ngo 4-3 kumaphenathi kuCarling Black Label Cup.

See Also

“Ngifisa ukukucacisa ukuthi nalapha eNingizimu Afrika bekungelona iqembu elilodwa kuphela ebelifuna uKeagan. Ekugcineni uKeagan uqome iChiefs. UBobby Motaung noKaizer Junior baqhamuke nohlelo lwabo olwenze uKeagan wajabula. Ubenenqwaba yamathuba lapha ekhaya, eNhla ne-Afrika, e-Europe, eMelika naseJapan kodwa ekugcineni uqoke iChiefs. Kunezinto eziningi esizibhekile ngaphambi kokuthi sifinyelele esinqumeni sokusayina neChiefs.” kuphetha uMitchell.

Amakhosi azobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni wokuqala wokuvula isizini kuMTN8  eLucas Moripe Stadium ngehora lesi-3 ntambama.

Ngemuva kwalokho azobe esebhekana neTS Galaxy emdlaweni wokuqala weDSTV Premiership eMbombela Stadium ngoNcwaba zingama-22 ngehora lesi-5 ntambama.

IChiefs ibheke ukuqeda isomiso sezindebe. Sekuphele iminyaka eyisithupha leli qembu lidonsa kanzima.

Ligcine libuyise uStuart Baxter okunguyena owagcina elethe izinsuku zenjabulo eNaturena ngo-2015.

Scroll To Top