Now Reading
Kwamqinisa ukusebenza esitolo “uMabutho”
Dark Light

Kwamqinisa ukusebenza esitolo “uMabutho”

Ukubamba itoho kwaShoprite Checkers ngesikhathi esabheka umsebenzi ayewufundela esikhungweni semfundo ephakeme akuzange kumfake amahloni kozakwabo, kodwa yikho okwamqinisa kakhulu ukuze afinyelelele lapho ekhona namuhla.  Uma kukhulunywa ngabalingisi abavelele ezweni alisali ngaphandle igama likaThembinkosi Brian Mthembu.  

Le nsizwa eneminyaka engama-28 ubudala ingeyokuzalwa eThekwini. Ngaphambi kokufezeka kwephupho lakhe, uMvelase utabalasile njengentsha eningi yaseNingizimu Afrika. 

Ngesikhathi kuvela ithuba lokuba asebenze esitolo esikhulu sokudla nempahla kuleli, wabona ingqayizivele yethuba walibamba ngezandla zombili wangazibona njengomlingisi obona ukuthi ukusebenza esitolo kuzombukanisa nontanga bakhe.  

Uqale ukuzibonakalisa endimeni yezokulingisa esenza izifundo zeDrama eDurban University of Technology (DUT)aziphothule ngonyaka wezi-2017. 

Esekulesi sikhungo ulingise emidlalweni ehlukahlukene yasesiteji ngaphakathi nalapho abaphathi baliqaphele khona ikhono lakhe elingandile. Akagcini ngokulingisa kodwa nasemdansweni  ngeke umbambe njengoba wayedansela iqembu iCell C elalidume kakhulu.  

Emuva kokuphothula izifundo walibangisa eGoli. Akafananga nabalingisi abaningi abalinda iminyaka ngaphambi kokuba ikhono labo libonakale ngoba ngonyaka wezi-2017 eqeda nje wanikwa indawo emdlalweni wethelevishini,  iThe Republic.  Lo mdlalo iwona avela ngawo kuthelevishini waqala nokwaziwa ngawo. 

Ukuvelela kwakhe kwezokulingisa eThekwini kwenza waze wahlonishwa ngomklomelo iCameo Award owadluliselwa kuye inkakha yomlingisi uDawn Thandeka King. 

See Also

Ngasekupheleni konyaka wezi-2020 waqokwa yiKwaZulu-Natal Entertainment Awards emkhakheni weBest Actor, Male Vilain, and Outstanding Newcomer ngeqhaza nomnikelo wakhe kwezethelevishini eNingizimu Afrika. Kungawo lowo nyaka lapho anikwa khona indawo yokulingisa uMalusi efilimini emfishane, iNgeculo. 

Udumo olukhulu analo namuhla uluthole emdlalweni iThe River elingisa indawo kaMabutho. Kulo mdlalo ufike washintsha izinto lagqama kakhulu kunakuqala ithalente lakhe esephakathi kwabalingisi abanohlonze njengoPresley Chweneyagae yena odlala indawo kaCobra. 

Kubalingisi abasafufusa iseluleko sakhe sithi, “Ungazami ukuzenza omunye umuntu, yiba uwena uqobo ngaso sonke isikhathi ube nentshisekelo yempilo nakho konke okwenzayo”.

Scroll To Top