Kuyanda ukushaywa indiva kukaHulumeni
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/Mtaka.jpg?fit=80%2C80&ssl=1)
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2021/10/Shembe-March-10.jpg?fit=1600%2C1000&ssl=1)
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/Mtaka.jpg?fit=156%2C156&ssl=1)
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kukhona ukuvumelana kongoti ekuthini izigameko zepolitiki azizenzakaleli kepha zidalwa ngokuthile. Ukuthi zenzeka nini akumqoka kepha okumqoka wukulandela umnyombo wazo.
Kuleli sonto kwenzeke okungejwayelekile ngesikhathi kubamhlophe inkaba yedolobha iTheku lapho amaNazaretha okuthiwa alinganiselwa ezinkulungwaneni eziyisithupha egasela ehholo ledolobha. Lena ngokusho kweziphathimandla “bekuyimashi enokuthula”. Okunye okuvelayo ngeziphathimandla wukuthi abebecele imvume bathi ngeyabantu abangama-500 nokuhambisana nemigomo ebekelwe isimo sokhuvethe.
Izithombe ezisabalale umhlaba wonke zifakazela ukuthi isibalo ebesilindelwe sedlulile ngakho amaNazaretha abehlele imashi lena kungathiwa aphule umthetho. Nokho ukukhuluma kubukeka kungeke kube lula kanjalo njengoba isenzo samaNazaretha singehlukile kunaleso esenziwe ngamaqembu epolitiki nawo abize izixuku angena imizi nemizi ekhankasela ukhetho oluzayo loHulumeni Bendawo.
Iqembu lesithathu ngobukhulu kuleli ePhalamende i-Economic Freedom Fighters (EFF) ayikaze ikufihle ukuthi yona kayiyingeni imilayelo kaHulumeni nethi abantu kababe yisibalo esithile uma kwenzeka behlangana. Lokhu kuphikisana noHulumeni bakwenze isidana ngeSonto ngesikhathi bethula umqulu wabo wokhetho nophelezelwe wukuvulwa kwamahhovisi abo aqanjwe ngelesigomagoma somzabalazo uNkk uKaMadikizela Mandela. Ngalolu suku izitoyitoyi bezingcwele umgqwaqo sengathi akwenzekanga lutho.
Lezi zigameko ezingenhla zelanywa ngesikhulu esenzeke ngonyangantathu wokuqala nonyaka lapho uZulu ‘ugqabule khona amaketanga’ uyotshala ISILO esidala kwaNongoma. Ngaleso sikhathi imithetho yabe ingavumeli abantu ukuba babuthane kepha uZulu wala ukutshelwa ukuba Omdala kasuke lapha eThekwini engembethe lutho. Ngosuku ayezosuka ngalo esibhedlela i-Inkosi Albert Luthuli kwavaleka imigwaqo lapho uMkhumbi Wempi kaZulu wabe usuthelekile uzosiphelezela.
Okwenzeka ngosuku lokutshalwa kwaso kwaba yisimanga njengoba amagagasi ngamagagasi kaZulu agubuzela uNongoma. Ngalokhu izinhlanga zoBukhosi azikufihlanga ukuthi ngeke zizwe muntu othi iSILO asitshalwe sodwa zingekho zona. Ubani ongalibala amagama eNduna uMgiliji awabhekisa kuHulumeni ngaleso sikhathi lapho ethi; “Akekho oyosivimba ukuyotshala iNkosi ebesihamba nayo umhlaba wonke iphakathi kwethu bese kuthi ngosuku lokugcina bese siyihlamuka.” Washo la magama uNhleko zadilika izinsizwa enhla nasezansi amabombo ebheke kwaNongoma. Kwaba yiso leso nangosuku lwenkozo zalukhuza uSuthu ekhona uMengameli wezwe okunye sekungumlando.
IsiZulu sithi isishiphi sikhonga ukunya, ngakho lokhu okwenzakalayo kungenzeka ukuthi akugcini nje ngokuba nomlando othize kepha futhi kungasho ukuthi kukhulu kuyeza ngakho belu ngoba impandla iqala ngamanhlonhlo.
Emazweni omhlaba ukungahlonishwa kwemithetho ebekwe nguHulumeni kusuke kungekhona nje ukuthi abantu benza lokhu okulilungelo labo ukwehluka noma ukuba nombono owehlukile kepha kusuke sekuqala ukumeya uHulumeni noma ababusi kulelo lizwe. Lokhu kuqala kancane kepha, kakhulukazi kuqalwa nje yidlanzana bese kwenabela ezweni lonke. Njengoba kwenzeka koTunisia emkhankasweni owabe ubizwa nge-Arab Spring nokwaba wuchungechunge olwaginqa ababusi nohulumeni emazweni ama-Arabhu, izigameko lezi ziyawuguqula uHulumeni.
Kokunye njengoba kwenzeka eBelarusian lapho kugcina ngokulimala nokuboshwa kwabantu. Nalapha izolo lokhu eZimbabwe sabona okufanayo ngesikhathi kusekhona uMengameli uMugabe uHulumeni wakhe owabe ugagaziswa ngabe MDC. NaseSwatini kubikwe ngokugqubuzana komphakathi noHulumeni wakhona ngakho belu ukungaboni ngasolinye nokuphela kokwethembana phakathi kwabantu noHulumeni. Okunye okuvame ukwenzeka wukuvela kwamathamelangosi ngalezi zikhathi nokungathi kungazelelwe bese ulaka lolu lwabantu luphenduka intukuthelo engashisa izwe.
ENingizimu Afrika udaba lwezibhelu belukhonga kona ukunya njengoba kucekeleke impahla. Uma lokho kungalunjaniswa nomuzwa walabo abangayizwa eyokugonywa ngenkani. Labo abafuna izidingo, labo ababona uHulumeni efaka unyawo lwakhe ezindabeni zobuholi bebandla njengamaNazaretha kanye nalabo abathi wenza okufanayo ngeSihlalo sikaZulu kuyabonakala ukuthi iNingizimu Afrika ihamba phansi kwethunzi elibi nelingabhubhisa okuningi osekwenziwe. Okwakamuva nje kuveza khona ukuthi amaNazaretha anombono othile ngoHulumeni, okungenzeka ukuthi uliqiniso noma awulona kepha ubukhona kwawo kucija imikhonto ezweni.