Izibongo zaMakhosi akwaMandlakazi nokuhuba kukaZibhebhu



UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali wezincwadi zomlando.
Mhla ezoqeda izikhulu zezwe Ondini uMntwana uZibhebhu imbongi yakhe imhasha ithi:
Umababal’ ahlome
Akadinwa ukuhloma
Ungqongqo yemikhonto
Uyazibang’ izililo
Ngob’ uyazibang’ izinyembezi
UNomapangisa kuyihlomisa
Usihlangu sikaShaka noJama
Imbongi isho la mazwi angenhla qede bese ibalisa ikhale isililo isizisho ngamagama zonke izikhulu ezasala kuleyo mpi. Kuthe ekukhuleni kwakhe uGwebisa wafundisa uNoziwawa wakwaNxumalo owayakhe kwaNcengisekhona.
UNoziwawa ubongele aMakhasi akwaMandlakazi kusukela kuye uMntwana uZibhebhu uze washona sekuphethe iNkosi uMntwana uPhumanyova. Kuthe uma sekubusa iNkosi uBhekintinta kwabonakala sekushona phansi ukubongela aMakhosi akwaMandlakazi.
Kwathi noma ebongela uNomleshe Ngema akwabe kusafana nezimbongi ezazibongela ngaphambili kwakhe. Kwathi ukushicilelwa kwencwadi Umongo kaZulu kwase kuba khona abafana abazalwa ngaphakathi eNdlunkulu eBanganoma abakhombisa ugqozi olukhulu uma sebethola izibongo zaMakhosi akwaMandlakazi zibhalwe phansi.
Kuqale kwabongela uGane ozalwa uMntwana uSonkehli kaPhumanyova. Lokhu kwavusa ugqozi entsheni. Kwabe sekuqhamuka uMntwana uMthembeni kaSikheshe kaMlahlwa kaMagadavu endlini yaseMvulamlomo okunguyena oseyimbongi evelele yaMakhosi akwaMandlakazi kusukela kuvuselelwe ukwakhiwa kwamadlinza aMakhosi esizwe sakwaMandlakazi.
UMntwana uMthembeni uvele nekhono elibonakala cishe lifane nelikaGwebisa kaMadondo. Ukubongela lokhu kuyinto enkulu esihlalweni soBukhosi esizweni ngasinye. Kungumkhuleko omkhulu ohlanganisa abaphilayo nabaleleyo, bazizwe bendawonye bephefumulelana ngomoya munye.
Phela ukuviva nokusina kwamabutho kwaMandlakazi iyonanto eyayihamba phambili. UMntnwana uZibhebhu wayeligagu lokusina efana neNgonyama uShaka noDingana. Lona weNkosi wayehuba kuze kuse uma esebusa nabantu bakayise.
Kungenzeka ukuthi akakho namuhla eMakhosini akhona lapha kwelakwaZulu enamahubo amaningi njengawoMntwana uZibhebhu. Namuhla la mahubo engikhuluma ngawo lapha, asagciniwe ayahutshwa kwaManldakazi. Bathi kwakuthi uma esekhaya ehlezi noMdlunkulu wakhe azithokozise ngokuhuba asine nawo. Wayewukhonzile kakhulu umndeni wakhe ngangokuthi wawungaphika ukuthi nguye lona okuthi uma eselwa angafiswa muntu.
Ekubuseni kwakhe isizwe sikayise kunesikhathi lapho alwela khona uBukhosi exazulula umbango waseNdlunkulu, ukuba kubekwe uMntwana uCetshwayo owayenguNdlalifa yeNgonyama uMpande, kunesikhathi lapho uMntwana uZibhebhu alwa nabamhlophe izimpi ezinkulu nezingelinganiswe nalutho, evikela uBukhosi nezwe likaZulu.
Kepha isikhathi esaba nzima ukwedlula zonke kuye kungesikhathi esehlaselwa ngabakwabo eNdlunkulu sebebanga ingane yeNkosi, uMntwana uDinuzulu kaCetshwayo. Ngale nkathi walwisa okwemamba enenxeba ezivikela yena ngangokuthi waze wabulala ngisho abakayise uqobo. Lokhu ukuzwa ekuxoxa ehubeni lakhe elikhulu ebabaza ethi:
“Weludonga dilika
Ngiyibone iNkonyane kaNdaba
Kukhulu engikwenziwe KwaZulu
UyiNkonyane yemikhonto
UyiNkonyane yakwaZulu
Abantu bagwazwa yimpi”
Wahaya leli hubo lakhe elibhekise ezikhulwini zakwaZulu ethi sezakhe udonga ngoba zithi akasenakubuye angene kwabo eNdlunkulu. Leli hubo waliqamba ngemuva kwempi yaseNdunu. Kwathi ezinsukwini zakhe zokugcina simthola esephila impilo enokuthula noxolo neSilo uDinuzulu, ukulwa sekwedlulile.