Now Reading
Isivumelwano esinqala phakathi kwenhlangano yabalimi noMnyango
Dark Light

Isivumelwano esinqala phakathi kwenhlangano yabalimi noMnyango

Ezolimo zibaluleke kakhulu empilweni yanoma yisiphi isizwe. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi uma sekushaya isikhathi sokutshala, labo abazibandakanya nezolimo ukuze badle nemindeni yabo nalabo abatshalela ukudayisela abanye bazilungiselele.

Lokhu ngeke bakwazi ukukwenza ngaphandle kokulekelwa uHulumeni njengoba kudingeka izimbewu, imishini yokulima nokutshala, ulwazi mayelana nomhlabathi, isimo sezulu njalonjalo. Uma kuthiwa “Phezu komkhono” kufanele kuhlalwe phezu komkhono kubonakale.

Eminyakeni eminingi imizamo kaHulumeni yokulekela abalimi ayibanga yimpumelelo ngenxa yezizathu eziningi ezifaka phakathi ukuthi yize uMnyango Wezolimo Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya unabo abasebenzi, abakwazi ukuthi bayekele eminye imisebenzi yabo baqondane kuphela nokutshala.

Isifundazwe iKwaZulu-Natal sinomhlaba omningi olungele ukusetshenziselwa ukutshala ukudla. Njengoba ukhuvethe lubhubhisile nezibhelu kwaqeda imisebenzi Yabantu abaningi, ezolimo zizithola zibaluleke kakhulu kunakuqala. Uma sekuphele konke empilweni yaboHlanga kusala umhlabathi ongumondli wabo bonke.

Kujabulisile ukuthi uMnyango wenze isivumelwano nenhlangano yabalimi ukuthi iqondane ngqo nohlelo lokulungiselela ukutshala. Ngokwesivumelwano esaqala nyakenye iSouth Africa Farmers Development Association inomsebenzi wokwelusa, ihlaziye uhlelo lweMulti-Season Planting Programme. Lolu hlelo okuhloswe ngalo ukulwa nobubha ezindawen ezisemakhaya, lubhekelele kakhulu ukutshalwa izitshalo zasehlobo njengemifino, okusanhlamvana, nokunye.

See Also

UMnyango waqala ngokuthenga imishini eminingana ukulekelela emasimini ngokulima nangokutshala, kepha kugcine sekusetshenziswa imishini yosonkontileka abazimele. ISouth African Farmers Development Association isiqhamuke nohlelo lokuphathwa kolwazi lomhlaba ibambisene neGreen Cloud.

Lolu hlelo lukwazi ukuthi ukukhomba yonke imiklamo esemahhekeleni ayizinkulungwane ezingama-22 luhlonze ukuthi umklamo ukuphi, imininingwane yomlimi, amahhakela alinyiwe natshaliwe kanye nohlobo lwesitshalo. Lolu hlelo selukhande amathuba emisebenzini njengoba kunabadidiyeli bezifunda ezili-11 kanye nabagogodi abangama-23.

Scroll To Top