Now Reading
Intokazi eliphebeza isesihlalweni ifuna izicoco ezinkulu emhlabeni
Dark Light

Intokazi eliphebeza isesihlalweni ifuna izicoco ezinkulu emhlabeni

Ugaqele izicoco ezinkulu emhlabeni uKgothatso “KG” Montjane onephupho lokubalwa nabadlali abahamba phambili emdlalweni, ithenisi.

Le ntokazi eneminyaka engama-35 isanda kufinyelela kowamanqamu we-Wimbledon lapho iguqiswe khona nguLucky Shuker ongowokuzalwa e-United States.
Ngowezi-2019, uMontjane uphinde wakhala ngaphansi kowamanqamu we-US Open.
Ngokwemikhakha yethenisi zine izicoco ezibalwa nezihamba phambili emhlabeni onyakeni ezaziwa ngokuthi amaGrand Slam.

Unyaka uvulwa nge-Australian Open bese kulandela iFrench Open elanywa yiWimbledon. Kuvala i-US Open.

UMontjane utshele elaboHlanga ukuthi isifiso sakhe esikhulu ngaphambi kokuthi athathe umhlalaphansi wukunqoba esinye yezicoco ezinkulu emhlabeni. “Nginezinto ezinkulu engihlose ukuzizuza. Okokuqala nje ngifuna ukubalwa nabadlali abathathu abahamba phambili emhlabeni. Okwesibili ngifuna ukunqoba iGrand Slam. Uma ngingakwazi ukufeza lezi zifiso engizibale ngenhla ngiyobona ukuthi ngikwenze konke ethenisini. Ayikho into eyongijabulisa njengaleyo ikakhulukazi uma ubheka neminyaka yami. Ngineminyaka engama-35 manje. Muva nje i-US Open inqontshwe ngowesifazane oneminyaka eli-19. Impela uma ngikwazile ukufeza iphupho lami lokuwina iGrand Slam ngiyojabula,” kusho uMontjane engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga.

UMontjane uhamba ngenqola enamasondo ngenxa yokuthi wazalwa enenkinga yezinyawo nezandla. Eneminyaka eyishumi nanye kwaphoqeleka ukuthi afake unyawo lokufakelwa.
“Ngikholwa wukuthi sekuseduze ukuthi nginqobe iGrand Slam. Bengilokhu ngifinyelela kowandulela amanqamu kodwa manje sengiqala ukufika njalo kweyamanqamu. Lokho yikona okunginika ithemba lokuthi sekuseduze ukuthi ngifeze iphupho lami. Angikaze ngizethembe ngale ndlela engizethemba ngayo njengamanje. Ukuzethemba kwami kukwelinye izinga. Okwami nje wukuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla nokukholelwa kimina. Ukunqoba i-Grand Slam yinto engenzeka futhi ngiyakholwa wukuthi izokwenzeka maduze,” kuqhuba uMontjane.

Selokhu eqale ukudlala ezingeni lomhlaba wenza kahle. Into aseshoda ngayo yisicoco esikhulu emhlabeni.

Ngowezi-2013, wezi2014, wezi2016, wezi2018, wezi2019 nangowezi-2020 ufinyelele kowamanqamu we-Australian Open kwathi ngowezi-2013, wezi2014, wezi2018, wezi2019 nangowezi-2020 wafika esigabeni esifanayo ku-US Open.
“Unyaka wezi-2021 usangiphethe kahle uma ngibheka izinto ezinhle ezenzekile. Ngijabule ngokuthi ngenze kahle emiqhudelwaneni ehlonishwayo emhlabeni. Lokho kungisizile kakhulu ekutheni ngikhulise ukuzethemba kwami. Ukuzethemba kwami kuphezulu manje. Yebo, ngiyakholwa wukuthi ngisangenza kangcono kodwa okuhle wukuthi ngiyayibona indlela ebheke phambili. Ngeneme ngokwenzeka emsebenzini wami. Kuningi engizokwakhela kukona njengoba ngifuna ukunqoba esinye sezicoco ezinkulu,” kuqhuba uMontjane.

Le ntokazi edabuka eSeshego, eLimpopo iphethe izicoco ezingama-29 okubalwa kuzona iBelgain Open neSwiss Open.
“Engikuzuze kulo nyaka kungifakela ingcindezi yokuthi ngenze okungaphezu kwalokhu engikwenzile uma sekuqala unyaka ozayo emiqhudelwaneni emikhulu. Ngiqoqe inqwaba yanaphuzu kulo nyaka okuyinto enhle. Ngizoqhubeka nokuzikhandla ngoba lo mdlalo uyikho konke kimina. Ngithembele kuwona ukuze nami ngikwazi ukuziphilisa,” kubeka uMontjane.

Emlandweni weWimbeldon akekho umdlali omnyama oseke wabamba iqhaza kule ndumezulo yomqhudelwano. Kuqale ngaye uMontjane ngowezi-2018.
“Ukuzikhandla kwami ngicabanga ukuthi yikona okungenza ngibe kuleli zinga engikulona njengamanje. Ukusebenza kanzima kwami kuyo yonke le minyaka eyedlule sekuthela izithelo manje,” kubeka uMontjane.

Ngowezi-2018 ube ngumdlali wokuqala wethenisi wesifazane omnyama ukubamba iqhaza kuyona yonke imiqhudelwano emikhulu (US Open, Australian Open, Wimbledon neFrench Open) ngonyaka.

See Also

“Uma ngingena enkundleni ngiyaye ngenze lokhu engikade ngisebenza kukona ngesikhathi ngizilolonga. Yebo, ngiyaqonda ukuthi isizwe sesiqala ukuwunaka umsebenzi wami njengoba ngenza kahle kodwa lokho akuyona into engifakela ingcindezi. Into emqoka kimina wukuqhubeka ngomgqigqo ofanayo. Unyaka nonyaka ngifuna ukwenza kangcono. Usuku nosuku kumele ngizikhumbuze ukuthi kungani ngenza lomsebenzi. Okubakulekile kunakho konke wukuzibeka phambili bese ngikhohlwa okwenzeka ngaphandle kwenkundla okungase kungiphazamise. Angifuni ukuqamba amanga ngiyayithakasela indlela engisekwa ngayo kodwa akumele ngiyifake kakhulu ekhanda. Ngiyayazi lapho ngisuka khona,” kuchaza uMontjane.

Ngowezi-2005, wezi2011 nangowezi-2015 uqokwe njengowesifazane ovelele emkhakheni wabakhubazekile kumaSouth African Sports Awards.

“Isifiso sami wukubuyisela emphakathini ngezindlela eziningi. Into engiphazamisayo nje wukuthi ngihlale ngisendleleni ngenxa yokuthi imiqhudelwano emikhulu ibanjelwa emazweni aphesheya. Nokho uma ngithola isikhathi ngiyazama ukubuyisela emphakathini wangakithi. Enye yezinto engifaka ugqozi uma ngisenkundleni wukuthi ngifuna ukugqugquzela noma yimuphi umuntu onephupho. Ngifuna ukuthumela umyalezo wukuthi uma usebenza kanzima ungakwazi ukufeza amaphupho futhi akumele uvumele izimo zempilo zime endleleni yakho. Lokhu kumele ngikwenze ngokuthi ngishaye into ecokeme uma ngisenkundleni. Ayikho into engijabulisa njengaleyo,” kubeka uMontjane.

Yize engakwazanga ukubuya nezindondo kumaSummer Paralympics ngowezi-2008 eBeijing, eChina, yiseLondon, e-England ngowezi-2012 nangowezi-2016 eRio de Jeneiro, eBrazil kodwa ulwe kwaze kwasekugcineni.

“Abantu ababazi ubunzima esibhekana nabo e-Afrika ikakhulukazi thina sizwe esimpisholo. Kwamanye amazwe izimo nengqalasizinda iyabavuma. Yingakho uma kukhona umuntu wakithi owenza kahle kumele simeseke ngayo yonke indlela.” kuphetha uMontjane.

Scroll To Top