Ubuya ngezinkani owokulibhubuza esihlabathini solwandle
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Iyasukala iyahlala kule mpelasonto iligi kanobhutshuzwayo ebizwa ngokuthi iProfessional Beach Soccer League (PBSL).
UGordon Masondo ongomunye wabasunguli bale ligi, ubezwakala ejabule ngesikhathi kade ekhuluma nelaboHlanga. UMasondo udume kakhulu eyimenenja emaqenjini okubalwa khona iMpumalanga Black Aces neLamontville Golden Arrows.
Utshele leli phephandaba ukuthi le ligi yathulwa ngokusemthethweni ngoMbasa nonyaka, kwenzeke emva kokuthi inhlangano ephethe unobhutshuzwayo kuleli iSouth African Football Association (SAFA) ibanike igunya lokwengamela iBeach Soccer.
UMasondo uthe iSAFA ibanike igunya ngoNcwaba wanyakenye, lesi sikhulu siveze nokuthi kuqhilika izihlathi kubona njengoba bezobambisana noMasipala waseThekwini ekusunguleni le ligi iPBSL.
“Konke kumi ngomumo, sesilindele usuku lakusasa (okunguMgqibelo) ukuthi lisuke lihlale. Amaqembu azokuba li-12, silindele ukuthi yonke imidlalo ibe seqophelweni eliphezulu. Ngijabule kakhulu ukuthi nakanjani lo mqhudelwano uzoqala, yize kube khona okade kusiphazamisa ezinhlelweni zethu” kusho uMasondo.
Amaqembu azoba yingxenye yalo mqhudelwano, aqale ukuzilungiselela ngoNtulikazi, njengoba le ligi izoqala kule mpelasonto nje iyoze isongwe ngoNhlaba wangonyaka ozayo.
“Sibonga kakhulu enhlanganweni ephethe ibhola kuleli iSAFA ngokusethemba, isinike ilayisensi yokwengamela iBeach Soccer. Kangingabazi ukuthi iNingizimu Afrika izobuyela ezingeni ebiyaziwa ngalo kulolu hlobo lwebhola. Sibonga kakhulu nakuMasipala weTheku ngokusinika ulwandle lwawo. Okuhle ukuthi ngale ligi sizokwazi nokuvula amathuba omsebenzi. Sizokwenza isiqinisekiso sokuthi siqasha abantu baseThekwini. Ukuvulwa kwale ligi kuzothuthukisa nezokuvakasha kuleli dolobha. Abantu bazothi uma beqeda ukubhukuda bese bebuka ibhola, ” kubeka uMasondo.
Uqhube wathi: “Amakilabhu azongena kule ligi kumele abhaliswe njengenkampani. Sifuna ukuthi abantu abazoqashwa yiwo bavele nasezintweni ezifana naku-UIF baphinde badonselwe nentela. Senze isiqiniseko sokuthi amakilabhu aphethwe abantu abanomlando wezinto ezimbi ezifana nokubandakanyeka ebugebengwini, asiwavumeli ukuthi ajoyine. Asibafuni nalabo abake bangabona ngasolinye neSAFA. Sifuna yonke into iqonde, ngoba sinezinhloso ezinkulu ngale ligi.”
UMasondo uthe okujabulisayo ukuthi iningi laba bantu abazobe bedlala kule ligi bake bagijima eqenjini lesizwe, nabaqeqeshi abakhona baseke baqeqesha esigabeni esiphezulu. Ngokusho kwakhe uMasondo lo mdlalo lapha eNingizimu Afrika wagcina ukudlalwa ngonyaka wezi-2011.
Abanye abadlali kubalwa uFani Shange noPrince Gumede abake baya ngisho phesheya kwezilwandle ngenxa yalo mdlalo. Lesi sikhulu siveze nokuthi babhalele nenhlangano ephethe amaNyuvesi nephethe izikole ezizimele bebacela ukuthi iBeach Soccer ibe sohlwini lwemidlalo yabo.
Mayelana nezikole zikaHulumeni, uthe bazosebenzisana namaLocal Football Association (LFA) ekukhandeni amaligi awo lo mdlalo.
Imidlalo yePBSL kusasa ngoMgqibelo ihlelwe kanje:
I-Ethekwini Coastal Beach Soccer Club no-Umlazi Beach Team ngele-11:00;
iMahlombe Beach Soccer Club neMbumbulu Beach Team ngele-12:10;
iGolden Chiefs Beach Soccer Club neSiyakhula KwaMashu Academy ngele-13:20;
i-Inter Natal Beach Soccer Club neRoyal Eagles FC ngele-14:30;
Ingqwele Beach Soccer Club neReserve Team ngele-15:40; iDurban Beach Soccer Club neShayamoya FC ngele-16:50.