Now Reading
UMkhambathini unezinhloso zokushaya izinyoni ezimbili
Dark Light

UMkhambathini unezinhloso zokushaya izinyoni ezimbili

IMeneja yoMkhambathi FC uNtuthuko Mlaba uthi ukudlala kwiNedbank Cup ngeke kuliphazamise iqembu  embangweni weligi.

UMkhambathi FC ugijima ku-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal.

Ezinyangeni ezedlule leli qembu lizibekele indawo emqhudelwaneni womkhumulajezi iNedbank Cup, nakwiligi lenza kahle njengoba lingelinye lamaqembu aphezulu eqoqweni.

Emva kwemidlalo eyi-8 uMkhambathi FC uhlezi endaweni yesithathu ngamaphuzu ali-17 kuqoqo B.

UMlaba ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Isifiso sethu ukuthi siye emdlalweni yokuhlunga singene kwiMotsepe Foundation Championship, kodwa ngeke sakuthatha kancane ukuthi sikwiNedbank Cup esibheke ukwenza kahle kuyona. Isikwati esinaso sanele ukuthi singadlala kwiligi nakwiNedbank Cup,” kusho uMlaba.

Isizini leli qembu likhona kwi-ABC Motsepe League, njengoba lifike ngesizini edlule nakhona maphakathi nayo njengoba lithenge isitifiketi sokudlala kulesi sigaba kwiG Millionaire okuyiqembu laseMzimkhulu.

Ebuzwa ngemfihlo yaleli qembu ekutheni lenze kahle uMlaba uthe: “Ngesikhathi kusungulwa leli qembu sinoGoodluck Mzobe ongumnikazi weqembu, sakubeka ngokusobala ukuthi abadlali esizobasebenzisa sizobenzela yonke into. Abadlali bethu sibenzela yonke into, siyabajabulisa. Ukuze into yakho iphumelele kumele usebenzisane nabobonke abantu osebenza nabo. Ingakho singagcini ngokujabulisa abadlali, kodwa siqala kumshayeli webhasi leqembu, umama ophekayo. Bonke abantu abaseqenjini bondla imindeni yabo, ngalokho imiphumela iba mihle” usho kanje.

Into esigqamile manje ukuthi amaqembu asebenzise abadlali, abaseke badlala kwiDStv Premiership nakwiMotsepe Foundation Championship kodwa leli qembu alikwenzi lokho.

“Isiqubulo sethu sithi (Rural Boys) ngalokho sisebenzisa abadlali basemakhaya abancane abafuna ukuphumelela. Ngeke ngiqambe amanga amanye amaqembu ayabasebenzisa thina okwamanje sisebenzisa abadlali abangenawo amagama. Abadlali abangenamagama bayakutshengisa ukuthi balambile, laba abadala bahudula izinyawo ngoba vele bayakwazi ukuba lapha phezulu abasenendaba,” usho kanje uMlaba.

See Also

Leli qembu lenza kahle kanje liqeqeshwa uSiya Mdluli oseke wayibamba eqenjini elidlala kwi-DStv Diski Challenge (DDC) njengomqeqeshi.

Emdlalweni olandelayo uMkhambathi FC uzobhekana neMidlands Wanderers FC.

“Lo mdlalo ungomqoka kakhulu njengoba kungowokugcina onyakeni. Sifuna ukuvala kahle, ngeke wona ube umdlalo olula njengoba kuzobe kungumdlalo womkhaya. Ubudlelwano esinabo neMidlands Wanderers bukhulu kakhulu, kodwa imizuzu engama-90 buzophela ubudlelwano. IMidlands besidlala emasontweni edlule, yafika izosiseka. Lokho kuchaza ukuthi ubudlelwano esinabo bukhulu,” kusho uMlaba.

Iqembu elizihola phambili kuqoqo B iGreenWood Park (GWP) Friends ngamaphuzu angama-20, kuqoqo A khona iStone Breakers ngamaphuzu angama-20.

Scroll To Top