Now Reading
Iyonqotshwa ngosuku lokugcina kulokhu iligi
Dark Light

Iyonqotshwa ngosuku lokugcina kulokhu iligi

I-English Premier League (EPL) okuyiligi yase-England, ingehamba phambili emhlabeni jikelele.
Lokho ngisho ngezinto eziningi ezenzeka kule ligi. Okunye kwakho indlela emakethwa ngayo
iyatshengisa ukuthi ihamba phambili. Phezu kwakho konke kuba nzima ukubona iqembu elincane nelikhulu ikakhulukazi njengoba sekubuyiswe nabalandeli nje ezinkundleni. Iqembu uma lidlala ekhaya kucacela noma ubani ukuthi ayi cha leli qembu lisekhaya, kwazise
abalandeli basuke bephume ngezinkani. Abanye baze bathi uLionel Messi kumele adlale isizini eyodwa nje kule ligi kuze abone ukuthi kunzima kangakanani.

Le ligi ngeke iqembu linqobe iligi izikhawu ezi-5 noma ngaphezulu kulandelana, hamba uye eGermany iBundesliga iBayern Munich iyinqoba amahlandla kulandelana uye eFrance iligi yakhona iFrench 1 ihlezi ithathwa iParis Saint-Germain (PSG).

Ngiyakuqonda ukuthi akukadlalwa ngisho imidlalo emihlanu emidlalweni yeligi kule sizini
yangowezi-2021/22, kodwa ngibona le sizini izokuveza ukuthi kungani le ligi kuthiwe ngenkulu
emhlabeni jikelele.

Ngingasho ngaphandle kokwesaba ukuthi kule sizini iqembu elizoba ngumpetha sizolibona ngosuku lokugcina lwemidlalo. Okwenza ngishaye phansi ngonyawo ukuthi amaqembu amane amakhulu ayiqale kahle isizini futhi aqine ngokwanele ukuthi angamelana nanoma yisiphi isimo maphakathi nayo isizini.

Ngiqale ngeManchester City okuyiyo evikela isicoco yize isidliwe kule sizini idliwa iTottenham
Hotspur ngegoli elilodwa eqandeni kodwa nakanjani izobe isembangweni wokunqoba iligi uma kuphela isizini. Ayisayinanga kakhulu kodwa ngikholwa ukuthi umdlali emtholile uJack Grealish obegijima ku- Aston Villa uzongena athi khaxa kulabo khilimu leli qembu elinabo lapho ngibala uKevin De Bruyne, uPhil Foden, uRaheem Sterling noRiyad Mahrez ukukha phezulu nje. Siye eqenjini eliqede endaweni yesibili kulogi ngesizini edlule iManchester United, ngiyibona ivuka ima ngezinyawo kule sizini ngaphandle kokuthi ibuyise uCristiano “CR7” Ronaldo osevele eshaye amagoli amabili emdlalweni owodwa kodwa ngiyibona izoba ingozi enkulu kule sizini.

Iqinisile kakhulu njengoba ngesikhathi kuvulwe iwindi lokuthengwa kwabadlali isayinise uRaphael Varane obekuReal Madrid yaseSpain, amava analo awadinge ukuba achazwe njengoba ijezi nasezweni lakhe iFrance ezidlela nje. Yaphinde yathola umdlali ekade yayimugaqele uJadon Sancho obegijima eqenjini laseGermany iBorrusia Dortmund.
Vele kufika labadlali nje leli qembu linaye uPaul Pogba ogila izimanga muva nje, uMason Greenwood, uBruno Fernandes noLuke Shaw ngeke ngababala bonke.

See Also

ILiverpool FC nayo ngiyibona izoyifaka kakhulu ingcindezi okwenza ngisho lokho ngesizini edlule ibe nenkinga yokulinyalelwa inqwaba yabadlali abamqoka, kulokhu babuyile uma
ingeke yabhekana naleso simo esifanayo nayo ingakwenza lokhu ekwenze ngesizini yangowezi-2019/20 inqoba isicoco seligi. Ngisakuyo iLiverpool FC ngithanda ukubongela umgadli wayo uMohamed Salah wase-Egypt ukuthi abalwe nabadlali asebeshaye amagoli ali-100.

Iqembu engeke nangengozi ngalingabaza iChelsea FC, igcine ukunqoba iligi ngesizini yangowezi-2016/17 nayo ngendlela ewukhonkolo ngakhona angiboni ukuthi ikhona into engayivimba. Baningi akade bengayiboni inqoba umqhudelwano we- UEFA Champions League ngesizini edlule kodwa yakwenza lokho ihlula izimbangi zayo iManchester City kowamanqamu.
Okwenza ngiyithwale ngeqoma ukubuyisa kwayo uRomelu Lukaku, kuliqiniso ukuthi nangesizini edlule ibizokwenza kahle kodwa ibishoda ngomuntu ongunombolo-9 wokuzalwa ozovalela phakathi amagoli lokho vele useqalile uyakwenza. Basazoqhubeka nokumenzela amagoli oKai Havert, uMason Mount, uSaul Niguez, uChristian Pulisic, uTimo Werner noHakim Ziyech lapha ngibala abadlali abadlala esiswini naphambili.

Nakule sizini futhi ngibona emaningi amathuba okuthi kube khona iqembu lase-England elidlala kowamanqamu omqhudelwano i-UEFA Champions League. Ngake ngabhala phambili ngithi umqeqeshi we-Arsenal FC uMikel Arteta ngeke ayiqede isizini kahle kahle ngeke afike kuhhafu wayo esaqeqesha leli qembu. Ngisamile futhi ekutheni ayi ngoba ebheda kodwa izikhulu zeqembu izona ezigangayo kungani zingamthengeli abadlali.

Scroll To Top