IDA Ikulungele ukuqopha umlando KwaZulu-Natal
Umnu uFrancois Rodgers unguSoswebhu weDA eSishayamthetho saKwaZulu-Natal futhi uhlala ekomidini…
Ukhetho loHulumeni Bezindawo oluzayo mhla lulunye kuLwezi kulo nyaka lusinika ithuba eliyingqayizivele njengeqembu leDA lokuthi sikhule kakhulu kulesi sifundazwe.
IDA ibikhankasa kulezi zinyanga eziyishumi nesishiyagalombili ezedlule, asiluvumelanga ubhubhane ukhuvethe ukuthi lusiphazamise ekutheni sixhumane nemiphakathi yethu.
Imikhankaso yethu yokhetho ebihlonipha imithetho yemvalelwakhaya iveza khona ukuthi silulungele ukhetho. Izingqwembe zethu sezifakiwe, uhlu lwabazosimela lwakhishwa, nezimali zokungenela ukhetho zakhokhwa ngesikhathi.
Lokhu-ke kwehlukile neqembu elibusayo elizithole lisobishini njengoba lehluleka ukuhlangabezana nomqamulajuqu we-IEC. Kumele kuvunywe ukuthi iqembu le-IFP nele-ANC bahlulekile bancama uHulumeni Bezindawo KwaZulu Natal, ukwehluleka kwabo kuholele ekutheni abantu basemakhaya nasemadolobheni bancishwe amalungelo abo aqotshelwe kuMthethosiseke o , okulethelwa izidingongqangi.
Isibonelo, uma sibheka imikhandlu ela ulwa i-IFP enyakatho nesifundazwe kanye naleyo elawulwa i-ANC njengasemadolobheni aseThekwini naseMsunduzi, kucace bha ngisho nengane iyabona ukwehluleka kwabo. Emva kweminyaka engamashumi amabili nesikhombisa entando yabantu, isimo soHulumeni Bezindawo sehle kakhulu kwezinye izindawo safadabala sithathwa njengento efile. Isibalo semibhikisho enodlame kulesi sifundazwe siwubufakazi bokwehluleka.
IDA isihlonze amawadi nemikhandlu ezobe ikubheke kakhulu ngoba ikholwa ukuthi izophumelela kuyo bese yenyuse namavoti ayo esifundazweni iKwaZulu- Natal. Eminye yaleyo mikhandlu esiyibhekile iseMngeni njengoba sidinga amaphesenti ayisishiyagalolunye
kuphela noma amavoti ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amahlanu, ukuphumelela.
Sikulungele ukuqopha umlando sibe nomkhandlu olawulwa iDA kulesi sifundazwe nokuyovezela isifundazwe ukuthi impilo yabantu iba ngcono kanjani uma ngabe kunoHulumeni ovulelekile nokhathalele izidingo zabantu phambili. Onke amakhansela ethu eDA alandele uhlelo olunzulu lokuqokwa, akhethwa ngendella efanele engahlangene ngokwazana ngezombusazwe. Lesi isinyathelo esimqoka ekwakheni
imikhandlu ezokwazi ukusebenza. Sifikile isikhathi sokuthi labo abazosimela babeke phambili
izakhamuzi ngaphezu kweqembu. Kumele banake kakhulu ukwethula izidingo, benze ngcono impilo yezakhamuzi.
Emva kohlelo olunzulu noluvulelekile lwemibuzo, lowo omele leliqembu kwesobumeya usemenyezelwe. Lowo-ke nguChristopher Pappas. UPappas owazalelwa kuyo le ndawo yaseMngeni uza nolwazi olunzulu njengoba eneziqu kuTown Planning, kanti usebe ikhansela iminyaka kanti manje ukhulumela izindaba zoHulumeni Bezindawo eSishayamthetho
saKwaZulu- Natal. UPappas uzohola ithimba ngokuhlanganyela elinesipiliyoni seminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu kwezithinta ezoHulumeni Bezindawo. Leli thimba lifaka phakathi abakulile nabasebasha. Bazobe belekelwa nayithimba likazwelonke elibhekele ezokubusa, neselikwazile ukwelekela ukwakha imikhandlu eminingi yeDA enoHulumeni abasebenzayo.
Izinto ezimqoka ezizohamba phambili uma singena emkhandlwini waseMngeni:
- Ugesi: Ukusetshenziswa kukagesi ngendlela engekho emthethweni kuwukhinyabeza kakhulu umasipala, ukucima kukagesi kuhlukumeza nalabo abangawephuli umthetho. IDA isiqalile ukuxoxisana no-ESKOM ukuthi le nkinga ixazululwe.
- Amanzi: Ukuphela kwamanzi into esiyaba inhlalayenza umchilo wesidwaba kule ndawo lokhu kungenxa yokunganakwa kwezingqalasizinda esezindala. IDA izozibophezela ukuthi ihlolisise isimo bese ibeka isabelomali esifanele ukuqeda nya lenkinga.
- Imigwaqo: Uma ubuka isimo samanje semigwaqo nokhula uyabona ukuthi alukho uhlelo lokulungisa le nkinga. Ukwenyusa isabelomali ekulungiseni imigwaqo, kuyovula amathuba emisebenzi. Lena indawo edonsa kakhulu izivakashi kanti futhi inomlando kwezombusazwe, lokhu kumele ukuthi kuqhakanjiswe. Iqiniso ukuthi isabelomali okwamanje siyiswa ezintweni ezingabalulekile.
Uma iDA isibusa kulo mkhandlu iyolungisa lesi simo iholele ekutheni le ndawo ibuyele ekudonseni tshali bezimali, kwakheke namathuba emisebenzi adingwa kakhulu abantu baseMngeni. Sifuna ukwakha isikhungo sezingcingo lapho umphakathi usho izikhalo zawo esisebenzela abantu.
Sithathe le mali ebibekelwe ukugada amakhansela e-ANC iye ngqo ekulungisweni kwezinsiza zomphakathi. IDA ikholwa ukuthi ukungenelela okusheshayo kuyosiza kakhulu ukulungisa ezinye izinselelo zansukuzonke ezibhekene nabantu baseMngeni. IDA isivezile ukuthi inerekhodi elihle lokukwenza lokhu lapho iphethe khona. IDA iyakwazi ukwenza izinto zenzeke!




