Now Reading
Inkanyezi yaboHlanga eyaqhakaza kuqala
Dark Light

Inkanyezi yaboHlanga eyaqhakaza kuqala

UBuhle bakhe abupheli. Lona nguphumalanga sikothe waseLamontville umama uCynthia Shange. Kubantu abasha udume kakhulu edlala indawo kamama womlingisi omqoka uThandaza emdlalweni wakuthelevishini uMuvhango kepha kulabo abakade balibona ilanga umama uShange ungowesifazane owavula indlela.

Ngonyaka we-1972 umama uShange wamela elakuleli kuzime womhlaba nokwamenza waba ngowokuqala woHlanga. Uze abe lapho nje wayedle umhlanganiso kuMiss Natal ngowe-1970.
Kagcinanga lapho okaDumakude njengoba wabuye wabonakala emdlalweni owuchungechunge wokuqala wesiNguni, uDeliwe nayilapho ayebonakala khona nenkakha uJoe Mafela.

Wabonakala nasemndlalweni Inkedama nothi Isivumelwano. Emdlalweni oluchungechunge ngeSILO sakwaDukuza iShaka Zulu, umama uShange waqokelwa endaweni yeNdlovukazi uMkabi. Lapha wayedlala nomufi uHenry Cele owayedlala indawo yeLembe. Lokhu kwaziwa,
ubuhle nokukwazi ukwenza umsebenzi kwamvulela amasango njengoba apikwa ezinhlelweni ezahlukene.

See Also

Ngesikhathi izwe libungaza ifagugu kungayiphutha ukumshiya ngaphandle umama uShange ngoba naye qobo uyifagugu eliphilayo.

Scroll To Top