Now Reading
Akusakazwe ngolimi oluqondile nokuyilo olufanelekile
Dark Light

Akusakazwe ngolimi oluqondile nokuyilo olufanelekile

Siyizingwevu ebeziphethe ezemfundo esezithathe umhlalaphansi (The Fellowship Of Retired Education Officials) sithi asizwakalise ilaka lethu nezikhalo zethu ngendlela esibona ngayo Ukhozi FM (Umsakazo) lwethu lusebenzisa ngayo ulimi isiZulu nxa lusakazela umphakathi ongamaZulu.

Ngokwazi kwethu Ukhozi FM lwethu lunikezwe isigunyaziso sokusakazela isizwe samaZulu ngolimi lwesiZulu lodwa futhi esivumelekile nesizwakalayo. Esinye isigunyaziso esisemqoka kakhulu ukuthi kusakazelwe wonke umuntu ongumZulu ongafundile nofundile, osekhulile nosemncane ngokufanayo. Uma ulalele abasakazi bethu besakaza umuntu uyaye azibuze ukuthi isigunyazo somsakazo abakuwo bayasazi yini noma abazange bachazelwe ngaso, ukubaluleka kwaso kanye nokusigcina. Esikulindele kubo abasakazi ukusithanda isiZulu, ukusazi, ukusihlonipha kanye nokuziqhenya ngaso. Kuya dumaza ukuthi konke lokhu akubonakali kubasakazi besiZulu oKhozini. Uma besakaza awukutholi ukuhlonipha
kwabo isizwe abasisakazelayo.

lsiZulu yisona esiphethe onke amasiko omuntu ongumZulu uma usinyemfisa unyemfisa amasiko kaZulu kanye naye uZulu uqobo. Into ephuma oKhozini isheshe ibangene abantu. Uma isibangenile bayithatha bayisabalalise ngokushesha ngaphandle kokuzihlupha ukubheka ukuthi leyo nto iyiyo noma cha. Abasakazi bayathandwa abalaleli abancane nabadala, kungakho kusemqoka ukuba baqikelele ukuthi izinto abazishoyo ziyizo ngaso sonke isikhathi.
Kuyaphazamisa kakhulu ukuzwa umuntu ongumsakazi esebenzisa amagama angewona awesiZulu ekhona awaziyo ayisiZulu. Lokho kuyadida, ikakhulukazi izingane. Ake ngenze isibonelo; kuyawephula umoya uma uzwa umuntu ongumsakazi ebuza umuntu ethi
“ubuyaphi” eqonde ukuthi uphumaphi,

noma uvelaphi, noma uqhamukaphi okungamagama esiZulu aziwayo, naye umsakazi awaziyo akhule ewasebenzisa engakabi umsakazi. Akwamukeleki ukuzwa umsakazi ethi “kwenzakalani” eqonde ukuthi kwenzekani. Abuye athi, “kwenzakaleni eqonde” ukuthi kwenzekeni okuyigama alaziyo. Kulahlisa ithemba uma uzwa umsakazi ongumZulu ethi ubo “relashinishipha nomuntu omtrustayo”. Lezibonelo ezimbalwa lezi, zingagcwala iphepha. Kuyasihlupha ukwenziwa kwezinto ezinjengalezi.

Zolo lokhu sijabule sashaya izandla sathi awu sengathi Ukhozi seluyazi ukuthi lusakazela abantu abangamaZulu gelekeqe uma kuguqulwa igama elithi “Breakfast Show” kuthiwa sekuzothiwa ‘Isidlo Sasekuseni’, sesiyadumala futhi sesiyadideka, kuphela nethemba uma sekuvotelwa ukubuya kwegama elithi “Breakfast Show” esingayazi nencazelo yalo, eliyisilungu, lifunani oKhozini.

See Also

Ziningi izinto ezenzekayo oKhozini ezivusa imibuzo eminingi engaphenduleki, njengokuthi nje;
bakhona yini abantu abaphethe Ukhozi? Uma bekhona lezi zinto ezenzeka oKhozini abaziboni yini? Uma bezibona benzani ngazo? Bonake njengabaphathi bayasazi yini isigunyazizo soKhozi njengomsakazi osakazela abantu abangamaZulu? Pho kwenzekani bebhekile uma bekhona?

Sicela abasakazi babuyisele Ukhozi esizweni samaZulu. Bona baqhubeke babe ngabasakazi besizwe sonke. Ukhozi ngolwesizwe samaZulu okuyisona isizwe esingabanakazi boKhozi. Sicela ulimi lwesizwe naso isizwe kuhlonishwe.

Scroll To Top