Now Reading
Ingxoxo ekhethekile: UMsholozi ubona bezokwenza into yamehlo kule sizini
Dark Light

Ingxoxo ekhethekile: UMsholozi ubona bezokwenza into yamehlo kule sizini

Lowo oyisekela mqeqeshi eqenjini eligijima ku-ABC Motsepe League esifundezweni  iKwaZulu-Natal iSummerfield Dynamos uthi maningi amathuba okuthi bengayinqoba iligi kule sizini. UMafa Zuma olekelela uClinton Larsen usho lokho kade enengxoxo ekhethekile nelaboHlanga.

Leli qembu ngaphambi kokuthi liqale imidlalo yeligi lizoqala ngomshikashika wemidlalo yokuhlungela ukungena kumqhudelwano womkhumulajezi iNedbank Cup. ISummerfield Dynamos ikhaya layo eliseChatsworth yaziwa kakhulu ngokuphatha okhilimu babadlali.

Umdlalo ezowudlala izotholana phezulu neHappy Wanderers. Lo mdlalo uzodlalelwa eSJ Smith Stadium, eChatsworth uzoqala ngele-12 emini. Ngaphambi kwayo kuzovula owamaqembu angomakoti iStone Breakers neDurban Pioneers wona ozoqala ngele-9.

UZuma uthe: “Kule sizini nginethemba elikhulu lokuthi sizokwenza kahle kakhulu. Okwenza ngisho lokho ingoba sinabadlali abaningi abasha abanamava kanti nethimba lethu labaqeqeshu lisha ngaphandle kwalowo ongumqeqeshi wonozinti . Lokho kukhomba khona ukuthi kuzoba nomehluko kunalawa amanye amasizini edlule” usho kanje.

Leli qembu liqeqeshwa uClinton Larsen kanti amagalelo alo mqeqeshi ayaziwa kakhulu njengoba aqala ukuqeqesha ngonyaka wezi-2010 eqeqesha iBloemfontein Celtic wabe esalandela kwiMaritzburg United, iRoses United, iLamontville Golden Arrows, iChippa United kanye nePolokwane City.

UZuma ngesizini edlule ubengekho kuleli qembu ubelisekela uDominic Isaacs kwiGreenWood Park (GWP) Friends nayo egijima kulesi sigaba.

Lo mqeqeshi ekhuluma ngomdlalo ozokuba kusasa uthe: “Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu abadlali bawulungele kakhulu umdlalo. Siyidlalile imidlalo yesihle, sabona lapho okumele silungise khona nengikholwa ukuthi kulungile. Sidlale no-Umvoti FC kanye neG Millionaire . Saphinde sadlala nomkhaya bethu abagijima kuGladAfrica Championship iRichards Bay FC no-uThongathi FC. Amasosha ethu akulungele ukuya empini” kusho lo mqeqeshi.

Uthe okubachazayo ukuthi emdlalweni wabo wokugcina obeseMpumalanga Stadium iHappy Wanderers ibikhona ukuzobabuka, lokho kusho ukuthi izoza kubona ithukile ngoba ibabonile indlela abadlale kahle ngayo.

Leli qembu lisayinise abadlali abanamava uSandile Zuke owake wagijima kwiKaizer Chiefs, iLamontville Golden Arrows, iChippa United, iMpumalanga Black Aces nakuThongathi FC. Abanye uMzukhona Nuba obedlalela iBizana Mpondo Chiefs, uLucky Nguzana ogcine ukubonakala kuMbombela United phambilini wayekuBaroka FC, iPlatinum Stars neqembu laseTurkey i-Umraniyespor.

Negama likaDeolin Mekoa likhona kubadlali abasha beSummerfield Dynamos. Lo mdlali igama lakhe liyaziwa kakhulu njengoba ngonyaka wezi-2016 wayemele iNingizimu Afrika kuma-Olympics ayeseRio de Janeiro, eBrazil. Udlalele i-Ajax Cape Town kanye neMaritzburg United.

Isiyonke imidlalo yokuhlungela iNedbank Cup ihlelwe kanje

Iqoqo A (Osizweni Stadium)

iNewcastle neRunning Water ngele-9

Umvoti FC noMsinga United ngele-12

Iqoqo B (ePrincess Mangosuthu Stadium)

iNjampela neMilford ngele-9

iVuna All Stars neMuzi King Master ngele-12

Iqoqo C (eSabuyazi Ground)

See Also

iReal Magic neLions ngele-9

i-Asande neG Millionaire ngele-12

Iqoqo D (eSJ Smith)

iStone Breaker neDurban Pioneers ngele-9

iHappy Wanderers neSummerfield Dynamos ngele-12

Iqoqo E (ePrincess Magogo Stadium)

iGWP Friends neDabeka Sporting ngele-9

iX1 Experience ne-Ethekwini Coastal ngele-12

Scroll To Top