Now Reading
Ayamfimfa amathemba okungenela ukhetho kuSonko
Dark Light

Ayamfimfa amathemba okungenela ukhetho kuSonko

INkantolo eNkulu yaseSenegal ikhiphe isinqumo esimelene nosopolitiki weqembu eliphikisayo u-Ousmane Sonko esicelweni sakhe sokuphikisana nokulahlwa yicala lokuqamba amanga, nokuphinde kwaphazamisa ithemba lakhe lokungenela ukhetho lukamengameli oluzoba ngenyanga ezayo, kusho abameli.

USonko, oneminyaka engama-49, ubebhekene namacala ahlukene ezinkantolo kusukela ngowezi-2021. Lokhu kuphazamise izinhlelo zakhe zokungenela umbango wesikhundla sikamengameli ngoNhlolanja. Kwabhebhetheka iziyaluyalu eziye zonakalisa isithunzi seSenegal okwakuyizwe elalibonwa njengelinentando yenningi ezinzile eNtshonalanga Afrika.

Ngemuva kwezingxoxo eziqhubeke kusukela ngoLwesine kwaze kwaba yizintatha zangoLwesihlanu, inkantolo isichithile isicelo sikaSonko sokuphikisa ukugwetshwa kwakhe ngoNhlaba nokwaholela ekutheni athole isigwebo esilengisiwe sezinyanga eziyisithupha ngokuqamba amanga, kusho abameli abathintekayo kuleli cala.

Ngokomthetho waseSenegal, uSonko akakwazi ukuncintisana embangweni kamongameli uma isigwebo sakhe sisakhona. “Sisanda kuqopha ukunqoba okukhulu. Isigwebo sisakhona, ngakho u-Ousmane Sonko ngeke akwazi ukubamba iqhaza okhethweni,” kusho ummeli wommangali u-El Hadji Diouf emsakazweni.

Ithimba labameli bakaSonko lithe lesi bekungesona isiphetho salempi yabo. “Impi izoqhubeka,” kusho ummeli wakhe uCire Cledor Ly etshela izintatheli ngaphandle kwesakhiwo senkantolo enhlokodolobha iDakar. Akuzange kube khona izimpawu ezisheshayo zokubhikisha komphakathi mayelana nalesinqumo.

Indaba yezomthetho kaSonko yaqala ngesikhathi esolwa ngokudlwengula ngowezi-2021, okwasusa uthuthuva olwabulala abantu abaningi ezweni lonke nobelokhu luqubuka njalo ngezinqumo ezahlukene zenkantolo. USonko yena uyawaphika amacala abhekene nawo futhi uthi wonke amacala abekwe wona anenhlese yezepolitiki. Uhulumeni uyakuchitha lokhu futhi usola uSonko ngokubhebhethekisa udlame, waphinde futhi wahlakaza iqembu lakhe le-Pastef ngoNtulikazi.

See Also

“Akekho ongabaza uhlangothi lwezepolitiki ngalolu daba okuhloswe ngalo ukuqeda amandla  umholi wamaqembu aphikisayo,” kusho okhulumela iPastef u-El Malick Ndiaye, ephawula ngesinqumo sakamuva. “USonko usakhona emjahweni,” usho kanje emsakazweni kazwelonke.

Ngemuva kokuphuma endaweni yesithathu okhethweni lukamongameli lwaseSenegal lwangowezi-2019, uSonko uthathwa njengomuntu ongase abe yinselelo enkulu emjahweni wokuthatha izintambo kuMengameli uMacky Sall, owehla esikhundleni ngemuva kwamahlandla amabili. USonko ufake isicelo sakhe sokungenela ukhetho esesitokisini ngenyanga edlule ngemuva kokuthi enye inkantolo eseningizimu yedolobha iZinguichor, lapho uSonko eyimeya khona, iyalele ukuthi abuyiselwe ohlwini lokhetho.

Uke wakhishwa ohlwini lokhetho ngemuva kokuboshwa ngoNtulikazi ngamacala okuvukela umbuso. Ulokhu evalelwe kusukela lapho. Ikhomishana yokhetho ibuyekeza izicelo futhi ihlelelwe ukushicilela uhlu lokugcina lwabangenele ukhetho lobumongameli abasuliwe kulenyanga.

Scroll To Top