Liyobe lisombuluka mhla uvota



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ngaphansi kwenqubo yedemokhrasi ukuvota akusona nje kuphela isithako kepha kuyisikali esimqoka lapho abavoti okuyizakhamuzi bethola ithuba lokubuyekeza. Lapha kuse kukabili; kuphakathi kokuthi umvoti ukomelisa iqembu lelo abe elivotele ngokwenza kahle emuva kokugcona izethembiso. Ngakolunye uhlangothi lesi yisikhathi lapho umvoti esethubeni lokujezisa lelo qembu elingenzanga kahle. Khona lapho leli kuba yithuba lapho ozovota ethola ithuba lokuzwa imibono kanjalo nezethembiso ezintsha nokumele akhethe ukuthi ziyahambisana naye – yinye nje vo indlela angaveza imizwa yakhe wukuvota.
Kuleli sonto uNgqongqoshe obhekele ezithinta ohulumeni bendawo uDkt uMaDlamini Zuma umemezele usuku lokuthi kuyiwa nini esigcawini nayilapho abavoti beyokwenza khona isinqumo. Lolu wukhetho olwehlukile ngokuningi njengoba abantu bazobe bengakhethi nje uphawu lweqembu lelo njengoba kwenzeka kuzwelonke kepha bazobe bekhetha abantu ababaziyo, abakhule nabo nabahlala nabo.
UMhlonishwa uMaDlamini uthe sebenqumile ngosuku:
“Sesinqume ukuba ukhetho lohulumeni bendawo nonyaka lume mhla lu-1 kuLwezi. Lokhu kuhambisana nomthethosisekelo wezwe, ofundeka neMunicipal Structures Act, njengoba umthetho usho ukuthi ukhetho kumele lubanjwe ezinsukwini ezingama-90 emuva kokuphela kweminyaka emihlanu”, kusho uMhlonishwa.
Umhla lulu-1 kuLwezi uyobe unguMsombuluku. Kuyaqala ukuthi elakuleli livote lapho nje lisombuluka iviki nokuvele sekukhona ukukhononda emaqenjini nasezinhlakeni ezithile. UMaDlamini uthe ukuqoshwa ngokusemthethweni kosuku lokuvota kuzokwenzeka phambi nje kwamhla zingama-20 kuMandulo nokuyobe kuvala iwindi lokuba abantu babhalisele ukuba ngabavoti.
Khona lapho ube esenxusa ukuthi abantu baphume ngobuningi babo njengoba ukuvota lokhu kufana ncamashi nokukhwezela umlilo wedemokhrasi kakhulu njengoba lena yalapha kithi isakhula.
Kulabo abakhala ngosuku bathi kukhonjwe kabi lapho lisombuluka abantu abaningi abasuke bethe shelele emakhaya noma bezifakashele njengoba kuyimpelasinto. Bathi ke lokhu (usuku) kungenza sinciphe isibalo sabavoti njengoba kohulumeni wendawo umuntu uvota lapho ebhalisele khona kungafani nakulolo lakuzwelonke lapho engavota noma yikuphi.