Now Reading
Abezindaba nengcindezi yosopolitiki ngokhetho
Dark Light

Abezindaba nengcindezi yosopolitiki ngokhetho

NJENGOBA ziya ngokushoshela izinsuku zokhetho amaqembu ezepolitiki aseqalile ukuphuma engena enxenxa abavoti ukuthi bawakhumbule uma sebebodwa emakhosombeni ezikhungo ezihlukene zokuvota mhla zili-8 kuNhlaba. Ngokombiko weNhlangano Ezimele Yokhetho angaphezulu kwama-80 amaqembu ezepolitiki asebhalisile nezicelo zawo zaphumelela lokhu okusho ukuthi azobe esohlwini lwalawo azovotelwa.

Lolu khetho luzoba yingqophamlando ngenxa yesibalo esikhulu samaqembu alungenele uma kuqhathaniswa nolokuqala ngowe-1994 lapho amaqembu ayelungenele ayeli-19 kuphela.

Ukwanda kwesibalo samaqembu angenele ukhetho kufaka ingcindezi nakwabezindaba ikakhulukazi izinhlangano ezisakaza ngomoya ngokunikeza wonke amaqembu isikhathi esilinganayo sokuzikhangisa nokunxenxa abavoti emoyeni. Amaqembu amasha namancane kugcina ngokubikwa ngawo kudlulwa. Abaholi bawo baye bangaziwa nokuthi bangoba kanti nawo ukuthi ameleni akwaziwa. Kuze kube ngcono uma kuyiqembu elinegama elinoteku phakathi njengeDagga Party.

Uhlaka oluzimele olulawula ezokuxhumana i-Independent Communications Authority of South Africa (ICASA) minyaka yonke luhlale luzibophezela ekutheni amaqembu amakhulu namancane ngokwehlukana kwawo azonikwa isikhathi esilinganayo emoyeni. Naphezu kwalokhu kuzibophezela sisesikhulu isikhalo emaqenjini ezepolitiki ngokungabhekelelwa ngokufanayo.

Umgubho weminyaka eli-114 we-African National Congress (ANC) wawusakazwa kuzona zonke iziteshi zakwaSABC ngisho nakuthelevishini naseziteshini ezizimele. Ngisho nangaphambi kwalo mgubho kuningi okwakusakazwa okwabe kuwukwendlalela umcimbi amaqembu aphikisayo akubona njengokuchema neqembu elibusayo. Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnu uJulius Malema ungomunye wabaholi okhala ngokwenzelela ekunikweni kwamaqembu isikhathi emoyeni. UMalema uthi njalo uma sekusondele ukhetho uKhongolose ubekwa phambili ezinhlelweni zezindaba kubikwe kuphela ngamaqembu aphikisayo uma kukhona okungahambi kahle. Noma i-EFF isithola isikhathi emoyeni ukwedlula wonke amaqembu aphikisayo kodwa lokho uthi akwanele.

Ngempelasonto edlule kube i-United Democratic Movement (UDM) ne-African Christian Democratic Party (ACDP) abethule umqulu wabo wezethembiso zokhetho. Izinkulumo zabaholi bala maqembu okunguMfu uKenneth Meshoe we-ACDP noGeneral uBantu Holomisa we-UDM bezingasakazwa bukhoma kodwa kubikiwe ngazo emuva komcimbi. I-ACDP ithi akuyikhathazi ukunganikwa isikhathi esilingana namaqembu athathwa njengamakhulu, kodwa okubalulekile kuyo ukuthi umyalezo ufinyelele kubantu ngezindlela ezehlukene.

See Also

Umlandeli we-UDM ozinze eThekwini uMnu uMuntu Mhlongo uthi okuningi ngeqembu lakhe yena ukwazi ukukuthola ezinkundleni zokuxhumana. Lokhu kungoba izinhlangano zezindaba zigxila kakhulu emaqenjini amakhulu. Uthi inhlangano yezokusakaza kuleli kumele ibe nomgomo ofanayo ekusakazeni amaqembu ezepolitiki njengoba kwenzeka nakwezemidlalo lapho abantu bekhonjiswa wonke amaqembu ngokungakhathalekile ukuthi likuliphi isigaba. IDemocratic Alliance kusasa inomcimbi omkhulu wokwethulwa komqulu wezethembiso zokhetho eRand Stadium eGoli. Leli qembu phambilini nalo likhale kakhulu ngokunganikwa isikhathi esilinganayo ne-ANC ngemikhankaso yalo. Ngonyaka wezi-2011 lagxeka iSABC ngokunqaba ukubika bukhoma ngezingqungquthela zalo ezinkulu kodwa ibike eze-ANC. IDA yathi lokhu kuphambene nokushiwo kuMthetho i-Independent Broadcasting Authority Act (IBAA) ogcizelela ukuthi amaqembu anikwe isikhathi esilinganayo.

UMxhumanisi we- ICASA uNks uPaseka Maleka esitatimendeni uthe ngoNcwaba wezi-2018 bakhipha umqulu owuhlaka omayelana nezinhlelo zokusakazwa kokhetho nokwabelana kwamaqembu ezepolitiki isikhathi esanele. Uthi lo mqulu wadluliselwa kuwona wonke amaqembu ezepolitiki nomphakathi ukuba kuphawulwe ngawo futhi bazithola izincomo. Uthi benza ngisho izithangami ezweni lonke befuna ukuzwa uvo lomphakathi. UNks uMaleka uthe basebenzisa zona lezi zincomo ukwanelisa wonke umuntu. UMnu uWilliam Bird weMedia Monitoring Africa uthi inhlanganio yezokusakaza ineqhaza elibalulekile engalibamba ekuqinisekiseni ukuthi ukhetho luba ngolukhululekile. Umhlaziyi wokusebenza kwabezindaba uMnu uRichard Joslyn uthi kuyiphutha okwenziwa osopolitiki ukugxeka izinhlaka zabezindaba ngokungabaniki isikhathi esanele ekubeni bona uqobo kungekho abakwenzayo. UJoslyn uthi abaholi bamaqembu nosopolitiki bafuna abezindaba babike kuphela lokho okuhle nokuzozwakala kahle kubo, kuthi lokho okubucayi umphakathi ofisa ukukwazi bakunyathele.

“Ngisho izikhangiso zamaqembu ngesikhathi sokhetho, umyalezo wazo usuke ungacacile okuyinto abezindaba abasuke bengeke benze lutho ngayo ngaphandle kokuwusakaza njengoba unjalo,” kusho uJoslyn. Uqhuba uthi isekhona le nkolelo kwabezepolitiki yokuthi abezindaba kumele babe yithuluzi lemikhankaso yabo bakhohlwe ukuthi umsebenzi omkhulu wabezindaba ukwazisa nokufundisa ngakho konke okusuke kuthinta ukhetho ngaphandle kokugxila eqenjini elilodwa. Uthe izinhlangano ezisakaza ngomoya zihlale zingaphansi kwenkulu ingcindezi njalo emazweni ahlukene uma sekusondele ukhetho ngenxa yezinhlangano zezepolitiki ezifuna ukuvezwa njalo. “Kuba nzima kakhulu uma iziteshi zomsakazo nethelevishini zilawulwa uHulumeni ngoba abaphathi bazo kusuke kufanele badansele isiginci sosopolitiki”.

Scroll To Top