Now Reading
ICurry Cup: Lilodwa okumele ligobe uphondo eTshwane
Dark Light

ICurry Cup: Lilodwa okumele ligobe uphondo eTshwane

Kulindeleke ukuthi kuguge utshani lapho kutholene phezulu iqembu laKwaZulu-Natal iCell C Sharks nelasePitoli iVodacom Bulls. La maqembu azotholana phezulu emdlalweni wamanqamu womqhudelwano iCurrie Cup. Lo mdlalo uzokuba kusasa ngoMgqibelo eLoftus Versfeld Stadium, eTshwane kanti uzoqala libumbene elesi-5 ntambama.

La maqembu afike kulo mdlalo wamanqamu nje abe nesizini enhle kakhulu njengoba kowamaphuzu iVodacom Bull kube yiyo eqede iphezulu, kwathi emva kwalokho yadlulela kowandulela owamanqamu yafike yabhekana ne-Western Province yayiqumba phansi ngamaphuzu angama-48 kwangama-31 emdlalweni obuseLoftus ngoLwesihlanu olwedlule.

Kanti isilwane samanzi sona iCell C Sharks yona iqede endaweni yesibili yabe isitholana neTafel Lager Griquas, emdlalweni obungoMgqibelo owedlule eJonsson Kings Park, eThekwini anqoba kanzima ngamaphuzu angama-28 kwangama-24.

Lapha kulamaqembu umlando uyaziphinda njengoba nangesizini edlule yiwona atholane kuso lesi sigaba. Sekungumlando ukuthi iVodacom Bulls iyona eyanqoba umdlalo owabe ubanjelwe khona eTshwane, ngamaphuzu angama-29 kwali-19.

Umqeqeshi weCell C Sharks, uSean Everitt uthi unethemba elikhulu lokuthi bazozibuyisa izinduku kusasa. Uthe wanelisekile ngendlela abadlale ngayo behlula amaGriquas kodwa kuzomele bawanyuse amasokisi uma befuna ukudla iVodacom Bulls ekuhambeni.

“Sijabulile ngokunqoba umdlalo, akuyona into elula ukunqoba umdlalo owandulela owamanqamu. Sibuye sazifakela ingcindezi ngokudala amaphenathi amaningi, sathola nekhadi elibomvu ngasekupheleni komdlalo. Okusemqoka ukuthi senze okwanele sakwazi ukuthi sinqobe. Sisebenze kanzima kuleli sonto silungisa okumele sikulungise ukuze siye eLoftus sinethemba lokuthi sizobuya nayo indebe.” Kusho lomqeqeshi.

La maqembu ake atholana futhi kowamanqmu ngowezi-2008 kwanqoba iCell C Sharks ngamaphuzu ali-14 kwayi-9, nangonyaka wezi-2003 kulowo mdlalo kwanqoba iVodacom Bulls ngamaphuzu angama-40 kwali-19. Kowamaphuzu kuyona le sizini la maqembu atholanile nalapho iCell C Sharks kuyiyona enqobile ngamaphuzu angama-38 kwangama-28, u-Everitt usebheke ukuthi bakuphinde kowamanqamu.

See Also

Noma ezikaJake White zikhombise amandla zidlala neProvince, u-Everitt ukholwa ukuthi unabo abadlali abazomelana nendlela amaBulls adlala ngayo.

“Ngibathembile abadlali bami baphambili, uLe Roux Roets uqokwe njengomdlali ovelele sibhekene namaGriquas ngenxa yomsebenzi omuhle awenzile. UGerbrandt Grobler wenze lukhulu emabholeni ahamba phezulu. Ama-locks amaBulls adlala kahle, kunomdlali omncane kubona uJanko Swanepoel wenza izimanga, noRuan Nortje osefomini kodwa uma ubheka kwi-Currie Cup kulo nyaka sibambene ngo-1-1. Kuzocaca kowamanqamu ukuthi ubani ozoya ku-2-1. Sesike sabahlula kuyona le sizini ngakho-ke asikho isidingo sokuthi singazethembi ukuthi singakuphinda lokho,” kusho u-Everitt.

IVodacom Bulls iya kulo mdlalo ngaphandle komdlali wayo omqoka uJohan Goosen oyiFly Half, lo mdlali kutholakale ukuthi unokhuvethe. Isikhala sakhe sizovalwa uChris Smith. Lo mdlalo uzobe udlaliswa uVan der Westhuizen.

Scroll To Top