Kubuye izinsika zamaBhokobhoko



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Iqembu lesizwe lombhoxo amaBhokobhoko lizoya emdlalweni wangeSonto ngezindaba ezinhle nezimbi. AmaBhokobhoko azotholana phezulu ne-Australia emdlalweni weRugby Championship, lo mdlalo uzokuba seCbus Super Stadium, e-Australia uzoqala ngele-12:05 emini.
Izindaba ezimbi ngezokuthi elakuleli lilinyalelwe umdlali omqoka uChelsin Koble. Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-27 wathinteka kabuhlungwana ngesikhathi elakuleli lizilungiselela lo mdlalo. Isikhala sakhe sizovalwa umdlali owenza kahle muva nje uSbu Nkosi.
Kanti izindaba ezinhle ngezokubuya kukaDuane Vermeulen kanye noFaf de Klerk akade benesikhathi bengabonakali eqenjini lesizwe. UVermeulen oneminyaka yobudala engama-35 wagcina ukubonakala emdlalweni wamanqamu weNdebe YoMhlaba eyabe iseRussia ngonyaka wezi-2019, ngesikhathi amaBhokobhoko etholene phezulu ne-England emdlalweni owabe useYokohama. Waba nomdlalo omuhle kakhulu njengoba asiza elakuleli ukuthi ligcine libuya nayo indebe, waqokwa njengomdlali ovelele kulowo mdlalo. Njengoba ezoqala umdlalo nje uzodlala kunombolo-8 ethatha indawo kaJasper Wiese, uDe Klerk yena uzothatha indawo kunombolo-9 ekade idlalwa uCobus Reinach.
AmaBhokobhoko asedlale imidlalo emibili ebhekane ne-Argentina nalapho azidlela khona amahlanga. Emdlalweni wokuqala anqoba ngamaphuzu angama-32 kwali-12, kowesibili anqoba ngamaphuzu angama-29 kwali-10.
I-Australia yona iza kulo mdlalo nje ithwele kanzima njengoba yomibili imidlalo eyedlule ihluliwe kuyona ibhekene neNew Zealand. Emdlalweni wokuqala yahlulwa ngamaphuzu angama-57 kwangama-22, kowesibili yahlulwa ngamaphuzu angama-38 kwangama-21.
UJacques Nieanaber ocija amaBhokobhoko uthe kuyintokozo ukubuyela eqenjini lesizwe kukaVermeulen, emva kwesikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala.
“UVermeulen ubesenesikhathi eside eziqeqesha neqembu lesizwe, kusuke libhekene neBritish & Lions. Besilokhu simubheka ukuthi ngabe usekulungele yini ukudlala. Kulokhu sibonile ukuthi ayi cha usengadlala. Iqiniso ukuthi yena ngeke asinike lokhu ajwayele ukusinika khona ngoba usenesikhathi agcina ukuba senkundleni” kusho uNieanaber.
Ebuzwa ukuthi uyambona yini eqeda umdlalo uthe: “Ngeke ngakwazi ukuba nempendulo eqondile konke sokubona emdlalweni ngeSonto. Kungenzeka kungangenzeka ukuthi awuqede umdlalo” usho kanje. Uthe usejahe ukumbona ekundleni, uyathemba naye uVermeulen usejahile ukuthi abe sekundleni kanye nozakwabo. Lo mqeqeshi uphinde washo ukuthi kumjabulisile ukubuya kukaDe Klerk.
Abadlali abazoqala umdlalo
uWillie le Roux, uS’bu Nkosi, uLukhanyo Am, uDamian de Allende, uMakazole Mapimpi, uHandre Pollard, uFaf de Klerk, uDuane Vermeulen, uFranco Mostert, uSiya Kolisi ukaputeni, uLood de Jager, u-Eben Etzebeth, uFrans Malherbe, uBongi Mbonambi noSteven Kitshoff.
Abazoqala ebhentshini
uMalcolm Marx, u-Ox Nche, uVincent Koch, uMarco van Staden, uKwagga Smith, uJasper Wiese, uHerschel Jantjies noDamian Willemse.