Now Reading
Uthando lukanobhutshuzwayo lumwelisile
Dark Light

Uthando lukanobhutshuzwayo lumwelisile

Kuze kube imanje kuyinto angayikholwa uJoyce “Mama-Joy” Chauke, ukuthi nguye owaqokwa ukuthi ahole abalandeli abathola ithuba lokuyobuka iNdebe YoMhlaba.

UMama Joy odume kakhulu ngokulandela i-Orlando Pirates kodwa manje oselandela iRoyal AM, emasontweni edlule wanyelwa inyoni esandleni eqokwa inhlangano ephethe unobhutshuzwayo emhlabeni iFederation International Football Association (Fifa) ukuthi abe ngabanye abalandeli abangama-20 abazoya eQatar beyobuka iNdebe YoMhlaba.

“Ukuqokwa kwami ukuthi ngizoza lapha eQatar kwaba into eyangijabulisa kakhulu. Lokho kwangitshela ukuthi iFifa ngokubambisana nabakwaSupreme Comitte, bayakubona ukuzikhandla kwami nothando enginalo kunobhutshuzwayo bayalubona. Ngaphandle kukanobhutshuzwayo kuphela, kodwa noma ngibukela amaProteas kanye naMabhokobhoko” kusho uMama-Joy.

UMama-Joy uya eQatar nje iBafana Bafana yahluleka ukuthi iyodlala le midlalo yeNdebe YoMhlaba.

“Phezu kokuthi iBafana Bafana ingekho kodwa ngikwazile ukuqokwa, lokho kusho lukhulu impela. Khona kungiphathe kabi ukuthi iBafana Bafana ayikho, kwaphoqa ukuthi ngiseke amazwe athize okuyiBrazil namazwe alapha e-Africa ngaphandle kweGhana ngoba eyakwenza kithi kuyinto esakude ukuthi kube into edlulayo” usho kanje.

Uthe izwe abenethemba ngalo lalapha e-Africa iSenegal ethi izophuma kude, ngoba iyizwe elinabadlali abaqinile.

“Okuhle ukuthi yize iBafana Bafana ingekho kodwa ngiyimelile iNingizimu Afrika, ngokuthi wonke umuntu ofuna ukuthatha isithombe nami emzimbeni nje ngiyiNingizimu Afrika ngokwezinto engizigqokile isikhafu sami asisali ndawo”.

Ebuzwa ngezinto azifunde khona eQatar uthe: “Abantu balapha bayakholelwa kwiNkolo yabo futhi umlando wabo abawukhohlwa. Okunye ukuthi bayaphana uthi mawuhamba ubone iqulu labantu eliswele lamukela ukudla. Umuntu nje oswele ugcina engabonakali ngoba uyaphiwa noma ngabe yini” kubeka uMama-Joy.

Ngesikhathi kuqala imidlalo yeNdebe YoMhlaba, kwaba nezikhalo ezinkulu ngemithetho yakhona eQatar. Nokwadala ngisho abeFifa baze bazisola ngokuthi bebewuyiselani lo mqhudelwano kulelizwe.

See Also

“Imithetho qine kakhulu lana, ngeke uhambe uyothenga utshwala bese uyazihambela emgwaqeni. Kumele kube umuntu onelungelo kuphela okwazi ukuthenga utshwala.  Kuningi okunye okuyimthetho elandelwayo, abantu bakhona lapha asebeyazi kahle”.

Isikhathi esiningi usebenzisa isitimela ukusuka ehhotela aye enkundleni, uthe akabanga nenkinga yokudla njengoba kukhona nokudla kwalapha e-Africa.

Umdlalo awuthokozele kakhulu ukuwubuka owamaQuarter-Final, obuphakathi kweMorocco nePortugal. 

“Kusukela uqala umdlalo bengihlezi ngesinqa esisodwa ukuthi iMorocco inqobe, akade bekhona enkundleni bebengibona ukuthi ngimince okudlula wonke umuntu. Yathi mayithola igoli iMorocco ngajabula kodwa ngabuye ngaqhubeka ngaminca” kusho uMama-Joy

Scroll To Top