Now Reading
Ingwe nengonyama phakathi kukaVerstappe noHamilton
Dark Light

Ingwe nengonyama phakathi kukaVerstappe noHamilton

Izinkakha eziningi zomjaho wezimoto iFormula One (F1) kwathi kuqala unyaka zavumelana ngazwi linye zathi impi yakulo nyaka izoba nkulu kakhulu phakathi kukaMax Verstappen kanye noLewis Hamilton.

Indlela izinto ezimi ngayo kuze kushaye isikhathi salo nyaka kuvela ngokusobala ukuthi abashayanga nhlobo eceleni.

UVerstappen oshayela ngaphansi kohlobo lwemoto iRed Bull uyena ozihola phambili ngamaphuzu ama-224, alandelwe uyena uHamilton yena oshayela ngaphansi kwaMercedez onamaphuzu ama-221. Ngokwezimoto uMercedez uzihola phamabili ngamaphuzu ama-344, kuthi iRed Bull yona ibe nama-332.

Ngeledlule uVerstappen unqobe umjaho iDutch Grand Prix, nokuyinto ebe ngumlando njengoba bekungokokuqala umshayeli weRed Bull enqoba lo mjaho kusukela ngonyaka we-1985. Endaweni yesibili kube uHamilton, kwathi endaweni yesithathu kwaba uValtteri Bottas.

Kulo mjaho iDutch Grand Prix ubuthanyelwe abalandleli abalinganiselwa kwabangama-70 000.

“Kungijabuilisile ukunqoba umjaho obubanjelwe lapho engidabuka khona. Ngikubonile ukusekwa, nami ngithe angibajabulise abalandeli emjahweni okade unzima. Indlela enginqobe ngayo ayibanga nezelula kodwa ngiyazincoma ngenze kahle kakhulu” kusho uVerstappen.

Kule mpelasonto izinkumbi zabalandeli balo mdlalo bazobe beseMonza, e-Italy lapho kuzobe kukhona umjaho we-Italian Grand Prix.

Ngokomlando we-Italian Grand Prix kufeza ukuthi uHamilton ungomunye wabashayeli asebewunqobe kaningi lo mjaho. Usewunqobe kahlanu ngokulingana nalowo osewathatha umhlala phansi uMicheal Schumacher.

See Also

UHamilton wanqoba ngonyaka wezi-2012, 2014, 2015, 2017 nangonyaka wezi-2018. Onqobe lo mjaho nyakenye umshayeli oshayela ngaphansi kwe-Alpha Tauri Honda uPirre Gasly.

UHamilton ukuvumile ukuhlulwa: “UVerstappen indlela ashayele ngakhona ixake ukwenza, ubengaphezulu kakhulu ngezinga. Ngiyamhalalisela ukuthi anqobe. Ngikholwa ukuthi nami sekusikhathi sokuthi nginyuse amasokisi uma ngifuna nakulo nyaka ukuba umpetha makungenjalo uVerstappen uzoba ngumpetha” usho kanje.

Kunzima kakhulu kulo mshayeli osebe ngumpetha womhlaba kayi-7, ufuna ukuthi anqobe imijaho eli-100 kodwa akwenzeki. Wagcina ukunqoba kumjaho weBritish Grand Prix owabe ungoNtulikazi.

Imijaho esele manje kulo nyaka emva kwe-Italian Grand Prix, iRussian Grand Prix, iTurkish Grand Prix, i-United States Grand Prix, iMexico City Grand Prix, iBrazillian Grand Prix, iSaudi Arabian Grand Prix bese kuvala i-Abu Dhabi Grand Prix ezokuba mhla zili-12 kuZibandlela.

Scroll To Top