Uthi khumu ensimini uMorgan Gould


Lezi zindaba ziqinisekiswe yiqembu abedlala kulona iSekhukhune United esanda kukhuphukela esigabeni esiphezulu ngemuva kokudla ubhedu kuGladAfrica Championship.
UMorgan Gould usezoba sethimbeni labaqeqeshi kuDSTV Diski Challenge komakoti iSekhukhune.
“Bekungesona isinqumo sami ukuyeka Ibhola. Ithimba labaqeqeshi beqembu elikhulu bebengasiboni isidingo sokungigcina njengomdlali. Kona kubi ukuthi kwenzeke ngale ndlela okwenzeke ngayo. Kukhombisa ukuba yindoda ukuthatha isinqumo esifana nalesi ngoba emqondweni wami kukhona ukuthi kuningi ebengisangakwenza enkundleni. Nokho mhlawumbe kuhle ukuyeka ngisafuna ukudlala ngoba isifiso sokuzuza izinto ezinkulu sisakhona ngaphakathi kimina. Ngifuna ukuzuza izinto ezinkulu nasekhasini lami elisha,” kuchaza uGould.
Ebholeni elikhokhelayo, uGould ufike ngowezi-2001 ezodlala kuJomo Cosmos. KweZenkosi udlale iminyaka eyisikhombisa ngemuva kwalokho wathengwa yiSuperSport United ngowezi-2008. KuMatsatsantsa AsePitori ufike wahlabana ngezicoco ezimbili zeligi neseNedbank Cup ngaphambi kokuthi ajoyine iKaizer Chiefs ngowezi-2012.
“Ngijabule kakhulu ngesikhundla sami esisha. Ngizizwa ngikhethekile ngokuthi iqembu lithathe isinqumo sokungethemba ngesikhundla sokuba yingxenye yethimba labaqeqeshi. Phela akubona bonke abadlali abaphenduka abaqeqeshi abaseqophelweni eliphezulu uma sebeyeke ukudlala. Iqembu likhombise esikhulu isibindi,” kuchaza uGould.
UGould usanda kuhlanganisa iminyaka engama-38.
“Iqembu liyatshengisa ukuthi lingethemba kangakanani. Lokho kusidweba sicace isithombe sokuthi kukhona okuhle engikulethile eqenjini ngisadlala,” kuqhuba uGould.
KuBafana udlale imidlalo engama-31.
“Umyalezo wami kubadlali abasakhula wukuthi kumele bakholelwe kubona baphinde basebenze kanzima. Noma yini abayenzayo, abayenze ngothando. Kumele bazinike isikhathi kukho konke abakwenzayo. Baningi abantu abafisa leli thuba abanikwe lona. Ngakho kumele balibambe ngezandla zombili. Lapha unikwe ithuba lokushintsha impilo yakho nomndeni elisha,” kuphetha uGould.