Now Reading
ISILO uCetshwayo amaNgisi asibheka aze asithola ehlathini laseNgome
Dark Light

ISILO uCetshwayo amaNgisi asibheka aze asithola ehlathini laseNgome

Base bazi kabanzi ngamaqhawe kanye nezilomo zeSILO uCetshwayo. UMntwana uZibhebhu wayengomunye owayesondele kakhulu eNgonyameni ukwedlula abanye abaNtwana ngoba wayeyinkosana yaseeKhohlwa endlini yobuKhosi kaZulu. Amasostsha amaNgisi abophela amahhashi aphikelele eBanganoma. Kuthiwa afika awukaka umuzi awuthi gimbici.

Kwathi amanye amasosha aphonseka egcekeni kwaduma esikhulu isililo oNdlunkulu bekhala sebethi sekuzobulawa uMntwana uZibhebhu. Angena izindlu zonke ethungatha iSILO uCetshwayo awaze asithola. Kwabuye kwasuka esinye isidumo sebebhekene noMntwana uZibhebhu bethi akayikhiphe iNgonyama, uyayazi lapho ayifihle khona. Wayilandula iNgonyama, kepha abaze bakwemukela lokho abatshela khona. Abelungu bansondo bamkhahlela, bamshisa nangogesi, bamshaya ngezidunu zezibhamu zabo bethi “ Khipha loKhethswayo, wena yazi lapho fihlile khona”

Isimo saba sibi kakhulu besho ukumbulala uMntwana uZibhebhu. Bagcina bekwamukela ukuthi akakho eBanganoma. Basuka lapho baqonda kuMbopha Hlabisa naye bafike bamenza sona leso, kepha abaze bayithola iNkosi. Basuka lapho baqonda Ekushumayeleni emzini kaNdunankulu uMnyamana Buthelezi sebeyomcinga khona. Kwathi uma befika kuye base bewuthola umkhondo owabaholela ehlatjini eNgome emzini kaSomfingose Mbuyisa endaweni yakwaDwasa lapho bafika bayithola khona iNgonyama uCesthwayo. Bayibopha-ke bahamab nayo sebeya eShowe. Kwabe sekubizwa zonke izikhulu zezwe lakwaZulu enkantolo Eshowe.

Kwathi uma izikhulu zonke zikaZulu seziphelele eNkantolo amaNgisi asememezela ukuthi izwe likaZulu asezolibusa ngamakhosi ayishumi nantathu, athi asezolingana neNkosi uCetshwayo. Abe esememezela amagama alawo Makhosi okwaba yilawa alandelayo:

See Also

  1. Inkosi uMntwana uHhamu kaMpande
  2. Inkosi uSomkhele Mkhwanazi
  3. Inkosi uMntwana uZibhebhu kaMpahitha
  4. Inkosi uMgojane Ndwandwe
  5. Inkosi Mfanawendlela Zungu
  6. Inkosi Mgitshwa Biyela
  7. Inkosi Gawozi Mpungose
  8. Inkosi Myandeya Mthetwha
  9. Inkosi uJohn Dunn( uJantoni)
  10. Inkosi uHlubi Molefe
  11. Inkosi Faku Ntombela
  12. Inkosi uSekethwayo Mdlalose
  13. Inkosi Ntshingwayo Khoza

AmaNgisi ayekucwaninge kahle kakhulu ukuthi lezi zikhulu yizona iSilo uCeetshwayo esasibusa ngazo izwe likaZulu. Ayesekuqonda kahle ukuthi iNkosi uShakakwkauthi uma isinqobe isizwe leso ingasibhubhisi kepha ibeke inkosi yaso ithi isiyobusa isebenze ngaphansi kwayo. AmaNgisi asho into efanayo kulamakhosi ayesewabekile ukuthi azoqhuebak abuse abantu bawo ngaphansi kwemithetho eyayizoshaywa yiwo.

Scroll To Top