Now Reading
IThala lithi abesifazane kumele babe nevenge emnothweni wakuleli
Dark Light

IThala lithi abesifazane kumele babe nevenge emnothweni wakuleli

Namuhla ngokusemthethweni kuphela inyanga eyahlonzwa nguhulumeni njengeyabesifazane. Njengaminyaka yonke lenyanga igujwe ngezindlela ezahlukene yize lokhu bekwenzeka ngaphansi kwezimo ezinzima kwazise izwe ligutshuzelwe wukhuvethe. Nokho konke lokhu akuyivimbanga imicabango kanjalo nezindlela ezehlukile zokugubha lenyanga emqoka. Isikhungo esinomlando ngokuhlinzekela aboHlanga okubalwa nabesifazane ngamathuba okuba yingxenye yevenge lomnotho wakuleli, i-Ithala Development Finance Corporation (Ithala) asisalanga ezinhlelweni zokucobelelana ngolwazi ngenhloso yokuthola izixazululo.

NgoMsombuluko (izolo) lesi sikhungo sisebenzisa izindlela zokuxhumana sibe nenkundlamshikashika eyaziwa ngele Women in Leadership Seminar. Inhlosongqangi  yale nkundlamshikashika wukuba yinkundla lapho abesifazane bakuyoyonke imikhakha bezoba nesikhathi sokufundisana, phakathi kokunye ngepolitiki yezomnotho, ubuholi kanye namabhizinisi.

Ngaphansi kobuholi buka Nks uPearl Bengu oyiSikhulu eSiphezulu kusikhungo i-Ithala,  nonyaka inkundlamshikashika idingide ingqinamba ebhekene cishe nawo wonke umuntu kuleli kakhulukazi abesifazane ; okuyinselele kanye nomthelela wokhuvethe emabhizinisini. Akuigcinanga nje lapho kepha kukhulunywe nangamasu angatakula hayi kuphela abesifazane kepha nemiphakathi kulolu bishi.

Enza isethulo sakhe uNks uBengu udwebe isithombe esibanzi ngenhlekele elethwe wukhuvethe kwezamabhizinisi. “Lawo mabhizinisi athintekile abambe iqhaza elimqoka emnothweni wezwe kanti futhi aqashe cishe amaphesenti angama-80 abantu,” kusho uNks uBengu.

Uthe izinkampani ezisakhasayo ngalesi sikhathi esinzima  ziyaphoqeleka ukuba zidilize abasebenzi noma zibanciphisele amaholo.  Le nkulumo ifakazele ukuphawula  kongoti nabathi cishe amaphesenti angama-60 ezinkampani ezisakhasayo zibhekene nengwadla yokuthi zivalwe ngenxa yokhuvethe.

“Njengoba cishe izinkampani namabhizinisi amaningi ebhekene nezinkinga izikhungo ezifana ne-Ithala zinomsebenzi wokutakula amabhizinisi nomphakathi ngalesi sikhathi esinzima,” kusho uNks Bengu. Uqhube wathi  esikhathini esingaphezu konyaka isikhungo asiholayo ngokubambisana nezinye izinhlaka ezizimele nohulumeni sisebenze kanzima emizamweni yokuqhamuka nezisombululo zokuvuselela umnotho oguqe ngamadolo.

UNks uBengu uthe osomabhizinisi besifazane babambe iqhaza elikhulu emhlabeni jikelele ekufukuleni umnotho. Waphinde walibeka lama elokuthi uma bengasebenza ngokubambisana bangahamba ibanga elide ebhizinisini, kanti ne-Ithala likhona ukubaseka.

“Kunabesifazane abaningi abazondlayo bona  nemindeni yabo ngemali abayithola emabhizinisini abawenzayo.  Yingakho nje  Ithala libaseka abantu besifazane abasebhizinisini,” kusho uNks Bengu.

Uchaze ngokuthi uhulumeni ubheke ezamabhizinisi njengohlaka olubalulekile ekufukuleni umnotho wezwe. Washo khona ukuthi bayaziqhenya ngokusungula uhlelo iMasakhe Entrepreneurship Programme nabahlose ngalo ukufukula osomabhizinisi KwaZulu-Natal, wengeza ngokuthi kunemali ebekelwe  ukuqhuba lolu hlelo.

Echaza ngenhlosongqangi yalolu hlelo uthe luhlose ukusiza intsha kanye nabesifazane abasemabhizinisini  ezindaweni zakobantu- emakhaya nasemalokishini. Uveze ukuthi kabagcini lapha njengoba i-Ithala ngokubambisana noMnyango wezokuThuthukisa uMnotho esifundazweni benohlelo lokuqeqesha abesifazane abanezinkampani ngaphansi kohlelo IMbokodo Iyazenzela.

Nabanye bananele kulokhu

Lapha uNks uBengu ubeshiyelana inkundla nabanye besifazane abasemabhizinisini. Omunye wabo bekungu Nks  uZibu MaSotobe Sibiya wenkampani iZoluhle Group nonxuse abasefazane ukuba bawabambe njengezikhali zaMaNtungwa amathuba abavelayo.

See Also

“Njenge bantu besifazane kumele sivule amehlo sihleze siqaphile ukuthi amathuba angakuphi khona sizokwazi ukuwasebenzisa ngoba uhulumeni nezikhungo ezifana ne-Ithala zinezinhlelo ezahlukene zokusiza abesifazane phambilini abebencishekile amathuba,” kusho uNks Sibiya. Khona lapho uthe kuyishwa ukuthi abesifazane abaningi abazi ngezinhlelo eziningi ezikhona ezihlose ukubasiza.

Esinye isikhulumi uNks uNongcebo McKenzie ongumsakazi woKhozi FM naye uhambe emagameni  kaNks uSibiya wanxusa imbokodo ukuba iwasebenzise ngokuyikho amathuba enikwe wona.

“Sesaphela isikhathi lapho kwakuthiwa abantu besifazane kumele bahlale emakhaya bangasebenzi balindele abantu besilisa ukuthi kube yibona ababenzela izinto nezidingo ekhaya”,   kusho uNks McKenzie. Uqhuebeke wathi uma abesifazane bengasukumi kepha beqhubeka nokuncika kwabesilisa ngeke siphele isihlava sokuhlukunyezwa kwabo.

Ilungu lebhodi le i-Ithala uNks Precious Sibiya naye usike elijikayo lapho eveza ukuthi isikhungo sabo sizibophezele ekulekeleleni noma ngayiphi indlela ukuze kufukulwe umnotho wesifundazwe emuva kwezibhelu.

Ekhuluma emuva kwenkundlamshikashika, uNks uBengu uthe: “ Asikho isidingo sokuthi sibe namahloni ukukhuluma ngokuswelakala kwezwi labesifazane ezinhlakeni eziningi zomphakathi. Kanjalo nakwezamabhizinisi nomnotho kumele singathuli. Abesifazane banelungelo lokuba yingxenye yengxoxo ngomnotho wezwe kanti futhi uma sekuhlonyulwa kuhle banganikezwa izimvuthu kepha abathole okubafanele”, kusho yena ephetha.

Scroll To Top