Liyavalwa iwindi namuhla: Kuyosa uMbule engakuliphi?
Emahoreni angemangaki iwindi lokudayiselana ngabadlali liyavalwa. Lokhu kwenzeka namuhla ngehora le-12 phakathi kwamabili. Umbuzo osematheni kubathandi bebhola eNingizimu Afrika wukuthi ngabe isibabuli seSuperSport United, uSipho Mbule sizophelela kuliphi iqembu.
Imeneja yakhe uMike Makaab weProSport International utshele elaboHlanga ukuthi uMbule usohlwini lwabadlali abafunwa uthuli yiKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns.
“Kunzima ukuqagela ngekusasa likaSipho Mbule. Maningi amathuba okuthi uzogcina ehlala kuSuperSport uma ngibheka indlela izinto ezihamba ngakhona. Unenkontileka neSuperSport. Lokho kumele sikuqonde siphinde sikuhloniphe,” kusho uMakaab exoxa nelaboHlanga.
Muva nje Amatsatsantsa asePitori asanda kugixabeza uMbule ngeshumi. Lo mdlali oyibamba enkabeni yenkundla uyisethenjwa seSuperSport.
Uma esenkundleni wenza izinto zenzeke ngendlela adlala ngayo. Akagcini nje kuphela ngokuphakela abagadli kodwa naye uyakwazi ukubhakuzisa inethi kungakhathalele ukuthi ulibeka ezinyaweni noma ekhanda.
UMbule uphuthwe yimidlalo yama-Olympic Games ngenxa yokuthi uhlaselwe ukhuvethe.
“Ngiyazi ukuthi umbuzo obuzwa ngathandi bebhola wukuthi kungenzeka yini uMbule ashiye kuSuperSport? Yebo, lokho kungenzeka,” kuqhuba uMakaab.
IChiefs ilangazele ukuqeda isomiso sezindebe. Amakhosi sekuphele iminyaka ayisithipha eshwiba izandla.
Ngesizini edlule ibijezisiwe ingakwazi ukusayinisa abadlali abasha kodwa kulokho abuye ngamandla emakethe.
Avele asehlome ngezibabuli ezifana noKeagan Dolly, Sifiso Hlanti, Cole Alexander, Njabulo Ngcobo noThabani Dube bonke abadume kuBafana Bafana.
“Ebholeni ayikho into engeke yenzeke. Ngicabanga ukuthi okwenzeke ebholeni ezinsukwini ezedlule abadlali abebefana namadlozi emaqenjini abo, beshiya amakhaya abo kusidwebele isithombe esicacile ukuthi ebholeni kungenzeka noma yini,” kuqhuba uMakaab.
IChiefs sekucace bha ukuthi ifuna ukuqeda ukucanasa kweMamelodi Sundowns esinqobe isicoco seligi amasizini amane elandelana.
“Ngubani nje obezitshela ukuthi uLionel Messi angashiya iBarcelona? Akekho. Ubani obezitshela ukuthi uSergio Ramos angahlukana neReal Madrid? Akukho okungenzeki ebholeni,” kulandisa uMakaab.
Njengamanje uMbule usekhempini yeBafana Bafana elungiselela ukubhekana neZimbabwe neGhana emidlalweni emibili yokuhlungela ukuzibekisela indawo Qatar ezosingatha iNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo.
Uzolibangisa eZimbabwe kusasa. Umdlalo wokuqala ungoLwesihlanu eHarare bese kuthi owesibili ubengoMsombuluko neBlack Stars eFNB Stadium.
“Okwamanje ngingathi amathuba okuthi uMbule ashiye iSuperSport ayalingana namathuba okuthi ahlale kuyona,” kubeka uMakaab.
Kuzocaca namuhla ebusuku ukuthi uMbule uphelela kuliphi iqembu. ElaboHlanga lizohlala liqaphile ukuthi le nsephe iphelela ngakuphi.
“IChiefs neSundowns sebeke baxoxa nathi ngamathuba okusayinisa uMbule. Womabili amaqembu anentshisekelo yokuhlabana ngaye.” Makaab.