Ingxoxo ekhethekile: Isekela mqeqeshi kuBafana Bafana lithi lihle lapho likhona
UHelman “Midnight Express” Mkhalele akagcinanga nje ngokuzakhela ugazi kuBafana Bafana efaka isandla ekutheni ikhonye ku-Afcon ngowe -1996 kodwa wasiza ne-Orlando Pirates ekunqobeni iCaf Champions League ngowe-1995.
Muva nje usanda kunyuselwa kuBafana Bafana. Nguyena osiza umqeqeshi omusha weBafana Bafana uHugo Broos. Phambilini le ngwazi eyibambile naphesheya kwezilwandle eTurkey ibicija iqembu lesizwe labeminyaka engaphansi kwama-20. NgoNtulikazi uke wanikwa izintambo zokuba yibamba lomqeqeshi kuBafana. Kuloyo mdlalo iBafana yaguqisa i-Uganda ngama- 3 kwama-2.
Engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga, uMkhalele ukubeke kwacaca ukuthi akazimisele ngokugagamelela isikhundla sokupheka iBafana okwamanje.
“Isifiso sokucija iBafana ngabanaso ngesikhathi ngithatha isinqumo sokuyeka ukudlala ibhola. Yingakho ngithe uma ngiqeda ukudlala ibhola ngayokwenza izifundo zokuqeqesha. Kodwa okwamanje angifuni ukugagamela. Okwamanje akuyona into esemqondweni wami kakhulu. Njengamanje sinaye umqeqeshi (uHugo Broos). Okwami ukwenza isiqiniseko sokuthi umqeqeshi ngimeseka ngayo yonke indlela. Yilokho okumqoka njengamanje. Yebo, kuyiphupho lami ukuqeqesha iBafana ngelinye ilanga njengoba ngike ngasho kodwa okwamanje akuyona into engizihlupha ngayo. Ngeke ngithi kusasa ngifisa ukuvuka sengiqeqesha iBafana,” kusho uMkhalele.
IBafana isimemezele isikwati esizobhekana neGhana neZimbabwe izolo emidlalweni yokuhlungela ukuzibekisela indawo kweyeNdebe yoMhlaba eQatar ngowezi-2023.
“Into engigxile kuyona kakhulu okwamanje wukuseka umqeqeshi ngakho konke akudingayo njengoba sazi ukuthi usuka ngaphandle. Yingakho ngithi akuyona into engicabangayo ukuthatha izintambo zokucija iBafana. Akuyona neze into esemcabangweni yami okwamanje. Lena yingqayizivele yethuba lami lokuthuthukisa ulwazi njengomqeqeshi. Ngihlalele emthandazweni wokuthi abadlali bazokwazi ukumseka ezintweni azilindele kubo. Uma abadlali bezomseka ngiyakholelwa wukuthi uzohlala isikhathi eside futhi neBafana izokwazi ukufeza izifiso zayo phakathi kwazo okuwukunqoba isicoco se-Africa Cup of Nations nokuba yingxenye yeNdebe yoMhlaba,” kucacisa uMkhalele.
IBafana sekuphele iminyaka yagcina ukuzibekisela indawo kuNdebe yoMhlaba. Elakuleli ligcine ukudlala kweyoMhlaba ngowezi-2010 njengosokhaya lapha eNingizimu Afrika.
Ngowezi-2014 nangowezi-2018, belingabonwa nangokhalo eBrazil naseRussia.
“Konke kuncike kakhulu kubadlali ukuthi bona yini abafisa ukuyizuza. Uma umdlali eke wakwazi ukuthi ufunani kubalula kumqeqeshi ekutheni amsize afinyelele kulelo zinga. Okwesibili okumqoka wukuthi umdlali kumele azi ukuthi yimiphi imigomo okumele ayilandele ukuze akwazi ukuzuza impumelelo. Kubalulekile ukuthi sisebenze ngokuzikhandla. Kunezinto okumele zikudlule ukuze uzophumelela. Kumele uzikhandle ngaso sonke isikhathi,” kusho uMkhalele.
IBafana ihluleke yancama ukuzibekisela indawo ku-Africa Cup of Nations ezoba seCameroon ngonyaka ozayo.
“Ukudla okudlayo kumele ukuqaphele. Umzimba wakho kuyaphoqa ukuthi uwunakekele. Ungadli nje nomayini njengomdlali webhola. Ubumnandi abuyona inkinga kodwa akukwazi ukuba yisikompilo lo mdlali webhola. Umzimba kumele uphumule ngoba uzosebenza ngawo. Konke lokhu kumele kuqale kumdlali ngamunye. Uma singaba nabadlali abaningi abangalandela le migomo engiyibalile, ngiyakutshela izinsuku zenjabulo zizobuya kuBafana. Sidinga abadlali abazimisele ngokufundiseka futhi abazinikele ukwenza noma yini ukuze benqobe,” kubeka uMkhalele.
UMkhalele nomqeqeshi omusha weBafana bahlalelwe wukwenza isiqiniseko sokuthi babuyisa izinsuku zenjabulo kuBafana.
“Thina sisadlala sasingalitholi lolu lwazi olunzulu olutholwa abadlali abayibambe manje kodwa into esasidle ngayo kakhulu kunazo zonke wukuzinikela. Ukusebenza kanzima kwethu kwakusenza sikwazi ukubhekana nanoma yini. Thina sasiyalelwa ukuthi sigxumise okweselele sisuka epalini eliphezulu sibheke kwelisezansi. Ngezikhathi zethu besigijima ngisho emgwaqeni njengabasubathi. Sinabadlali abaningi abanekhono eliyisimanga kodwa abekho ezingeni elihle ngokwesimo sabo somzimba. Uma usesimeni esihle ngokomdlalo ungenza noma yini. Amaqembu yiwona okumele agxile ekusebenzeni kulezinto. Lokhu kuzokwenza ukuthi bafike eqenjini lesizwe besesimeni esihle futhi nomqondo wabo usesimeni esihle. Ngaleyo ndlela esakuzuza bangakuzuza kalula. Lezi yizona izinto okumele zilungiswe ukuze sibone ushintsho kuBafana Bafana.” kuphetha uMkhalele.