Ingxoxo ekhethekile: Kuzokhonya amaqembu amakhulu esikhathini ezayo
Lona ngumbono woqweqwe lomphathi wabadlali uMike Makaab weProSport International ophethe ukhilimu wabadlali eNingizimu Afrika naphesheya kwezilwandle.
Amaqembu amakhulu emhlabeni asayinise abadlali abanohlonze. Izinkunzi zaseFrance, i-Paris Saint Germain (PSG) zimangaze izinkumbi zabathandi bakanobhutshuzwayo zihlabana ngesibabuli esidume kuBarcelona, uLionel Messi.
Azigcinanga lapho kwazise ziphinde zasayinisa nesiqongqwane seReal Madrid, uSergio Ramos.
“Leli yiwindi elihlabahlosile. Sibone uLionel Messi enza ebesingakucabangi, esuka kuBarcelona eyakwiPSG. Kuthe sisabaza lokho sabona uCristiano Ronaldo obemataniswa neMan City eshiya iJuventus ejoyina iMan United. Kunezinkulumo zokuthi uKylian Mbappe uzoshiya iPSG ajoyine iReal Madrid akhonjwa kuyona. USergio Ramos yena ushiye iMadrid wajoyina iPSG kwathi uRaphael Verane wasayina kwi-Man United. Iligi yase-England ifuna ukukhonya emhlabeni jikelele. Imali ithi tata kuyona,” kuchaza uMakaab.
Izinkunzi zase-England osekuphele iminyaka zidonsa kanzima iManchester United nazo azizibekile phansi kulezi zinsuku.
Zisanda kumemezela uRonaldo noVerane njengabadlali bayo abasha. URonaldo ubegijima kuJuventus yase-Italy kanti uVerane ubesemabhukwini eReal Madrid eSpain.
“Ngesizini edlule sibone amaqembu amabili akhona e-England ebanga isicoco se-Uefa Champions League, iChelsea neManchester City. Lokhu kusidweba sicace bha isithombe sokuthi i-England yenza konke okusemandleni ayo ukuba ngomakhonya,” kubeka uMakaab.
IMadrid nayo kuvela ukuthi iphansi phezulu izama ukuthola isikwebhisi sePSG, uMbappe.
“Amaqembu amakhulu awazibekile phansi. Indlela aqinisa ngayo izikwati zawo kuzokwenza kubenomehluko omkhulu phakathi kwamaqembu amancane namakhulu. E-Italy nje ayingcosana amaqembu anamandla okudla isicoco seligi. Yinto efanayo naseSpain, Germany naseFrance. Yebo, kuyenzeka phela kube nesikhathi lapho kuqhamuka khona iqembu elinganakiwe lifike lidle isicoco seligi kodwa kuzobanzima ukuthi sibone izinto ezifuze lezo manje ngenxa yendlela amaqembu amakhulu aqinise ngayo izikwati zayo. Kudlaliswa imali manje. Izikhathi ziyashintsha manje ebholeni. Elinye iwindi leli, liyamangaza,” kuqhuba uMakaab.
IChelsea egijima ku-English Premier League (EPL) isayinise isithenjwa se-Inter Milan yase-Italy, uRomelu Lukaku.
“Amaqembu amakhulu azozicanasela kule minyaka ezayo. Ebholeni angeke washaya phansi ngonyawo uthi into ethize angeke yenzeke kodwa angiboni kukhona okuzothusa abalandeli ku-Uefa Champions League. Amaqembu amakhulu yiwona azokhonya kuChampions League kule minyaka ezayo. Indlela asayinise ngayo asidwebe sacaca bha isithombe sokuthi afuna ukuzenzela kumaligi angakubo aphinde afake umbango oshubile nakuChampions League,” kusho uMakaab.
Lapha e-Afrika, i-Al Ahly ilande uPercy Tau obegijima kuBrighton Hove Albion kwelamaNgisi.
“Abadlali abaneminyaka engama-28 basuke besefomini yangempela. NoPercy ukulelo zinga manje. Ngabe sixoxa enye indaba ukube useneminyaka engama-30 noma ngaphezulu. Lapho ubezobe eselwela ukuthola inkontileka yakhe yokugcina econsisa amathe. Njengomuntu obengesiyona ingxenye yezingxoxo zokusuka kukaPercy e-England eya eGibhithe, angifuni ukuqamba amanga ngidumele ngendlela eyisimanga. UPercy ubesimele sonke e-England,” kubeka uMakaab.
UTau ujoyina i-Al Ahly nje, noKeagan Dolly usanda kukhuza ibuya eNingizimu Afrika. Uphelele kuKaizer Chiefs.
“Ngaso sonke isikhathi ngihlale ngihlangabezana nombuzo wokuthi kungani iNingizimu Afrika ingenabo abadlali abaningi abagijima kumaligi amahlanu ahamba phambili e-Europe. Iyodwa indlela engenza sinyuke isibalo sabadlali baseNingizimu Afrika abadlala kumaligi amakhulu, wukuthi abadlali abafana noPercy bayibambe ishisa. Ngasekupheleni kwesizini edlule ukhombisile izimpawu zokuthi kumfanele ukudlala e-England. Bengingathanda ukumbona ehlala ku-English Premier League noma kuChampionship e-England. Ngekhono analo ngiyakholelwa ekutheni uPercy ubengalithola iqembu elikhulu eFrance noma aye kodlala eSpain,” kusho uMakaab.
Njengamanje uTau nguyena umdlali ohamba phambili kuleli.
“Nokho ekugcineni kuya ngokuthi umdlali ufunani nokuthi abamlulekayo bamluleka bathini. Thina sike satholela uNyasha Mushekwi amadlelo aluhlaza eChina. Angeke ngiveze ukuthi uthole isamba esingakanani ngokufudukela eChina. Engingakuqiniseka wukuthi imali ayihola eChina inkulu kunemali abanye abadlali abayiholayo e-England. Lokhu kungenxa yokuthi uNyasha uke wadlala eSweden wenza kahle. Ngemuva kwalokho udlulele eChina. Uphelele eChina eseyohlanganisa iminyaka engama-30. Ukwenze lokho ngaphandle kokuzuza izinto ezizuzwe nguPercy. Usewadlalele wonke amaqembu amakhulu eBelgium. Obesekusele wukuthi abekezele nje iminyaka emincane,” kulandisa uMakaab.
UTau kuvela ukuthi uyoyikha ngamahalavu eGibhithe.
“Angingabazi ukuthi ubezothola amadlelo aluhlaza ahambisana nenkontileka econsisa amathe eChina noma emazweni afana no-United Arab Emirates. Ngicabanga ukuthi isinqumo sakhe sihambisane nemizwa yakhe ngenxa yobudlelwano anabo noPitso Mosimane (abake basebenzisana naye kuMamelodi Sundowns). Akubuzwa wukuthi yilokho okuholele ekutheni uPercy asayine ku-Al Ahly.” kuphetha uMakaab.