Now Reading
Ngabe yimaphi amaqembu azojoyina iBulls neSharks kwi-Currie Cup
Dark Light

Ngabe yimaphi amaqembu azojoyina iBulls neSharks kwi-Currie Cup

Kulindeleke ukuthi ihlaba hlose yonke imidlalo yokugcina yamaqoqo kumqhudelwano wombhoxo iCurrie Cup. Ayi-6  kwayi-7 amaqembu azobe edlala imidlalo yawo yokugcina yamaqoqo. Okuzobe kubhekwe kakhulu kule midlalo ukuthi imaphi amaqembu amane azokwazi ukudlukela kweyandulela owamanqamu.

Amaqembu asemathubeni iVodacom Blue Bulls ehlezi phezulu ngamaphuzu angama-44, iCell C Sharks enamaphuzu angama-40, iTafel Lager Griquas yona enamaphuzu angama-33, iNew Nation Pumas enamaphuzu angama-32 kube IDHL Western Province yona enamaphuzu angama-30.

Umqeqeshi weqembu lakwaKwaZulu-Natal iCell C Sharks uSean Everitt uthe nakanjani kumele bewunqobile umdlalo wokugcina, lokho kuzobasiza ukuthi badlulele kowandulela owamanqamu bezithemba.

“Ngoba siyiqembu elikholelwa ekusebenzeni kanzima, kuwumgomo esizibekele wona ukuthi sinqobe isonto nesonto. Sifuna ukuba neqembu esizothembela kulo uma sesiyodlala umdlalo owandulela owamanqamu, nowanqamu imbala. Esikhathini esiningi besenza izinguquko ngoba sifuna ukuba neqembu esizokwazi ukuthi sigadlala ngalo, sekuyisikhathi sokuthi sikwenze” kusho u-Everitt.

ICell C Sharks kumdlalo wokugcina izotholana phezulu neDHL Western Province, lo mdlalo uzobanjelwa eJonsson Kings Park Stadium, eThekwini uzoqala ngelesi-7 kusihlwa. Amafana bakwaZulu-Natal baya kulo mdlalo nje ngeledlule zibhaxabule iSigma Lions eyibambe emsileni ngamaphuzu angama-56 kwali-14.

“Ngiphoxekile kancane kumascram ethu, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala ngesikhathi senza amaphenathi amane, obekungeyona into enhle uma sibhekene namaLions. Kodwa nakanjani ifanele ukunconywa iLions, iyifakile ingcindezi sagcina senza amaphutha amaningi. Kodwa esiwombeni sesibili amascrum abe ngcono ngasekupheleni komdlalo. Abadlali bethu basemumva badlale kahle kakhulu” usho kanje u-Everitt.

Lo mqeqeshi uncome abadlali ababili okunguJohn McFarland noThaafir Abrahams.

“UMcFarland udlale kahle kakhulu emumva, uyena obe nomthelela omkuhulu ekutheni sikwazi ukwenza kahle. Sikwazile ukuthola umvuzo ngesikhathi sekonakele, ngakho ngijabule kakhulu ngendlela esivimba ngayo emumva” usho kanje.

U-Everitt encoma u-Abrahams oshaye amatry amathathu ngeledlule uthe:

“Ngiqeqeshe u-Abrahams iminyaka eminingana  unekhono eliyisimanga. Kule midlalo yeCurrie Cup ukhombise ukukhula, umdlalo nomdlalo ubelinyusa izinga. Lokho kusijabulise kakhulu siyiqembu. Ungumfana omuhle ufanelwe yikho konke okuhle akuthola enkundleni. Kuba nzima kubadlali abaningi ukuzakhela igama kodwa yena usephumelele” kusho u-Everitt.

See Also

Uthe sebebheke emdlalweni olandelayo, nathemba ukuthi ngeke bawenze amaphutha futhi bazoqhubeka nokwenza kahle ekhaya.

Isiyonke imidlalo yeCurrie Cup kule mpelasonto ihlelwe kanje:

iTafel Lager Griquas neNew Nation Pumas eTafel Lager Park ngele-14:30

iVodacom Blue Bulls neToyota Cheetahs eLoftus Versfeld ngele-16:45

iCell C Sharks neDHL Stormers eJonsson Kings Park ngele-19:00

Scroll To Top