Now Reading
AmaBhokobhoko ethubeni lomlando
Dark Light

AmaBhokobhoko ethubeni lomlando

Ukuguqisa izwe elisuke lisingethe umqhudelwano kungezinye zezinto ezinzima kunoma imuphi umunxa wezemidlalo. Okwenza lokho ukuthi osokhaya basuke benenqwaba yabalandeli kanti nabadlali basuke benokukhulu ukuzethemba kwazise basuke bedlala phambi kwemindeni, izihlobo, nabangani babo. Indlela yaMabhokobhoko ebheke emdlalweni wangeSonto wesemi final neWales bekumele ibingelula ngoba bekumele idlule kosokhaya iJapan. Konke lokho sekungumlando njengoba aMaBhokobhoko edlule ngehubo. Umdlalo weWales nelakuleli uzokuba ngeSonto, e-International Stadium okuyinkundla emumatha abalandeli abaningi kunazo zonke kulo mqhudelwano ngehora le-11 ekuseni ngesikhathi sakuleli.

IWales eqeqeshwa uWarren Gatland ifika kulesi sigaba nje ihlule iFrance sekuvalwe amehlo ngamaphuzu angama-20 kwali-19 emdlalweni obubanjelwe e-Oita Bank Dome Stadium. Yize aMaBhokobhoko eyizimfivilithi kulokhu abhekene nomqansa njengoba iWales ingakaze ihlulwe kulo mqhudelwano. Imidlalo yamaqoqo iyinqobe yonke kwaba yiyo esesicongweni eqoqweni u-D lapho ibikleliswe ne- Australia, iFiji, iGeorgia ne-Uruguay.

AMabhokobhoko avula ngesibhaxu emdlalweni wawo neNew Zealand. Emuva kwalokho ayinqobe yonke imidlalo abe esedlulela kumaquarter-finals nakhona aphinde anqoba.

Emlandweni Wendebe Yomhlaba asekhishwe kabili esigabeni samasemifinal.

Ngowe-1999 akhishwa i-Australia ngamaphuzu angama-27 kwangama-21 emqhudelwaneni owawubanjelwe eWales, ngowezi-2015 awashiswa ijezi iNew Zealand ngamaphuzu angama-20 kwali-18 e-England.

IWales isiphume kabili kumasemifinal alo mqhudelwano. Ngowe-1987 yakhishwa iNew Zealand ngamaphuzu angama-49 kwayisi-6 owawubanjelwe khona eNew Zealand ngokubambisasa ne-Australia, ngowezi-2011 yahlulwa iFrance ngamaphuzu ayisi-9 kwayisi-8 kowawuseNew Zealand.

La mazwe ngokomlando asetholane kabili kulo mqhudelwano weNdebe YoMhlaba. Ngowezi-2011 atholana emdlalweni wamaqoqo iWales yanqoba ngamaphuzu ali-17 kwali-16, ngonyaka wezi-2015 atholana esigabeni sequarterfinal nalapho iWales yanqoba khona ngamaphuzu angama-23 kwali-19.

Emlandweni la mazwe asebhekane emidlalweni engama-35, aMabhokobhoko anqoba imidlalo engama-28 ahlulwa kweyisi-6 badlala ngokulingana kowodwa. Umdlalo wokugcina waba mhla zimbili kuNhlangulana nyakenye, nalapho kwanqoba iNingizimu Afrika ngamaphuzu angama-20 kwali-11.

U-Erasmus ephawula ngalo mdlalo uthe: “Kusukela iqalile iNdebe YoMhlaba sishayelwe amathrayi amathathu, nakhona amabili ashawa iNew Zealand emizuzwini emibili. Lokho kungitshela ukuthi sidlala kahle kakhulu, nakulo mdlalo kuzomele siqhubeke senze kanjalo. Iqembu lami ngiyalethemba kakhulu ukuthi lingadlulela esigabeni esilandelayo, kungekhona ukuthatha kancane iWales kodwa kuyaphoqa ukuba sinqobe.”

Eqhuba uthe: “IWales ineqembu eliphapheme elidlala kahle futhi inethimba labaqeqeshi abanamava. Lo mdlalo uzoba nzima kakhulu, kodwa ngeke uze ufane nalo wangeSonto eledlule sidlala neJapan,” kubeka u-Erasmus.

Lo mqeqeshi uzobeka amathemba akhe kuMakazole Mapimpi obe liqhawe ngeledlule eshaya amathrayi amabili, mahlanu asewonke amathrayi asewashayile kusukela kuqale lo mqhudelwano unamaphuzu angama-25. Omunye uHandre Pollard olokhu eqhubekile nokuthola amaphuzu abalulekile njengoba kuze kube imanje unamaphuzu angama-33 okubalwa amaphenathi, iconvertion kanye nedrop goal.

IWales izothembela kuDan Bigger osevalele phakathi amaphuzu angama-30 kanye noJosh Adams oseshaye amathrayi amahlanu kulo mqhudelwano.

See Also

Emidlalweni yaMaBhokobhoko edlule ungafunga ukuthi asuke edlalela ekhaya ngenxa yokwesekwa ngabalandeli abasuke begqoke ijezi lawo. Emuva kokushaya iJapan abalandeli bakhona bayivuma induku bathembisa nokuthi bazowaseka emidlalweni yawo elandelayo. AmaBhokobhoko sekuyiwona amele izwekazi kule midlalo njengoba iNamibia yaphuma esigabeni sokuqala. Amanye amazwe asekhishiwe kulo mqhudelwano asephumele obala ngokweseka aMaBhokobhoko emidlalweni esele.

Omunye umdlalo owandulela owamanqamu uzoba phakathi kwe- England neNew Zealand (i-All Blacks). Lo mdlalo uzoba kusasa ngele-10 ekuseni uzobanjelwa e-International Yokohama Stadium.

Womabili la mazwe awakahlulwa nhlobo kusukela uqalile lo mqhudelwano, i-England muva nje iklelisiwe endaweni yesibili emhlabeni ilandela iNew Zealand eqhwakele.

La mazwe azobe etholana okwesibili esigabeni samasemi-final eNdebe YoMhlaba. Okokuqala atholana ngowe-1995 kweyayibanjelwe lapha eNingizimu Afrika lo mdlalo wagcina ngokuthi unqotshwe i-All Blacks ngamaphuzu angama-45 kwangama-29.

Ngokomlando uma lamazwe ebhekene uvuna i-All Blacks njengoba emidlalweni engama-41 aseke atholana kuyona yanqoba engama-33 i-England yanqoba eyisi-7 badlala ngokulingana kowodwa.

Scroll To Top