OkaMajola akasebona ubuso bomkhankaso wokudla iTheku


Usuthathe elinye igxathu umkhankaso wokuhola iTheku wohlangothi olwaziwa nge-Radical Economic Transformation (RET) Forces emveni kokuthi likhiphe uNkk uZandile Gumede kwesikasihlalo lafaka uMnu uNkosenye Madlala njengoba lilungiselela ingqungquthela ebhekwe ngabomvu yaseThekwini okulindeleke ukuba kumenyezelwe ukuthi izobanjwa nini.
Abakha i-RET ngamalungu kaKhongolose aseka obenguMengameli wakuleli uMnu uZuma. Umthombo welaboHlanga ohamba nohlangothi lweRET uthe bathathe isinqumo sokuba baphakamise uMadlala kwesikaSihlalo ngoba ungumholi osemncane futhi ofundile.
“Umama (Nkk Gumede) usesesiShayamthetho okwenza angabe esakwazi ukubamba iqhaza eThekwini, sibone kukuhle ukuthi sigadle ngoMadlala ongumholi osemusha futhi okuqonda kahle ukusebenza kombutho onanegama elihle emphakathini nasenhlanganweni,” kusho umthombo.
Uthe okunye okubaqinisa idolo mayelana namathuba okudla umhlanganiso engqungqutheleni ukuthi abamphakamisele esikhundleni sePhini likaSihlalo uMnu uThembo Ntuli nguyena ophakanyiselwe kwesobukhansela ngakubo ku-Wadi 1 KwaXimba.
“U-Ward 1 elinye lama-wadi amakhulu ka-ANC kuzwelonke ngemuva kuka-Wadi 91, eHammarsdale. Iwadi kaNtuli inezithunywa eziningi ezibanga iqhaza ezingqungqutheleni,” kusho umthombo.
Uhlangothi lukaMadlala kulindeleke ukuba lizwane amandla nohlangothi lukaMnu uThabani Nyawose ophakanyiselwe kwesikaSihlalo.
Uhlangothi lukaNyawose okukhona kulo uMnu uBheki Ntuli kwesikaNobhala waku wadi 1 KwaXimba noMnu uThanduxolo Sabelo luthwelwe ngeqoma njengoba kubikwa ukuthi lugcotshwe eLuthuli House.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uNyawose obengomunye wabantu ababehamba phambili lapha KwaZulu-Natal bekhankasela uMnu uRamaphosa ngesikhathi kuyiwa engqungqutheleni yaseNasrec. Kanti okaMajola nezakhe bona babeseka uDkt uNkosazana Dlamini Zuma.
Umthombo osohlangothini lukaNyawose okhulume nelaboHlanga kodwa wacela ukuthi angadalulwa uthe amalungiselelo abo engqungquthela ahamba kahle kakhulu.
“Sekusele kancane ukuthi siyishaye intambo njengoba uSihlalo wethu uNyawose kunguye ozihola phambili ohlwini lwamagama aseThekwini, lokhu kusho ukuthi maningi amathuba okuthi abenguSihlalo we-ANC eThekwini aphinde abeyiMeya yoMkhandlu iTheku, okunye okusiqinisa ithemba ukuthi amawadi amaningi eThekwini anqontshwe abahambisana nathi,” kusho umthombo.
Uthe kodwa bayaxoxisana nezimbangi zabo ngenhloso yokuthi kwakhiwe ubuholi obubodwa obufaka zombili izinhlangothi ngenhloso yokudala ubumbano.
“Iyahlupha lento yokushanela zonke izikhundla ezingqungqutheleni ngoba kwenza ukuthi labo abasuke behluliwe badinwe, bagodle namandla abo bangayisebenzeli inhlangano kubhebhetheke noqhekeko okuyinto esingayidingi, kungaba kuhle kakhulu uma nakwingqungquthela yaseThekwini kungenzeka njengoba kwenzeka engqungqutheleni yesifundazwe njengoba kukhona zonke izinhlangathi ezazibanga ebuholini obuphezulu besifundazwe,”kusho umthombo.
Kuleli sonto uhlangothi lukaMadlala lumashele emahhovisi e-ANC esifundazwe lapho beliyokwethula khona uhlu lwezikhalo zalo.
Lolu hlangothi belukhala ngokuthi kushintshwe uhlu lwamagama abantu okuthiwa bawinile emawadini amaningi abenqotshwe ilona.
“ Ku wadi 101, ilungu lethu ebelithwelwe ngeqomo kuvele kwathiwa selishonile eMnyangweni wezaseKhaya kuleli kodwa libe liphila langabe lisakwazi ukuncintisana ohlelweni lokuphakanyiswa kwamagama kwagcina sekunqoba omunye umuntu ohamba nalezi esibanga nazo. Naku wadi 83, eMlaza kuvele kwathiwa kunqobe umuntu ongahlali ngisho khona ohlala kwenye iwadi,” kusho umthombo.
UMkhulumeli kaKhongolose KwaZulu-Natal uMnu uNhlaka Ntombela uthe zikhona izikhalo abazitholile ezivela kumalungu abo, wathembisa ukuthi bayazibheka.