AmaNgisi afaka iRussia ingcindezi ngezinsola zokugadla ngoshevu



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Iyaqhubeka ingxabano buthule phakathi kweRussia neBritain lokhu kulandela isenzo samaNgisi sokushicilele imininingwane kanjalo nezijeziso ezibhekiswe kubantu abayisikhombisa abasola ngokuba zinhloli zeRussia. Laba basolwa ngokubandakanyeka ekuhlaseleni ngoshevu ( Nerve Agent) kwaloyo oyisikhuphekhuphe emkhankasweni wokunyundela iRussia nohulumeni kaPutin emazweni omhlaba, uMnu uAlexei Navalny.
UNavalny okuyimanje usendlini emnyama kulandela ukuthwesa amacala ehlukene kusolakala ukuthi wahlaselwa ngoshevu ngenhloso yokumbulala. Kuthiwa lokhu kwenziwa ngesikhathi ese-Serbia ngoNgcwaba wonyaka owedlule. Kwanede kwatholwa lokhu wabe esethunyelwa eGermany ngenhloso yokuthola ukwelashwa.
IMoscow yakuchitha okwatholwa ngochwepheshe kanye nokuthi inesandla emizamweni yokwenzakalisa uNavanly. Ithi konke kwabe kuyizinhlelo zabaseNtshonalanga zokunyundela lelizwe. UNavalny waboshwa phakathi kokunye ngamacala okwephula ushwele wakhe lokho athi kwakungamacala ahlobene nezepolitiki ngesikhathi ebuyela eRussia ngendiza ngemuva kokwelashwa .
Kumagama abantu abafakwe ohlwini lwabazonswinywa kukhona u-Alexey Alexandrov, uVladimir Panyaev, u-Ivan Osipov, uVladimir Bogdanov, uKirill Vasilyev, uStanislav Makshakov no-Alexei Sedov.