Now Reading
UMkhokha: Nakulokhu uKhanyile angasala okhalweni enziwe umhlatshelo
Dark Light

UMkhokha: Nakulokhu uKhanyile angasala okhalweni enziwe umhlatshelo

Ubuso bakhe bujwayelekile kanti nezinkulumo zakhe zivusa uhlevane. Lona nguMnu uBonginkosi “Education” Khanyile owaduma kakhulu ngomkhankaso wabafundi bakuleli wemfundo yamahhala i-Fees Must Fall. Muva nje uKhanyile ubebonakala eseka uMnu uNgizwe Mchunu obeboshelwe izinsolo zokuphehla uzwathi emphakathini nokuba ngubhongoza wezibhelu. Akuphelanga zinsuku zingaki uMchunu ededelwe ngebheyili imikhonto yabe isibheka ngakuye uKhanyile njengoba naye eseboshelwe izinsolo ezifanayo.

Njengoba uMchunu abaphoyisa asuka naye eThekwini aya naye eGoli , uKhanyile yena ucashunwe eGoli ngoLwesine olwedlule kwehliwa naye kwaziwa eThekwini.

NgoMsombuluko esiphuma kwo uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseThekwini mayelana necala lokugqugquzela udlame emphakathini njengoba kuthiwa wagqugquzela abantu ukuba bazitapele ezitolo ngesikhathi kunezibhelu maphakathi nenyanga edlule.

Icala lakhe lihlehliselwe uLwesine ( kusasa) kuleli sonto lapho kulindeleke ukuba afake khona isicelo sebheyili. NgoMsombuluko umbuso uphinde wawengeza amacala abekwe wona njengoba manje esemahlanu kanti phambilini belilodwa. Amacala engeziwe amabili elokungasifaki isifonyo kanye namabili okuhlanganisa abantu ngendlela engekho emthethweni okuphambene nemigomo yokulwisana nokhuvethe.

Ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwasenkantolo, okhulumela umndeni kaKhanyile, uMnu uPhilani Nduli uthe umndeni ukhungathekile ngokuboshwa kwendodana yawo. UNduli uthe umndeni ukholwa ukuthi uKhanyile uboshelwe ukuqhuba umkhankaso wokuthi kukhululwe obengumengameli uMnu uZuma.

“Kuyacaca ukuthi ubevele elandelwa njengoba eboshelwe esenyuvesi eWits kanti icala asolwa ngalo kuthiwa lenzeka lapha eThekwini ngenyanga edlule,” kusho uNduli.

Okhulumela uPhiko lwezokuShushisa kuleli, iNational Prosecuting Authority (NPA) uNkk uNatashan Kara uthe umbuso umsola ngokuthi mhla ziyi- 8 kuya zili-11 kuNtulikazi, emakethe eThekwini, uKhanyile wagqugquzela abantu ukuba babe yingxenye yodlame emphakathini.

Uthe ngomhla zili-10 kuNtulikazi emgwaqeni u-Anton Lembede uKhanyile waphinde wahlanganisa abantu lapho ayekhuluma khona kungekho emngcwabeni noma emsebenzini okuyinto ephambene nemigomo yokulwa nokhuvethe.

See Also

“Lokhu kuhlobene nezigameko zokutapa nezibhelu ezibekhona KwaZulu-Natal maphakathi noNtulikazi,” kusho uNkk Kara.

Okubonakala njengo mlando oziphindayo wukuthi nakulokhu uKhanyile usele yedwa ezikhindini lapho iningi ayehambisana nabo bengaphandle. Isibibindi sakhe asiveza mhla ekhulumela umndeni kanye noMnu uMchunu siyafana naleso asiveza mhla ekhulumela abafundi kepha njengakuqala angahle asale aphinde agwetshwe yedwa.

Lolu daba lusaqhubeka

Scroll To Top