Ingxoxo ekhethekile: Usezithwese ijoka lokufela enkundleni uBrooks


Umdlali osemncane weTS Galaxy uEthan Brooks oneminyaka eyi-19 ufaniswa nenkakha yeBafana Bafana uSteven “Schillo” Pienaar owayengukaputeni weqembu lesizwe eminyakeni eyedlule. Umqeqeshi omusha weBafana uHugo Broos akazange amshiye ngaphandle uBrooks ngesikhathi ekhetha abadlali abangama-23 abazomela iBafana kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
IBafana izodudulana neZimbabwe neGhana ekuqaleni kwenyanga ezayo emdlalweni yokuhlungela ukuzibekisela indawo eQatar. UBrooks ubeseqembini leBafana elikhale lemuka neCosafa Cup eGqeberha ngenyanga edlule.
Engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga, uBrooks udalule ukuthi uzokwenza konke okusemandleni akhe alekelele iBafana ekutheni iqale kahle.
“Ngizizwa ngijabule kakhulu ngokuba yingxenye yesikwati seBafana Bafana esizobamba iqhaza emidlalweni yokuhlungela ukuzibekisela indawo kweyeNdebe yoMhlaba. Lena ingqayizivele yethuba. Inhloso yami wukuthi ngifike ngisebenze kanzima uma sengifika eqenjini lesizwe. Ngifuna ukulifela izwe lami kule midlalo ngokubambisana nozakwethu esizobe siyibambe nabo,” kusho uBrooks.
UBrooks udlale umdlalo wakhe wokuqala kwelesizwe ngesikhathi iBafana ibhekene ne-Uganda emdlalweni wesihle obuse-Orlando Stadium ngoNtulikazi.
Ngemuva kwalokho akabange esabheka emuva. Ufake isandla iBafana iba ngompetha beCosafa Cup.
“Yize ngenze kahle kuBafana ngesikhathi sidlala iCosafa Cup kodwa ukukhuluma iqiniso bekungeyona into ebengiyilindele ukufakwa esikwatini esizodlala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba. Ngizizwa ngikhethekile. Ngizinikele ngokuphelele ngesikhathi sidlala iCosafa Cup. Bengifuna ukulibamba ngezandla zombili ithuba enginikwe lona yithimba labaqeqeshi. Ngeneme ngokuthi abaqeqeshi bawubonile umsebenzi wami omuhle engiwenze kuCosafa. Lokhu nje kukodwa kungifaka ugqozi,” kuqhuba uBrooks.
Eqenjini lakhe, iGalaxy usanda kugixatshezwa ngeshumi. Ubegqoke lona ngempelasonto ezakhe zibambana neKaizer Chiefs ngo 0-0 emdlalweni wokuqala weDSTV Premiership.
“Yebo, izinto zingihambela kahle ngoba ngibizwa kwelesizwe, yiseqenjini lami nginikwe ishumi kanti ngisasanda kuklonyeliswa ngomklomelo womdlali omncane ovelele eqenjini lami. Konke lokhu okwenzeka kimina njengamanje akuyona imilingo kodwa kungenxa yombono kaThixo. Ngisebenze kanzima kakhulu ukufika kuleli zinga engikulona njengamanje. Osekumqoka manje wukubamba umgqigqo ukuze ngiqhubeke ngikhule njengomdlali,” kubeka uBrooks.
Abaningi sebeqalile ukulibeka ngembaba elokuthi uBrooks ufanelwe wukudlala phesheya kwezilwandle.
Akungatshazwa ukuthi uma eqhubeka nokuzimisele njengoba enza nangempela usendleleni ebheke khona phesheya.
“Indaba yokunikwa ishumi akuyona into engicabanga ngayo kakhulu. Kimina nje, lena yinombolo efana nezinye. Kona phela angeke sikuphike ukuthi ishumi liza neyalo ingcindezi ngenxa yomlando walo. Lokho angeke sikubalekele. Ingcindezi nayo yinhle kwesinye isikhathi. Ubaba wami kade engitshela lokho. Yebo, ukugqoka ishumi kuza nengcindezi kodwa ingcindezi enhle. Ichaza ukuthi kumele ngingawudedeli lomgqigqo,” kulandisa uBrooks.
IBafana sekuphele iminyaka engama-19 yagcina ukuzibekisela indawo kweyoMhlaba.
Idlale kweyoMhlaba ngowezi-2010 njengosokhaya. Ngowezi-2014, eBrazil nangowezi-2018 eRussia ibingabonwa nangokhalo. Kwakungesifanayo ngowezi-2006 kwelamaJalimane.
“Into emqoka njengamanje wukuthi siye kule midlalo yokuhlunga ngokuzethemba. Lokho kumqoka. Sizimisele ngokuqala ngenothi eliphezulu,” kubeka uBrooks.
UBrooks ubize iningi la badlali abebeyibambe kuCosafa Cup.
“Iningi lethu selidlalile ndawonye. Iqembu lisalisha kodwa libophele abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Bazowenza umsebenzi. Ngikholwa wukuthi lokho kuzosisiza.” kuphetha uBrooks.
Isikwati seBafana Bafana:
Onozinti:
Veli Mothwa, Bruce Bvuma noRonwen Williams.
Izitobha:
Siyanda Xulu, Sibusiso Mabiliso, Thabani Dube, Thapelo Morena, Thabang Phete, Rushine De Reuck noNyiko Mobbie.
Esiswini:
Sipho Mbule, Ethan Brooks, Teboho Mokoena, Mothobi Mvala, Yusuf Maart noNjabulo Blom.
Abagadli:
Bongokuhle Hlongwane, Gift Links, Evidence Makgopa, Victor Letsoalo, Percy Tau, Luther Singh no-Thabiso Kutumela.